Saturday, September 19, 2009

THABO MBEKI'S POLITICAL DEMISE: SACP's 2006 DISCUSSION DOCUMENT & JUDGE CHRIS NICHOLSON'S RULING ON JACOB ZUMA'S "FICTITIOUS" TRIAL

A Human Rights Activist, a learned, experienced and most erudite judge strucked off the roll before the Pietermaritzburg High Court Jacob Zuma's corruption case by drawing strong political interference by the South Africa's Highest Office, then.

Thabo Mbeki's political astuteness, or must we call it, political arrogance saw him having the temerity to dismiss { writing on ANC Today} the 'Working Class Vanguard' seminal paper crafted in preparation for the SACP Special Congress held in Port Elizabeth that it was the work of the 'Prophets of Doom'.

MKHUZENI LOMONGAMELI KAKHONGOLOSE-NGENQUBOMGOBO YEZOMNOTHO
{Ilanga; October 26-26, 2006}

Izivunguvungu zokuqophisana ngamazwi ashubile phakathi kwabaholi, okungoweqembu elibusayo lika-Khongolose kanye neqembu elingama-dlela-ndawonye nalo okungelamaKho-manisi, kuhle, kuyancomeka futhi kuya-likhulisa nesiko lenkambiso yentando yeningi kuleli zwe.

Nokho-ke kodwa labo dalimede baka-muva-nje phakathi kukamfo ka"Siphambano", onguNobhala-jikelele wamaBomvu. kanye nomfo kaMzizi, uMengameli wezwe, baphonsa inselelo kubalobi ukuba bake bahlaziye bese becacisela uquqaba olusemazingeni aphansi ngenkambiso okuphokophelelwe ukuba mayisetshenziswe kuleli zwe ukuze uwonkewonke ahlomule kwizithukuthuku nezithelo zikaHulumeni obusa ngenqubomgomo yezomnotho eyosula izinyembezi ka­nye nayo yonke imiphefumulo eyaswelakala kulwela lo hulumeni obusa ngenta-ndo yeningi eNingizimu neAfrika.

Cishe bonke abangabasebenzi kulelizwe kanye nama"Bomvana" kuhlanganisa lonke uquqaba olumpofu olwakhele lelizwe, bayawuqhakambisa umbhalo ngumhlahlandlela, obizwa phecelezi
'SACP Disrursjon Document', ngaphansi kwesihloko esithi "Khuluma",phecelezi, "Bua; Khomanisi' owabe ushicilelwe ngenyanga kaNhlaba (May) 2006 ngoba uyihlaba esikhonkosini ngobubha izakhamuzi zakuleli zwe ezibhekene nabo nokuswela imisebenzi mihla yonke yempilo yazo kuwowonke amazinga abaphila behlala ngaphansi kwawo.

Ingqikithi yokubhala kwamaKhomanisi kwakungukuvukuza nokuhabulisa uquqaba njengoba sebezilungiselela ingqungquthela ezoba maphakathi noyaka osazokwethwasa. Lo mbhalo we-SACP uphonsa imibuzo eyinselelo kwizakhamizi kanye nabahlali kuleli zwe, njengokuthi ngemuva kweminyaka eyishumi nambili, kukhona yini ngempela umsebenzi nomsebenzi kuleli zwe angakuqhakambisa njengezithelo asebezivunile ngemuva kweminyakanyaka lapno isithunzi namalungelo abasebenzi kade ehudulelwa phansi khona na.

Kungezikhathi ezilukhuni njengalezi lapho uquqaba olwakhele leli zwe kungafanele nangengozi lumatanise ukuqophisana kwabaholi ngokweziqu zabo uqobo, hleze baphunduleke baze balu-theke ukuthi umholi nomholi usuke eqhakambisa lokho okuyisisekelo nenqubo-mgomo yeqembu aliholayo.

