SISIKA KWELIJIKAYO NGOMSOMBULUKO ISOLEZWE August 19, 2002
ESIKHATHINI esingaphansi konyaka kusukela kule nyanga ikhomishana kaDokotela Frederick van zyl Slabbert izokhipha izincomo zohlelo nenqubo entsha yokuvota kuleli zwe ezoqala ukusebenza ngo-2004. Ngemuva kokhetho olwedlule lwango-1999 ngabe kukhona yini amaqembu kanye nabavoti abakufundile kule minyaka edlulile na?
Ezweni elibuswa ngentando yeningi njengeNingizimu Afrika lapho kunamaqembu alinganiselwa emashumini amabili avame ukukhankasela ukhetho, kuyajabhisa ukuthi kuneqembu elilodwa lezepolitiki elikwazi ukudla umhlanganiso okhethweni ngokwedlulele, okubizwa nge two-thirds majority.
Ngisho zona izincomo zekhomishana kaVan Zyi Slabbert azizukwenza mehluko uma amaqembu asephalamende engaphumi ngokuzinikela ayozidayisa emphakathini ukuze kube yiwo alwela ukubusa emiphakathini yaknleli zwe.
Ubuhle bukahulumani wentando yeningi wukuthi ngisho lona iqembu eiibusayo liyazi ukuthi kunezimbangi ezilibhekile kukho korfke elikwenzayo
futhi okwenza lihlale libusa ngokuyikho. Phela amaqembu aphikisayo namanye asephalamende analo ilungelo lokubaketula ababusayo okhethweni olulandelayo uma zingafezwanga izethembiso. Isibonelo nje lapha KwaZulu-Natal ngemuva komshikashika ngodaba lwendawo eyodwa yokuhlala kwephalamende, kuze kwasiza umholi weqembu elingabusi esifundazweni ophakamise uMgungundlovu, njengendawo
yesiShayamthetho. Nempela ngemuva kwevoti uMsunduzi ugcine udle umhlanganiso.
Kubantu akade vele bengadingi ukuba izindaba zabo zidingidwe oLundi ngezizathu ezehlukene lwasho lukhulu lelo voti. Lokhu kukhombisa amandla iqembu eliphikasayo elinawo kuhulumeni wentando
yeningi. Zolo lokhu sonke sizibonele inkantolo yoMthethosisekelo ihlalele ukulalela le mpicabadala yomthetho wokublubuka kwamalungu ephalamemende futhi angalahlekelwa yizihlalo zawo.
Nakuba amajaji engakasikhiphi isinqumo esingujuqu kulolu daba, kodwa sesivelile isithombe sokuthi osopolitiki bahlose ukuhlubukela eqenjini elilodwa okuyilo elibusayo.
baholi abaqavile njengoMntwana Mangosuthu Buthelezi ohola iNkatha Freedom Party sebezwakalise ukukhononda ngokuba khona kweqembu elikhulu, elineningi ngokuvelele ephalamende. Phela yonke imithetho yasephalamende iqale idingidwe, ivotelwe ngobuningi beqembu ephalamende bese-ke iyaphasiswa.
Amaqembu angenalo iningi ephalamende ayohlala njalo ekhala ngaphansi ngokwevoti.
Uma ngabe wonke amaqembu ezepolitiki abesebenze ngokuyikho okhethweni olwedlule kungabe akukho lapho abaholi bekhala khona ngokuthi iqembu eiibusayo liphasisa imithetho engalungile ngoba ligabe ngokuthi vele uma sewuvotelwa umthetho lowo lizodla umhlanganiso ngoba limelwe ngokuvelele ngamalungu ephalamende. Uma amaqembu epolitiki ewenza ngokuyikho umsebenzi wokukhankasela ukhetho leli zwe lingagcina linohulumeni omelwe ngokulinganayo obusa ngokuhlanganyela. Lokho kungasiza ukuba yonke inqubo yokubusa iphathwe ngamaqembu amabili noma ngaphezulu ngokulinganayo.
Ngisho sekuphasiswe uhlobo olusha futhi olwehlukile kulolu olukhona njengamanje uma labo sopolitiki bengakazimiseli ukwenza okwehlukile kunokwenziwa yiqembu eiibusayo akukhombisi ukuthi kuzoba noshintsho kwipolitiki yakuleli zwe.
Iphalamende elikhulu eKapa kuke kwasuka lumzukuzuku omkhulu ngodaba lokuthengwa kwezikhali zezwe. Umholi wesifazane weqembu elingabusi iPan Africanist Congress uPatricia de Lilie, wavumbulula ukuthi kukhona okushaya amanzi ekusetshenzisweni kwezimali kulolu daba.
Kuyimanje abanye abaholi abaqavile beqembu lezepolitiki njengowayenguSotswebhu uTony Yengeni baphoqeleka ukushiya ezikhundleni futhbabhekene namacala omgunyatni ezinkantolo. Phezu kwakko konke lokhu abantu abaningi ezweni bakhononda ngokuthi uhulumeni obusayo awenzi lutho futhi awubanakile, bafa nsukuzonke bejuqwa ngumashayabhuqe wengculazi. Phela usizo lokwelapha abantu abampofu kulesi sifo lusezandieni zenqubomgomo yeqembu eiibusayo.
Ngikhulumisana nemiphakathi ezindaweni zasemakhaya, imiphakathi idinga kulungiswe udaba lokubambisana kwamakhosi endabuko abawakhele kanye namakhansela omasipala abawavotela. Uma sekukhona uhlelo lokubambisana olubonakalayo kulezi zinhlaka zokubusa, intuthuko namathuba emisebenzi ngeke aphazanyiswe ngokuthi wubani onelungelo lokuthuthukisa lezi zindawo.
Njengoba leli zwe lingene shi emshikashikeni wokushintsha isimo sokuphila umuntu nomuntu, wonke amaqembu ezepolitiki uma eseqala umshikashika (wokukhankasela ukhetho) wokuzicijela ukubusa leli zwe kufanele azinikele ukuvotelwa ukubusa, hhayi ukubalwa namaqembu asePhalamende nje.
Tuesday, August 11, 2009
Subscribe to:
Post Comments (Atom)



No comments:
Post a Comment