Wednesday, June 25, 2014

SIFO SINI LESI ESIQEDA AMADODA KANGAKA LAPHA eMZANSI?


KUSHUBILE, kunzima futhi sekuxega amadolo ngoba iningi lamadoda likhungathekile ngenxa yokudlula emhlabeni kontanga zabo ngesifo noma ngohlobo lwezifo esezingumashayabhuqe kungazelelwe kosaziwayo ebekade beyimiqemane.
Izwe lonke laseNingizimu Afrika lisaphithene amakhanda ukuthi kanti ngempela kuhlaseleni kwabangamadoda aseminyakeni ephakathi (middle-aged men) abavelele emikhakheni abasebenzela kuyo, njengoba sebefa ubuthaphuthaphu nje.
Isibonakaliso, esikhathini esingatheni lelizwe selishiywe ngokukhulu ukuzuma ngabo mnumzane Vuyo Mbuli, eneminyaka engamashumi amane nesithupha (46 years) intandokazi yomsakazo wanaBonwakude (SABC 2 Morning Live) okubikwe ukuthi wakhala ngobunzima bokuphefumula wase endela koyise emkhulu, ezijabulela nendodana beyobukela umdlalo webhola lombhoxo.
Esikhathini esingengakanani, ngoba nesikhala sakhe asikavalwa emsebenzini, nakhu futhi lesifo thizeni sesiphinda sinyonyobela saze sayojuqa ingcweti yenxele kwezebhola elazalelwa eAlex Township, umnumzane Isaac 'Shakes' Kungoane.
Kuqhubeka imidlalo yebhola lomhlaba kumanje eBrazil, iningi labathandi bebhola basakhihla esikaNandi, ngoba ubumnandi nohleko obeluhambisa nokuhlaziya ibhola kuloMbhemu owayelihlikihla kwiKaizer Chiefs FC asikazukushesha silibaleke.
Hayibo, bantu besilisa kanti kufanele kuhe kugadle kubani lokukufa osedlangile kangaka kubantu abaziwayo futhi abavelele emisebenzini abayenzelaumphakathi?
Labanomunzane esdngibabale ngasenhla, bebezisebenzela kahle futhi bengamadoda asemancane anemizi yawo. Ngokusobala kuyakhombisa ukuthi cishe bebenalo uhlelo olukhokhelwayo lokuzibhekelela ngezimpilo zabo, phecelezi, medical aid scheme, kepha bavele bazunywa ngukufa kungalundelekile.
Umbuzo-ngqangi, ngothi ngempela ngempela kwenzeka kanjani nani ukuba kuvele kubenesifo noma izifo esezukwazi kangaka ukucasha emzimbeni wezihlabani, sonke sithi siyezwa kodwa libe selidume ledlula nazo na?
Ngaphambi kokungena ngigxile ngalempicabadala yezifo ezimanyaniswa nenhliziyo, uMzansi usalila ngenkebenkebe yesilonda esivuleke ngesonto eliphelile sekuphinda kwedlula ngokuzuma kwesinye isihlabani kwezokusakaza, umnumzane Edward Makhosonke Zondi, eneminyaka engu 47, obesebenzela isiteshi sakwa Metro FM.
Okusethuse sonke, futhi kwabanzima ukuzamukela lezindaba ngoSuku lweNtsha (June 16) kwabe kungukwazi ukuthi kusa ngoMsombuluko nje, besikade iningi lethu limlalele esohlelweni lwakhe lwangamaSonto, kusukela ngehora lesithathu kuya kwelesithupha ngayizolo ntambama.
Naye uNondaba,wakoGagashe kubikwa ukuthi wakhala ngobuhlungu besesifubeni bathi bamphuthumisa esibhedlela kanti usezovela aphelele endleni.
Bafundi, masikhumbuzane ukuthi lokukudlula emhlabeni kosaziwayo bethu akuseyona into entsha, kodwa nje seyikujwayele ukushaya uohindelela ngisho kuso lesiFundazwe sikaMthaniya, kepha thina sonke esingamadoda siziqhubekele nje nezimpilo zethu kube sengathi akonakele lutho.
Iningi lenu lizakukhumbula ukuthi kunesikhathi lapho kuvele kwahlwa emini nje, lapho kudlula ngokuzuma inxele lakwaDabhasi, kwaNongoma, uMfokaMgquzula, uMfaz'omnyama Khumalo, ngesikhathi lapho wayebonakala ewubambe ngazozombili umsebenzi wakhe ngoku"taxa"intambo yesiginci kuMaskandi.
Nisakhumbula nje ukuthi isikhondlakhondla sekilabhu yebhola kulesifundazwe, uMandlakazi, uSuthu olumabhesh'ankone nalo luke lwahlaselwa ngukushonelwa uzingwazi jwezikanobhutshuzwayo mahlayeni, mahlayeni nje.
Zingu 12 September 2008, kwabikwa ngokushona ngokuzuma lapho kuhlala khona abadlali kukaSiyabonga 'Bennie' Mkhwanazi, owayengomunye wabaqlbeli magoli wangempela kulekilabhu
Kungakapholi lawomanxeba ngoNdonga, uSuthu luphinde lwagqemeka omunye umvimbi lapho umdondoshiya wensizwa yakoMenziwa, uBafo 'King' Buyela, naye edlula emhlabeni kungazange kusabikwa ukuthi kwenbulwa kwembeswa.
Ngempela ngempela, kanti ngubani osaphephile kulelizwe nalezifo esezibonakala zigadla ngokuzwela kubantu abayimiqemane futhi abazisebenzels kahle na?
Nokho-ke, oyisikhulu esiphezulu (CEO) yakwaSouth African Heart and Stroke Foundation, uDokotela (Dr) Vash Mungai-Singh, uyichaza ksnje lempicabadala yezifo zanamuhla.
"Iningi labantu abansundu abasebenzayo namaphumelelayo kwiüikhskha abakuyo, banakho nje ukungaqikeleli ngezimpilo zabo. Lokhu kunganaki ngokuzibhekelela ngezimpilo nokuphila kwabo kugcina kunomthelela ongemuhle empilweni.
Siyawanxusa amadoda asemaphakathi ngeminyaka (above 40 years) ukuba bakalubhekisise uhlobo lokudla abakudlayo, ngoba kungaba yimbangela yokungenwa uhlobo lwezifo thizeni kodwa ebezingavikeleka." kuchaza Mungai-Singh.
Ngokwesilungu lezizifo sizibiza, phecelezi, "sedentary lifestyle" noma ungasibiza ngokuvilapha lapho amadoda azimele kahle engajwazisi ukuzinsjekela.
Bozakwethu, nam ngingowaseMaqadini, ngiyaphonsa esivivaneni ngokunxusa iZintanga-zethu, ngokuba masiwunakekele imizimba yethu ngokuzijwayeza ukuya ejimini, ukuphuza ingilazi yewayini elibomvu noma kathathu esontweni, kanye-ke (nakube kungaphoqwe muntu) ukuba indoda nendoda keyiphume iye kocinga ibuye neJongosi elingangabazukulu bayo, ukuze igazi nomjuluko kuhlale kugijima emzimbeni.
                 NKONZWENHLE MQADI is a Durban-based Feature Writer
[He can also be followed on Twitter @maqadini, Facebook as Nkonzwenhlw Mqadi, and on Instagram as  nkonzwenhle nkonzo. His cellphone (24?7) are: 0825816323 / 0792847731, email address is: qadimaqadini@gmail.com]