Tuesday, August 11, 2015

NGOWANI LOMDONSISWANO NGEHOVISI LOMVIKELI WOMPHAKATHI--PUBLIC PROTECTOR?

NGEMPELA, ngempela lomdonsiswano ngehovisi elinganyelwe ngunkosazane Thulisile Madonsela ngowani, uyophelelwaphi, noma-ke, ubangwa yini kangaka na?

Ukuphathwa nje kwaleligama, phecelezi, Public Protector, kulelizwe laseMzansi, kuvusa enkulu imvungamo ngokwehlukana kwezinhlaka zezakhamuzi ezakhele lelilizwe lethu lase Ningizimu Afrika.

Njengomunye oyisakhamuzi kulelizwe elibuswa ngentando-yeningi, futhi onokubheka izinto ngelokuzihlaziya, kuyakhathaza lokhu ngokuba lelihovisi lakhiwe ngokusemthethweni futhi luwuhlakaolakhelwe ngaphansi koMthetho-Sisekelo wakuleliZwe, okubizwa phecelezi, Chapter 9 institution.

Lesisisakhiwo ngokwesigaba soMthetho-Sisekelo weZwe sikubeka kube sobala ukuthi; "Loyo ophathiswe ukwengamela leliHovisi loMvikeli woMphakathi kubhekeke ukuba asebenze futhi awenze umsebenzi wakhe ngaphandle kokwesaba, ukungabaza, ukwenzelela noma ukusatshiswa kunanoma ngeyuliphi icalo nophenyo oselethulwe phambi kwehovisi lakhe. Ekupheleni kophenyo kufanele ukuba makenze izincomo ngakutholile."

Umbuzo-ngqangi, ngothi njengoba leliHovisi phambilini belisebenza ngokuthula ngesikhathi lisanganyelwe ngu Adv Selby Baqwa kanye noAdv Lawrence Mushwana, kungabe lomsindo osudlange kangaka ngalelihovisi ubangelwa ngukuthi seliphethwe ngowesifazane na, noma-ke, sekuyindlela thizeni olengamele asebenza ngayo?
Makungenjalo, ngiphakamisa ukuba kwabanganolwazi basikhanyisele njengabefundi baleliphephandaba, ngoba impela sikhungathekile ilendaba ngokusebenza kwalelihovisi. Nalabo abasafisa ukuyokwethula izikhalo ezizophenywa yileHovisi loMvikeli woMphakathi sebenongabazane ngokwethembeka kokusebenza kwalo, futhi sekwakheke nongabazane ngokusebenza kwalo ngokungachemile.

Kungabe leNtokazi esiphathiswe leliHovisi isebenza ngandlela-thizeni entsha noma ehlukile kuleyo ebekukade kusebenza ngayo oZakwabo ebebengamele ngaphambi kokuqashwa nokufika kwakhe na?

Kungenzeka yini na ukuthi uAdv Thuli Madonsela usevele wakushintsha konke ukusebenza kwaleliHovisi loMphakathi, wavele walenza laba nguye siqu sakhe qobo, hayi isakhiwo sikaHulumeni sokukhulisa ukusebenza kwentando yeningi ngokungachemile emehlweni azo zonke izakhamuzi ezakhele leli liZwe na?

Nakhu okulandelayo okuyikho kungiphoqe ukuba ngizijube ngizibuze ngokusebenza kwaleli Hovisi loMvikeli woMphakathi ngaphansi kobuholi buka Adv Thuli Madonsela.

Mawukhuluma ngaleliHovisi loMvikeli woMphakathi -imibono iyehlukana kakhulu- ngohlaka nohlaka lomphakathi osuke ukhulumisana nalo ngaleHovisi.

Njengalokhu nje, abamaQembu aphikisayo ePhalamende bamthanda bayazula ngalo Adv Thuli Madonsela, ngokuba bambona njengohlaka olubalwela izimpi zabo ngakwezepolitiki ebhekiswe kwabahola iqembu elibusayo kuleliZwe.
Isibonakaliso nje, usebonakala njengoshaya ephindelela koyiNhloko yeqembu likaKhongolose ngalenzuka-zikeyi yodaba lokwakhuwa kwezinsiza zokuphephisa umuzi kaMongameli weZwe kwelase Nkandla,.