Inselelo enkulu ngethi kungabe sesifikile yini isikhathi lapho abampofu, okungabasebenzi - kwelongxiwankulu sekufanele bagweve uthi baqhakambise amandla omnotho alele ezandleni zabo na?
NjengoNobhala-jikelele weqembu leSonth African Communist Party, uMnu Blade Nzimande nomthwalo osemahlombe akhe wokuphonsa imibuzo engenakuzwakala kahle kwabanye, njengo-mbuzo-ngqangi wephepha abasanda kulishicilela.

"Kungabe ngempela inqumo-mgomo yezomnotho (Gear) yakuleli zwe ibhekephi futhi ihlose ukusiza bani uma ngemuva kweshumi nambili leminyaka leli zwe lathola inkululeko kepha umnotho wakuleli zwe uyaqhubeka nokuqhoqhobalwa yingcosana yabomdabu kanye neningi labongxiwankulu abaMhlophe abangabakhathalele abampofu kuleli zwe na?" okungumbuzo oqavile obhalwe ngamaKhomanisi.

Ngumbuzo onjengalona ophonsa izinselelo kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu ne-Afrika lapho kusuke kulethe ungabazane ngokufezekisa iphupho lesigaba sesibili futhi ekungesokugcina nge­muva kosuku lwenkululeko kwabaningi, esaziwa phecelezi,National Democraric Revolution NDR

Ephendula njengomholi weqembu elibusayo kuleli zwe, uMengameli Mvuyelwa Thabo Mbeki, ube esebhala encwadini yakhe ephuma masonto onke, "ANC TODAY", ngoLwesihlanu lwangomhla zingama-23 kuNhlangulana (June) 2006 lapho ezwakalise ukunengeka, wacela usizo kongaPhezulu ngala magama: "Mdali, Mnini-mandla wonke, sisize usivikele kulaba bapholofethi bamanga" esho eqondise kwi-SACP Discussion Do­cument.

Kuliqiniso elingephikwe izakhamizi zakulelilizwe ukuthi kukho­na ukungaboni ngaso linye kuma-qembu angamadlela-ndawonye awumbimbi kulelizwe ngenkambiso yenqubo-mgomo we-zomnotho kusukela kwaphasiswa umthetho weGear ngowe-1996.

Kodwa Izithwalandwe ezalwisana nohulumeni wamaBhunu nobandlululo kwaze kwatholakala umbuso wentando-yeningi, ziyakuncoma lokhu kujikijelana kwabaholi, futhi zikuqhakambisa nje-ngesisekelo esakha sakhulisa le nqola emasondosondo eyisikhondlakhondla seqembu likaKhongolose ngaphandle kokudicilela izithunzi zabaholi phansi.

Phezu kwale nkombankombane ebonakalayo ngomhlahlandlela wenqubo-mgomo wezomnotho okufanele ulandelwe nguHulumeni obusayo eNingizimu ne-Afrika, bonke ababeyibambe ekha-leni kumzabalazo wenkululeko kuleli zwe, babala amadelakufa angamaqabane ayengoNobhala-jikelele bamaKhomanisi njengoMnu Moses Kotane noMnu Moses Mabhida ukuthi uma ngabe basadla anhlavana namuhla kungabe bawa bevuka ngokushiwo nguNobhala jikelele wamaKhomanisi kulesi sikhathi esikuso.

La madoda angasenhla achazwa njengalabo abanikela ngempilo yabo kunokubona iqembu lamaKhomanisi lilahlekelwa ngelalikuphokophelele (focus) okubizwa phecelezi, National Democr atic Revolution, lapho umnotho wakulelizwezwe uyobe sewuhleli ezandleni ezingabanikazi bawo - abasebenzi.

Umbuzo-ke ongaphenduleki ngothi empeleni yikhona lokhu osekubangele umholi weqembu likaKhongolose athi sesidinga usizo (intervention of celestial powers) ngoba leli qeqebana lamakhomanisi eliphila kule nkulungwane yeminyaka - "our own 21st century Marxist" liyedusa, liyanhlanhlatha futhi licaphuna ngokungeyikho lowo othathwa n ngobaba wobukhomanisi emhlabeni jikelele, uKarl Marx, encwadini yakhe ayiloba ebizwa nge "Das Kapital" lapho eqha mbisa khona abangombela kwesabo, phecelezi,"capitalist accumulation".

