ISIKO-NGQANGI futhi elihlale lingumkhombandlela kuzozonke izinselelo ibhizinisi nebhizinisi elihlangabezana nazo kulowomkhakha elihweba kuwo-phecelezi; competitive advantage- lihle kakhulu ngoba likwenza kubelula ukubhekana ngokuzethemba nalaba osuke uncintisana nabo, futhi ikwenza kubeluls kakhulu ukubaqwaqwada emakhanda uma sekubalwa inzuzo eyakhiwa ibhizinisi lelo olengamele.
Phela, abazi kangcono ngakwezomnotho bathi okuyikho kusemqoka ekwengameleni ibhizinisi yilokhu okulandaelayo: Uhwebela kuphi; Uhweba ngani; Uhweba nobani, lezomphahla ohweba ngazo zifika ngesivinini esingakanani kubathengi, kanye nokuthi uma sewuqhathanisa intengo yezimpahla zakho kozakwenu kulomkhakha enikuwo ingakanani.
Lesisendlalelo ngisinekela izwe ngemuva kwezindaba ezingezwakala zimtoti kosomabhizinisi abasemkhakheni wokuhweba ngezimoto.
Kodwa-ke; uma sewuhlaziya umthelela esizokuba nawo kubobonke abasebenzi-iningi labo- okungabamnyama futhi akade sebekuthole kungumbele wensengwakazi ukuthola amatoho okuphilisa imindeni yabo, ngizithola nginokuwazwela amakhulku-khulu abashayeli bamaloli amakhulu kulesifundazwe sikaMthaniya.
Lesiphakamiso sokusebenza ngokuhlanganyela kwenkampani yakwaToyota, eSiphingo kanye nenkampani yakwa"Loliwe" iTransnet Freight, sizoshiya kulilwa kwizindimane zemindeni ebeyiphiliswa ngabashayeli bamaloli amakhulu eThekwini.
Umbuzo-ngqangi ovelayo ngothi kungabe labaphathi abakhulu kulezinkampani eziyizikhondla-khondlka bakwazile yini ukubhekelela izindimbane zabashayeli bamaloli amakhulu asebezolahlekelwa imisebenzi yabo na?
Kungabe lababhemu,okuyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaToyota, umnumzane Johan van Zyl kanye noyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaTransnet Freight Rail, umnumzane Siyabonga Gama, bake bakucabanga yini ukuthi lamakhulu-khulu abashayeli bamaloli abathutha izimoto zakwaToyota zisabalale nezwe lonke laseNingizimu Afrika, amazwe angomakhelwane, ngisho nalawo angaphesheya kwezilwandle, banezinkulungwane zemindeni abayondlayo ngakho belu ukuthutha ngamaloli ingqwaba-ngqwaba yezimoto ezikhiqizwa iningi labafowethu nodade abadabuka laphaya ngaphesheya ezigodini zaseMbumbulu na?
Mangicaphuna umnumzane Gama ngemuva kokwethulwa kwalolubumbano lokuthutha zonke izimoto ebezikhiqizwa eProspecton, esezizothuthwa ngamaguzu esitimela esikhundleni samaloli amakhulu makuqala unyaka lonyaka esingena kuwo ubeke kanje; "Namuhla besethula usuka"sihambe wesivumelwano sokusebenzisana nabakwaToyota. Zonke izimoto ebezikhiqizwa embonini eyakhelwe eSiphingo sezizolayishwa emaguzwini ezitimela zakwaTransnet Freight Rail size siyozibeka cababa esikhungweni esakhelwe ukwamukela izimoto ezintsha esisendaweni yaseKaalkfontein, esifundazweni saseGauteng ukuze kwenzeke ngokushesha ukuzidayisa"; ngimcaphuna njengoba ayechaza ekuqaleni kwamaholidi kaKhisimusi.
