Wednesday, October 26, 2011

MAZIKHOKHELWE IZIDINGO-NGQANGI KUHULUMENI WENTANDO YABANTU

"ASINAMALI, ASIMELWE, AZIKHWELWA"-- zonke lezizaga zabe zihaywa kushubile emalokishini ayehlala abantu abamnyama kulelizwe ngeminyaka lapho ubandlululo lwabe ludla lubi kulelizwe laseNingizimu Afrika.

Kodwa-ke isithombe esisanda kudwetshwa nguNgqongqoshe obhekele ezeziMali, nokuqoqwa kweNtela kulelizwe, umnumzane Pravin Gordhan, ngokuphatha ngokungeyikho ngabaphathi bakaMasipala izimali zabakhokhi-ntela kufaka ungabazane ngobuholi bohulumeni basemakhaya.

Ngesikhathi enekela izwe ePhalamende eKapa kulelisonto, ngendima eseyikhathuliwe ngokusebenzisa iSabelo-ziMali (medium Term Budget) zonyaka ka 2011/12, uMphathiswa uzwakalise ukuthi sekuzodingakala kusetshenziswane ngokukhulu ukubhekisisa ekuphathweni kanye nasekuqoqweni izimali zentela kohulumeni abasemazingeni aphansi.

Nakube kunjalo, usahamba kahle umgqigqo kahulumeni wokuhlinzeka ngamathuba okwakha imisebenzi (Expanded Public Works Programme) kuwowonke amazinga kahulumeni, kugcizelela umnumzane Gordhan.

Ngezikhathi usasha umzabalazo wokugqugquzela ukungazikhokheli izidingo-ngqangi zikahulumeni wobandlululo emalokishini, anjengoLamontville, Sobantu, Khayelitsha, Alexander, Soweto, Hambanathi, namanye amaningi, kwabe kulikhwelo elalizwakakala ngoba babengekho abaholi bomphakathi ababekhethwe izakhamuzi.
Kepha abaholi-mbumbulu bangalesosikhathi kwabe kuyizichuse-nje ezazinhlanhlatha zimpampiswa inkambiso yamaBhunu ukuqhubezela ukugcindezelwa kwamanyama kulelizwe.

Kungaleliphuzu lapho kungethusile ukuvela nokudwetshwa kwesithombe sokuthi loMnyango oqoqa izintela kulelizwe ukweletwa izizumbulu ezibalelwa ngaphezulu kwezigidigidi zika R62.3 billion ngohulumeni boMasipala.

Uma ebabala uNgqongqoshe Gordhan, sebebonke abaphathi ababudedengu ngezimali zabakhokhi-ntela batholakala komasipala abangamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nantathu (283 municipalities in serious debt) futhi basabalele nezwe lonke.

Ngeminyaka yobandlululo kwakunesisho esithi,phecelezi;"Without representation, No taxation"-
Sikhokhiselwani, Sikhokhelani, Sizokhokhelani ngoba simelwe ngahaholi abangonopopi bamaBhunu, abasitshela ukuthi bayenziwe kanjani intuthuko ezindaweni esihlala kuzo, kodwa abangafuni ukulalela uvo lwethu na.

"Mphakathi, Zakhamuzi ezakhele lelizwe laseNingizimu Afrika, kufanele nizikhokhele zonke izidingo-ngqangi enizisebenzisayo lapho nihlala khona (municipal services).
Akwamukelekile neze ngezikhathi zikahulumeni wentando yabantu ukungazikhokheli izidingo zempilo enizilethelwa nguhulumeni owakhethwa yinina.
Singumnyango obhekele ukuqoqa iFa likaHulumeni (National Treasury) sizimisele ukusebenzisana nabaholi beSouth African Local Government Association (SALGA) kanye ne South African National Civics Organization (SANCO) ukukhuthaza isiko lokuqoqa nokuzimisela kwethu sonke siyizakhamuzi ukukhokhela izidingo-ngqangi (rates) ezindaweni esihlala kuzo" kugcizelela uGordhan.

NgingowaseMaqadini, nami ngihlaba ikhwelo lokuthi abaholi bethu emazingeni asondelene nathi (emakhaya) mababe isiphefu esizokhanyisa ngokuyikho ngokusebenza kukahulumeni owakhethwa ngabantu kulelizwe.

Ongumholi oqavile wezinyunyana zabasebenzi bakaMasipala, umnunzane Ntokozo Nzuza, uvele wakhomba ngenjumbane izikhulu thizeni kuhulumeni womasipala ngokuzibhekelela bona bodwa ngezimali zabakhokhi-ntela.
"Ekungabe kuhlinzekelwa izidingo-ngqangi zezakhamuzi, imiholo yabasebenzi eyamukelekayo nephilisayo, kanye nokugqugquzela ukuba omasipala baholwe ngendlela ehlelekile, uthola abaphathi beziholela izizumbulu zezimali kanye nokuzenzelela kwimisebenzi ekhishwayo yokulungisa ingqala-sizinda kulabohulumeni" wabeka kanje.

Mangiphetha lesiphakamiso sokusebenzisana ngokuyikho emazingeni kahulumeni womasipala, ngithanda ukuyigqobha ngamazwi ashubile aphinyiswa kungekudala nguMphathi-Jikelele (Director-General) woMnyango wokuqoqa iziNtela zikaHulumeni, umnumzane Lungisa Fuzile.

"Kulihlazo, futhi kuyenyanyisa ukuthi kuseneminyango kahulumeni eseyehluleke yancama ukukhokhela intela kahulumeni.
Okusixakayo ngukuthi lezizumbulu ziphelelaphi noma zisebenzaphi ngoba sisuke sesibabele abazoyisebenzisa ngokukhokhela lamabhilidi abasebenzela kuwo.
Futhi sisuke sihlephule kuyona kanye lemali yabakhokhi-ntela kusale esesizohlinzekela ngayo ukuhambisa izidingo-ngqangi kwimiphakathi yethu" kubalisa umnumzane Fuzile.

Nokho okunika ithemba isibophezela sakhe sokuthi baphezu kokwakha uhlelo oluzolwisana nokungcola, ukweba kanye nobugebengu (corruption0 obudlangile kubaphathi beminyango emikhulu kohulumeni basemakhaya, ngoba, ngokusho kwakhe, lokuhluleka ukukhokhela intela kahulumeni kunomthelela ekuhlinzekeleni ngezidingo-ngqangi kwimiphakathi eyakhele lezozindawo.