Nkonzwenhle Mqadi
EMLAZI

-----------------------------------------&&&&&&&&&&&&&&&-----------------------------
NGOWANI LO MSONDO NGENCWADI EBHEKISWE KUBAMELI BAKAZUMA?
{Ilanga LangeSonto; July 9,2006}


Lo msindo ongaka osuqubukile ngenxa yencwadi eyabhalwa yi-zikhulu ezihola ithimba loFezela kulesifundazwe ibhekiswe kuba-meli beSekela-Mongameli weqe-mbu likaKhongolose uMnuz. Ja­cob Zuma, nakubameli benka mpani yaseFrance ekhiqiza izi-khali yakwa-Thint, kanye naku-lowo ophethe amajaji kulesi si-fundazwe iJaji Vuka Tshabalala, kufanele ibhekwe ngalokho eyi-' yikho ngempela kanye nazozo-nke izinhloso ezihambisana no-kubhalwa kwayo. Ukubhalelana izincwadi eziqo-ndene nakho konke okuhambi-sana necala elisuke selisezithe-beni zenkantolo phakathi kwa-bameli, ngisho nalabo abasuke bemele umbuso, kuyinto ejwaye-lekile futhi ekungenasidingo so-kubanga umsindo ngayo. Kodwa-ke, ukuvumbuka kwale ncwadi ebhalwe ngorahla ka 23 Juni 2008 iphuma ngasohlango thini loFezela (Scorpions) kuye-thusa. Phela lapha sikhuluma ngenzukazikeyi yecala elingu-ndaba-rnlonyeni kwezepolitiki-futhi ngokuqulwa kwalo sonke sizozibonela ukuthi inkambiso nokukhula kwezomthetho seku-hambe ibanga elingakanani ku-leli zwe laseNingizimu ne-Afri-ka. Le ncwadi ndini okukhulunywa
ngayo ayiqukethe zimanga, nga-phandle nje kwesicelo ngabethi-mba loFezela ukuthi banesicelo sokuba abameli bakaMnuz Zu­ma, kanye nenkampani yezikhali yakwaThint kebabanike ithu-tshana elingaphezu kwezinyanga eziyisithupha behlanganisa "imbumbulu yecala" elizobhe-kana nalaba mangalelwa aba-ngasenhla.
Tzazi zomthetho nokho aziboni kisyisicelo esiyingqaiiiivele lesi kwezomthetho, nokho baphaka-misa igalelo elinzima lapb.0 be-veza khona ukuthi "Hhiya umfo kaMsholozi unqobe engasapho-nsanga nakanye kuleli thimba loFezela".
Uma ngicaphuna okubhalwe phansi kwi-Criminal Procedure Act 51 of 1977, abameli bakaZu-ma abasenanduku abangayigale-la ngoba ngokomthetho zephuki-
le kwithimba elimshushisayo. Ngixoxe nezingqayingqayi ese-zimnkantshubomvu kwezomthe­tho zithi uMnuz Zuma kanye ne-thimba Iakhe sekuyofanele uku­thi ngosuku obekufanele kuqa-Iwe ngalo ukuthethwa kwecala lakhe, benze ngaphakathi eNka-ntolo eNkulu yaseMgungundlovu isicelo sokuba aliphele leli cala ngoba sekusobala ukuthi umbu­so wabe uvele ungenacala onga-libhekisa kubo kwasekuqaleni. Naye uMnuz Michael Hulley, ongummeli kaMnuz Zuma useku-shilo kwagcwala umlomo ukuthi lowo ammele enkantolo umyale-le ukuba aphikisane ngayoyonke indlela ukuba leli cala lisenga-phinde lihlehliswe futhi. Kodwa okunguye okubeke kwacaca bha njengempuzi igadula ehlungwini kube ngumphathi-jikelele we-nkampani yezikhali, engumma-ngalelwa wesibili kuleli cala, uMnuz Pierre Moynot. "UMbuso r.ezinkantolo zakuleli zwe bazidlalela ngesikhathi nje ngoba kwasekuqaleni babenge-nalo icala abangalibeka kithi ka­nye noMnuz Zuma. Abanabo ubufakazi bokusishushisa nge-nto engekho ngaphandle-nje ko-kusebenzisa izinkantolo ekufe-zeni izinjongo zabathile zezepo-litiki" kuchaza uMoynot. Njengoba uSomQulu obizwa nge-Criminal Procedure Act ka­nye neConstitution yakuleli zwe
ikubeka kucace bha ukuthi umu-ntu nomuntu ovele esebekwe amacala kufanele umbuso umni-keze konke okuhambisana nama-cala azobhekana nawo, kungabe ithimba loFezela belethembeni ngokubeka amacala lowo obhe-kwe ukuthatha izintambo zoku-hola leli zwe ngo-2009 ngapha-ndle kobufakazi obubambekayo na? Iningi laziwela ngomhla ka 12 Meyi 2006 eNkantolo eNkulu ya-seThekwini lapho abameli baka­Mnuz Zuma babenze isicelo so-kuthola umqulu obizwa phece-lezi nge"complete indictment ukuze bakwazi ukuzilungiselela amacala ababhekene nawo kuse-nesikhathi.
Ngokungathekisa-nje, isinqumo esakhishwa yiJaji uPhillip Levi-nson sokuthi umuntu onamandla okwenze njalo yijaji eliqokelwe ukuthethwa kwecala likaMnuz Zuma, kushiya imibuzo engaphe-nduleki ngokuthi yena qobo lwa-khe lowo ophethe amajaji kulesi sifundazwe ubanjw;e yini ukwe-nekela izwe lowo okubhekeke engamele icala-likaMnuz Jacob Gedleyihlekisa Zuma ngomhlaka 31 Julayi 2006.