Ngakolunye uhlangothi, abezindaba -kuyo yonke imikhakha- babika bephindelela ngalo Adv Thuli Madonsela, bethi uyatinyela, futhi ungowesifazane ongazwile -ozimele- ongesabi muntu ngokusebenza kwakhe.
Qwiqiqi, uAdv Thuli Madonsela, usevele wakhiwa isithombe ngabezindaba njengalowo oshaya amangwevu ewabhekise kumuntu oyedwa, okunguMnunzane Jacob Gedleyihlekisa Zuma, futhi abezindaba abasanakile noma bashicilele eminye imisebenzi nophenyo lwamalungelo omphakathi ekungabe lwenziwa yileliHovisi kuleliZwe.

Kanti kwiningi labalandeli beqembu elibusayo kuleliZwe- uKhongolose- kanye nabobonke abangalandeli bamaqembu awuMbimbi waNxantathu (Tripartite Alliance), sewaphenduka iqaqa loMphathi weHovisi loMvikeli woMphakathi kuleliZwe.
Abanye ubezwa bemgxibha khona emisakazweni nakumaphephandaba bethi, usezibona emkhulu ngokwedlulele kunamandla anikezelwe ihovisi lakhe nguMthetho-Sisekelo wakuleliZwe.

Kungekudala, uAdv Thuli Madonsela kade ebize isiThangami nabeziNdaba ePitoli, lapho efike washiya angalazi esola ukusebenza kanye nezinqumo ezithathwa yiHovisi likaSomlomo ePhalamende, uNkosikazi Baleka Mbete,
OnguNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleliZwe, umnumzane Nathi Nhleko, uvele nje wamchaya wamveza njengomuntu ongeke athenjwe ngoba izethulo nezincomo azethulela izwe ngemuva kokuthunywa isakhiwo esibizwa , phecelezi, Parliamentary ad hoc committe on Nkandla security upgrade, akayifuni noma ayibone.

Kungakho-ke, siyizakhamuzi sizibuza siziphendula ukuthi kungabe uMthetho-Sisekelo wakuleliZwe sewatshinsthwa yini singaziswanga, njengoba sekubonakala izinhlaka ezimiselwe ukusebenzisana ngenhlonipho sezivele zigxibane nje esidlangalaleni.

Kungabe kusinikeza siphi isithombe siyizakhamuzi ukubona amaqembu aphikisayo ePhalamende esemsebenzisa noma esekuthatha ukusebenza kwaleliHovisi loMvikeli woMphakathi, njengesakhiwo esiyingxenye yawo ukulwisana nenkambiso nokuhola kweqembu elibusayo na?

Kuyinto engephikwe ukuthi labo abangabalandeli beqembu elibusayo sebemthatha uAdv Thuli Madonsela njengesakhiwo esesisebenzela ukufadalalisa ithemba kubavoti abasakholelwa kwingqumo-mgomo kaKhongolose uma sekuyiwa okhethweni olulandelayoi kulelizwe.

Sengiphetha, okuyikho kusididisa kakhulu ngokusebenza kuka Adv Thuli Madonsela, ilokho esike sikubone ngokusebenza kwezinhlaka zasezinkantolo kulelizwe.
Uma imantshi noma ijaji selisithathile isinqumo ngodaba ekade luhlezi phambi kwalo, kulapho lishenxa bese libhekana futhi liqhubeka namacala alandelayo.
Makungabe obenecala akanelisekanga ngesinqumo wase udaba eludlulisela phambili (phecelezi, on appeal or review) leyomantshi noma ijaji ayisabuye isagaxela iphikisane noma izwakale esithangamini nabezindaba isalokhu ikhuluma ngalolo daba,

Kodwa-ke, ngalentokazi, Adv Thuli Madonsela, useziveze noma uphokophele ukusivezela enye indlela eyehlukile nengaziwa ngokusebenza kwezomthetho kuhulumeni wentando yeningi.Kungabe uqondephi na?

KUBHALE: Nkonzwenhle "Nkonzo" Mqadi
                 OnguMBHALI no'MHLAZIYI WEZEPOLITIKI OZIMELE
                Cell: 0825816323 / 0792847731
Utholakala: Facebook, Twitter, Instagram & Blog
ETHEKWINI