Tuesday, August 11, 2009

NGOWANI LO MSINDO NGOKUQANJWA KABUSHA KWE-KZN?

ILANGA LANGESONTO MAY 07, 2006

KUYETHUSA, kuyenyanyisa futhi kulichilo ukuba abezindaba kanye nosopolitiki babange omkhulu umsindo uma sekukhulume umlomo ongathethi manga, iSilo samaBandla Onke kulesi sifundazwe uNdabezitha Goodwill Zwelithini kaDinuZulu ngokuqanjwa kabusha kwesifundazwe kweliKaMthaniya kube yiKwaZulu.
Mhlawumbe sikhona isidingo sokuba emva kokwedlula kweminyaka elishumi izwe laseNi-ngizimu ne-Afrika lathola uHulumeni wentando yeningi, imiphakathi eyakhele nesizukulwane esizayo kulesi sifundisiwe ukuba kebachazelwe kabusha ngemvelaphi yegama KwaZulu-Natal.

IZulu eliPhezulu liyihlabe esikhonkosini ukuphakamisa ikuba sethiwe kabusha lesi sifundazwe futhi sibizwe ngegama vele esasaziwa ngalo kungakafiki aMaqadasi nezinjongo zawo zoku-cindezela abakhele leli zwe ngokwepolitiki, ezomnotho kanye nokushiya insila yokucindezeleka ingaphelile ngokomqondo kwabamnyama.


Ngaphambi kokungena esiphakamisweni seSilo, ngithatha leli thuba ukukhumbuza bonke abakhele lesi sifundazwe, ikakhulukazi wonke amaZulu akhonze KwaKhethomthandayo ukuthi njalo uma ukhulunywa izindaba ezithinta iSilo naseNdlunkulu, ikakhulukazi njengesabelo sezi-tiali KwiSishayamthetho, ngisho okungenadosi kuyatinyela.



Muva nje abezindaba basibikele ukuthi ongumholi weqembu labeLungu KwiSishayamthetho uMnuz Roger Burrows ukuhlabe wakuhlikiza ukwakhiwa koMthetho-sisekelo wesiifundazwe oqhakambisa amandla eSilo njengomuntu obhekele bonke abakhele lesi sifudazwe.


Zolo lokhu ongumholi weqembu lamaNdiya kwiSishayamthetho uMnuz Amichand Raj-
bansi uphakamise okuyimpicabadala lapho ethi zonke izizwe ezakhele lesi sifundazwe, kungaba. yiwo amaNdiya, amaBhunu noma amaKhaladi kufanele abe nawawo amakhosi ku­lesi sikhathi samanje ngoba ethi ziningi lezi zimali ezifuqelwa ehhovisi elibhekene nezindaba zeSilo naseNdlunkulu.

Ubhejane phume'siqiwini ukuphakamisile ukubhekisisa ukuqanjwa kwalesi sifundazwe KwiSithangami ebesidingida Impi Yemali YamaKhanda eye-nzeka kulesi sifundazwe emi-nyakeni elikhulu eyedlule (1906), lapho bekuhlangene khona uDkt Jacob Zuma, oSoMlando, AmaKhosi akhele lesi sifunda­zwe, izifundiswa kanye nabo bonke ababambe iqhaza ekwakheni kabusha umlando walesi sifundazwe futhi bonke bebeze ngamaxhama abo noma lawo adlalwa ngokhokho babo ekulwisaneni noKhandaPondo bangaleso sikhathi.

Ingqikithi yesithangami bekungukubhekisisa kabusha igama elethiwa ngabelungu kule mpi ethathwa njengeyaba namahlandla aqavile ekuhlanganiseni zonke izizwe ezimnyama ezakhele izwe laseNingizimu ne-Afrika, ngemuva kokuba amaNgisi namaBhunu (1899-19-02) eselwile, ehlulana ase exolelana ukuze akwazi ukubambisana ekucindezeleni abantu abamnyama kuleli zwe.
Bonke abebehambele lesi sithangami bavumelene ngokuthi ukubiza Impi Yemali Yama-khanda ngeBHAMBATHA RE­BELLION ayibaniki abaMnyama isithunzi kanye nesigqi esifanele le mpi ngoba phela, phecelezi, ngesiLungu 'to rebel' wukuphuma ecaleni udlove nje okungenamqondo, kanti lempi yabe ihlelwe ngesinono futhi bonke ababeyibambile njengoBhambatha Zondi, Sgananda Shezi, Mehlokazulu Ngobese, angesale ngaphandle noChakijana, ngoba babebambisene kakhulu nobukhosi baKwaZulu bangaleso sikhathi.

Nabo ubukhosi baKwaNxamalala eNkandla badlala enkulu indima kule mpi, njengoba sikhuluma nje maningi amathambo amadoda akulesisifundazwe alele ehlathini phakathi eNkandla.

Abafundi kufane bakuqondisise ukuthi Inkosi uDinuzulu iboshwa nje idingiswe, idunguzele ize ikhothame epulazini KwaThengisanga (Middelburg), yingenxa yokuthi inkosikazi kaBhambatha uSiyekisiwe yabanjwa yaboshwa eMahlabathini, yase iyaziqeketha izindaba kubeLungu ukuthi
yona nezingane zayo babecashiswe oSuthu yinkosi uDinuzulu.

Ukuphakanyiswa kwe"Kwa Zulu" njengegama okuzoqanjwa ngalo lesi sifundazwe kabusha kuba ngenkulu inselelo kwizakhamuzi ezakhele lesi sifundazwe.
Kungabe njengoba sigubha ikhulu leminyaka ngeMpi Yemali Yamakhanda senza ngokuyikho yini ukuthi ngisho bona abacubunguli ngokuqanjwa kabusha kwamagama ezindawo kulesi sifundazwe kube ngezinye izinhlanga na?
Kungabe idolobha elikhulu kulesi sifundazwe "DURBAN"laqambeka ngokuyikho yini ngoba phela idolobha eliyokomkhulu-mbuso kulelizwe "PRETORIA" lesulwa njengoba selaziwa ngeTSHWANE nje?
Kungabe lesi sifundazwe senza ngakho yini ukwenza imikhuba ehambisana nokulanda abafela ehlathini eNkandla ngesikhathi seMpi yeMali YaMakhanda nokulanda labo abasala emajele na?

Bekungaba kuhle ukuba uquqaba olwakhele lesi sifundazwe, njengezifundiswa nosomabhizinisi badlale eyabo indima ebonakalayo ukusiza izizukulwane ezizayo, ukuze zikuqondisise kahle ukuthi kusho ukuthini ukubiza lesi sifundazwe ngokuthi kuse "KINGDOM OF THE ZULU".

NKONZWENHLE MQADI
(OnguMbhali, uMcwaningi kanye noMhlaziyi wezindaba zePolitiki)
ETHEKWINI

2 comments:

  1. Ake sizwe phela, Nkonzwenhle, okusha-sha kwalonyaka esikuwo nokuphuma ebhodweni laMaqadi. Imnandi lento othande ukusipha yona: into-nje nanti nephango selithanda ukuzenzela futhi lapha kithi!

    ReplyDelete
  2. Cde Manyanya, kindly visit http://www.qadimaqadini.blogspot.com or surf me on Facebook
    "MAZIKHOKHELWE IZIDINGO-NGQANGI KUHULUMENI WENTANDO YABANTU"

    'ASINAMALI, ASIMELWE, AZIKHWELWA' Do yu remember the Apartheid days?

    Long live1
    @0825816323 / 0795010296

    ReplyDelete