Kubhale:
Nkonzwenhle Mqadi (Umbhali, umcwaningi, nomhlaziyi wezinda-ba zepolitiki) ETHEKWINI


-----------------------------------------&&&&&&&&&&&&&&&-----------------------------

INKIYANKIYA ESIYAKHELWE NGOFEZELA (SCORPIONS) KULELIZWE
{UMAfrika; Sept 1-7, 2006}

ABEZEMIDLALO bakuqhakambi-sa kabi ukuthi akukho muntu ongaba ngumdlali enkundleni aphinde fuihi abe ngunondweba kulowo mdlalo.
Lesi sisho sesivele sahlala obala ngemuva kwezethulo zasenkantolo ezifungelwe - ebezethulwa ithimba labamangalelwa, okungusekela-mongameli weqembu likaKhongoIose, uMnuz Jacob Zuma nenkampani eyisikhondlakhondla ngokudayiswa kwezikhali ebizwa ngeThint.

Ngenxa yokuthi lolu daba sezithebeni zenkantolo, phecelezi (sub judice), asizungena emnqakiswawsni ngokuyiqiniso nokungelona kula macala okuthiwa ngawenkohiakalo nokukhwabanisa ngokugwazelana.

"UNGEiPHIKWE umsebenzi omuhle wethimba loFezela ekulweni nokudlanga kuzo zonke izinhlaka kobugebengu... "
Kodwa-ke okufanele kubhekisiswe ngumuntu nomuntu oyisakhamuzi kuleli lizwe yile nkiyankiya esibonokala ikhungethe ithimba laboFezela ekushushiseni ngempumeleio abamangalelwa esi-thathe cishe iminyaka engaphczu kwemihlanu ibaphenyisisa.

Nokho ungephikwe umsebenzi omuhle wethimba loFezela ekulweni nokudlanga kuzo zonke izinhlaka kobugebengu eNingizimu Afrika.
Kepha-ke la maqiniso ngokwezincwadi ezifungelwe ezethulwe phambi kweJaji leNkantolo eNkulu ya-seMgungundlovu ashiya inqwaba yemibuzo engaphenduleki ngokusebenza "kwamasosha aphinde azikhuze", njengalowo owabe engumQondisi wezokuShushiswa koMphakathi nowayenguNgqongqoshe we-zoBulungiswa kuqala uphenyo ngala macala.