Mangikugcizelele ukuthi okunye okwabe kuqhakambiswa lapho kwethulwa lolubambiswano nalaboNgxiwankulu, kwavela ukuthi ngaphandle kwalengqwaba yabashayeli bamaloli amakhulu (abalelwa emashumini amabili nanhlanu amaloli athutha izimoto phakathi kweGoli neTheku ngesonto) abazophelelwa yimisebenzi, kubesekuqhakambiswa ukuthi amaloli amakhulu awasadingeki emigwaqqweni yaseNingizimu Afrika ngoba "ubukhulu besisindo sawo sinomthelela omubi ekugugiseni ngokushesha isakhiwo semigwago engodedangendlale (N3 Freeway) ophakathi kwelikaBhanana noMoba nendawo yaseMjibha.
Kungabe sisho ukuthini lesivumelwano sokuhweba phakathi kwalaboNgxiwaNkulu ngekusasa labasebenzi abangabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe na?
"Iguzu lethu elilodwa lesitimela elizosuka eSiphingo nezimoto eziqeda kukhiqizwa, lizosisiza ngokuthi cisho amaloli amakhulu abalelwa kwangu25 akasezukuba khona emigwaqweni kulelizwe. Lokho nje kukodwa, kuzozinciphisa kakhulu isiminya-minya (congestion) kanye nokulwa neziphakamiso zokulwisana nomoya ongalungile (pollution & carbon emissions) njengoba kade zidingidwa kwiCOP 17 kungekudala." kucacisa umnumzane Gama.
Ngokwemigomo yokuhweba ngokukhululeka ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu, lesivumelwano ngoNgxiwaNkulu besingenazinkinga, KODWA-KE, eningini lezakhamuzi kulesifundazwe saKwaZulu-Natal sesiphinde sathunuka izilonda ebeseziphola-zangeminyaka engaphezu kwamashumi amabili edlule-- lapho yena belu lo "Loliwe ndini" ungegqiwa ntwala inkemenkeme yengozi kubalimi bakamoba abakhele lesifundazwe.
Lapha ngibala abalimi abamnyama bakamoba kusukela ezansi nesifundazwe koSezela, UMzinto, UMbumbulu, KwaDukuza, Mpangeni kuze kwenabele koManguzi abashaywa ngemfe iphindiwe nguye belu lo "Loliwe."
Kungonakele lutho bavele bakuvala ukuthutha isivuno somoba ngamaguzu, batshela izalukazi namakhehla ezingabalimi ukuthi sekuzofanele baqashe bese bekhokhela uhlelo olwabe luphethwe ngamaloli ngabakwaUni-Trans. Bangaki abalimi abamnyama bakamoba abasekhona, futhi abakwazi ukbhekana nezindleko zokuthutha umoba ezindaweni zasemakhaya ngokukhokhela amaloli amakhulu abakwaUni-Trans?
Mhlawumbeke, ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye ngoba phela ngesikhathi kudilizwa abashayeli bamaloli amakhulu kusho ukuthi iningi labafowethu abaphelelwa imisebenzi ngesikhathi u"Loliwe" efadalala, kuvalwa imizila yezitimela eminingi kulesifundazwe sebezophinde batholelwe imisebenzi emisha.
Uke uzibuze nje ukuthi baphelelaphi o"Mashendela"? Cishe-ke. sebezophinde babonakale kabusha emizileni ezobe kuthuthwa kuwo zonke lezimoto ezikhiqizwa kwaToyota eProspecton endleleni ephikelele eKaalkfontein ngonyaka ozayo.
Esesonga umnumzane Van Zyl wakuqhakambisa ukuthi vele kwakudala amaguzu abe vele akhelwe ukuthutha zonke izimpahla ezinesisindo esevile.
"Siyakujabulela ukuphinde sisebenzisane nabakwaTransnet Freight Rail ngoba sebephinde bazibophezela ekutshaleni izizumbulu ukuze u"Loliwe" uphinde ubaqwaqwade oncintisana nabo kwezokuthutha, phecelezi,"increase competitiness against road users".
Ngoba kubonakala kusekukhulu okuzayo embonini yabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe, imizamo yokuthola uNobhala wenyunyana yabasebenzi (Cosatu) umnumzane Zet Luzipho kulesifundazwe aziphawulele ayiphumelelanga.