Isithombe esakhekayo emiqondweni yezakhamuzi zakuleli lizwe sijikijela imibuzo ngokuthi kanti uSomQulu, phecelezi, iCriminal Procedu­re Act noMthethosisekelo yakuleli lizwe iqhakanjiswa futhi ilandelwe nini uma kuvela izitatimende zabamangalelwa zikhalaza ngokudii lezi
zikhulu engizibale ngasenhla zavele zanhlanhlatha nje zalandela izinhloso-ngqangi ezazifeza izinjongo zazo, ngaphandle kokuhlonipha nokuqhakambisa amalungelo esakhamuzi nesakhamuzi esakhele leli lizwe?

Isibonakaliso-nje, iqabane elinguMnuzTony Yengeni liphakathi KwaMjibha ngakho njalo belu ukuluthwa nokukhohliswa wase elivuma icala lomgunyathi kweminye yemizi yala bafokazi ababaliwe ngasenhla.

Lokhu kugamanxa kwalezi zikhulu ezimbili kulolu daba olusezithebeni zenkantolo kuphonsa inselelo kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu ne-Afrika ukufundisisa nokuhlaziya izincomo zeKhomishini kaJaji Sisi Khampepe eseyethulwa eHhovisi li-kaMengameli Thabo Mbeki ngoku-phinde benze iziphakamiso ngokwe-migomo kaHulumeni wentando yeningi ngokusebenza kwethimba lo­Fezela ekuhlumeleliseni ukuzethemba izinhlaka ezakhelwe ukulwa nobugebengu kuleli lizwe.

Masibhekisisa ngamehlo ezingqapheli lolu daba lokushushiswa kukaMnuz Zuma nenkampani eyadayisela leli lizwe ngezikhali, kubonakala imifantu yesekisi.

Ngokomthetho waleli lizwe, ngokwezikhundla zawo la madoda angasenhla kuyasikhungatha ukuqondisisa ubuhlakani obabungenza kube yiwo kanye ayeyibambe ekhaleni nsu-ku zonke kuphenywa uMsholozi.

Ngisho yena qobo lwakhe uThabizolo, uJaji Qedusizi Msimang obhekene nokuqulwa kwaleli cala uyongena emlandweni wezazi kwezomthetho ngokuhlaziya aqule icala eliyobizwa ngelobugebengu, kodwa kucace njengongcede efusini futhi umphakathi wakuleli lizwe ube wazi kahle ukuthi akukho bugebengu obake baqulwa ngokwepolitiki emhlabeni jikelele. \

"MASIBHEKISISA... lolu daba lokushushiswa kukaMnuz Zuma nenkampani yezikhali, kubonakala imifantu yesekisi".

Kubhale: NKONZWENHLE MQADI
EMLAZI


---------------------------------------&&&&&&&&&&&&&&&--------------------------------

MAKUBHEKWE IZINHLA EZIHLUKUMEZAYO NGOKUPHASISWA KWEMITHETO ETHIZE
{Ilanga ; February 5-7, 2007}

Sekuvulubuke izibalo ezethu-sayo ngokuphela kweisebenzi kuleli zwe ngenxa yezincomo zikaHulumeni ezintsha zokuphasiswa kweminye imithetho ngoku-bhema ugwayi, phecelezi, New Tobacco Products Control Bill. Kungekudala iningi lizizwele amaxhwele ezikhalela kwinkulu-mo-mpikiswano ebeyenziwa ngesinye sezi-teshi zomsakazo esizimele esizinze enka-beni yeTheku ngemithetho ehlongozwa nguHulumeni.
Kodwa-ke ngemuva kokwethamela ingu-yazana lapho kade kuqhakisana labo aba-simele ePhalamende elikhulu laseKapa ngalo mthethp-sichibiyelo, njengombhali ongasiyena umbhemi wanoma yikuphi oku-fuquza intuthu, ngiphakamisa ukuthi ayi-phindwe inekwe ezithebeni le mithetho enqanda noma ekhalima ukubhenywa ku-kagwayi kuleli zwe. Nakube seyicela eshu-mini iminyaka kwaphasiswa imithetho yo-kungafuquzi ugwayi esidlangalaleni kuleli lizwe ngoba kwesatshelwa ububi kanye ne-zifo ugwayi onomthelela kuzo ezimpilweni zomphakathi, sekuvele isithombe esingena-kubalekelwa futhi esesibe nomkhulu um-thelela lapho leli lizwe likhungatheke kho-na ngoMiphela kweimsebenzi kwizakhami-zi.
Nakube ngokomgotoo (in principle) si-ngeke saphikisana nezincomo zikaNgqong-qoshe wezeMpilo ekushayeni imithetho ephokophele ukuphephisa imDilo valaho
ndaphindiwe. Iningi lezakhamizi ezakhele elaseNingizimu neAfrika liyavumelana ukuthi ngemuva kokuphasiswa kwemithe-tho elwisana nokubhema ezindaweni ezi-gcwele imiphakathi, nalabo abangezwani nephunga lokuhogela ugwayi bese bezizwa bevikelekile futhi nempilo yabo seziphe-phile kulemfucuza kagwayi. Ngisho lona iningi losoPhalamende bayavumelana no-bungozi obubhebhezelwa intuthu kanye ne­phunga elihambisana nemindweza, ikakhu-lukazi njengoba sekuthe chithi saka nezi-inbombayi zemindweza ekhiqizwa ngama-zwe aziwayo ngokukhiqiza "oshibhulayini".
Kodwa-ke izibalo zokulahleka kwemise-benzi ezethulwe ngoyisikhulu esiphezulu kwisikhondlakhondla senkampani ekhiqi-za inqwaba yogwayi ababhenywa kakhulu kuleli lizwe ePhalamende, uMnumzane Da­vid Crow wakwaBritish American Tobacco (BAT), ziyethusa.
UMnunzane Crow useyihlabe wayihlikiza inhloso-mgomo yemithetho enswinya ezo-kubhema kuleli lizwe ngenxa yokuthi uthi inomthethelela ekulambiseni kanye noku-bulala ikusasa le mindeni engahlanganise lutho nokubhema noma ukungabhemi ka­nye nazo zonke izinkinga ezihambisana nalo mkhuba. "Ekuqaleni kweminyaka ya-wo-1990 izimakethe zethu zikagwayi kuleli lizwe bezikhiqiza okubalelwa enanini lo-kungu-36 billion, kodwa manje sekwehle
ncwsilrhiflii ioiuinitii ciim oo k;ii;«« i----------------
kwinani labasebenzi abayizinkulungwane ezinhlanu (5 000) ebesibaqashili sasala ne-dlanzana lezisebenzi eziyizinkulungwane ezimbili (2 000) kuphela. Futhi-ke asimile kulesi sibalo ngoba kungekudala sizodiliza amanye amakhulu amathathu (300) kunge­kudala bese siyayivala imboni yethu ekhi-qiza ugwayi ese-Paarl" kuchaza uMnu Crow.
Lesi sikhulu senkampani ekhiqiza ugwa­yi siphinde sengeza ngokuthi kwabona abalimi abasebenzisana ekukhiqizeni ugwayi ababalelwa ku-816 baklinyekile osekubaphoqelele ekubeni badilize izisebenzi ezisuka ngaphezulu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha (60 000)baze basala nemithonselana ebalelwa kwizinkulungwane ezingamashumi amabili nanye (21 000)kuphela. Nakuba kungephikiswane nezinhloso-ngqangi zikaHulumeni ngalo mthetho-sichibiyelo, kepha bekuyoba kuhle ukubhe-kisisa zonke izinhla zomphakathi eziyohlu-kumezeka njengako ukuphasisa imithetho enomthelelo njengokagwayi ekupheleni kwemi-sebenzi ebeyingavimbeleka.

Kubhale: Nkonzwenhle Mqadi
eThekwini