UHulumeni nomkhankas o othi 'Mazidle ekhaya'
Inbox
x
Inbox
![]() | ![]() ![]() | |||
| ||||
Bobabili uMphathiswa obhekele ezokugqugquzela nokuthuthukiswa kwezomnotho kwelikaMthaniya, umnumzane Michael Mabuyakhulu kanye noyisikhulu esiphezulu esengamele iProudly South Africa, ummeli Lesley Sedibe, bakusho kwagcwala umlomo ukuthi sesifikile isikhathi lapho izakhamuzi zakulelizwe sekufanele zihwebe futhi zisebenzisane negalelo likahulumeni omkhulu ngokuzithuthukisa besebenzisa wonke amathuba asebewahlinzekelwe nguhulumeni wentando yeningi kulelizwe.
Kungabe wona lomkhankaso wokuthi mazidle ekhaya unaso yini isisekelo, kanti futhi yena uhulumeni omkhulu kulelizwe uyawuqhakambisa yini na?
Ngemuva kokwenza ucwaningo olujulile ngalohulumeni oholwa nguBaba Msholozi, kanye nakuzo zonke (eziyisishiyagalolunye) izifundazwe ezakhele elaseAfrika eseNingizimu, ngithole ukuthi izakhamuzi zakulelizwe zinomthwalo osemahlombe azo ukuthi masibhukule sizifukule ngokwethu sibambisene nezinhlaka esizakhelwe nguhulumeni ukuze sibone lelizwe lithuthuka ngakwezomnotho. Phela, cishe kuzozonke izifundazwe kulelizwe kunesakhiwo esibhekele ukuhlinzeka ngezimali kanye nokuthuthukisa izakhamizi kwezamabhizinisi.
Ngesikhathi ethula iSabelo-Mali obhekele okunguMgodla wezimali kulelizwe ekuqaleni konyaka, umnumzane Pravin Gordham, wabela izigidi ezibalelwa kuR9,5 billion kuleminyaka emithathu ezayo ukunakekela nokucathulisa ezamabhizinisi akhele lelizwe.
Ngalesabelo wabe ebhekelela ukuthi mawaqongelele ukuzikhulisa ngokuhweba nokuhwebelana ngaphakathi kulelizwe, phecelezi, 'private sector investment'.
Inhloso-ngqangi yesabelo-mali kwabe kwenzelwe, ikakhulukazi abanamabhizinisi asafufusa (small medium enterprises-SME's) ukuba mabazisondeze kwizinhlaka zikahulumeni ezakhelweukuthuthukisa nokubhekela ezomnotho kwisifundazwe nesifundazwe kulelizwe.
EKwaZulu-Natal nje, okuyisifundazwe esinechweba elisebenza imini nobusuku kufukulwa ezomnotho kulelizwe, lagixabezwa ngezizumbulu zemali ukusiza ngokuhlomulisa izakhamuzi zakulelizwe kumabhizinisi eziwengamele.
Izinhlangano ezaziwa njengeTrade and Investment KZN kanye ne Investment KwaZulu-Natal, ziyivulile iminyango ukuthi kusizakale osomabhizinisi bakulesifundazwe ukuze basizakale kumathuba okuthuthukisa amabhizinisi abawengamele.
Kwisifundazwe saseLimpopo ngonyaka ka 1996, kwakhiwa isakhiwo esaziwa ngeTrade and Investment Limpopo (TIL) esisebenzisana nohulumeni wesifundazwe njengesango lokuthuthukisa bonke osomabhizinisi bendawo ukuzithuthukisa kwezomnotho.
Kunane Mpumalanga Economic Growth Agency, eyisakhiwo sokugqugquzela ukufukulwa kwezomnotho kubantu bonke abakhele lesiyasifundazwe uma bezithuthukisa kwezamabhizinisi asebenzela nabhekele ezomnotho lkwelaseMpumalanga.
Nakube isifundazwe saseNhla neKapa saziwa ngokukhiqiza idayimane kakhulukazi, kodwa nakhona zikhona izakhiwo zikahulumeni zikuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho, njengokudoba kanye nezokuvakasha.
Kwisifundazwe saseNhla neNtshonalanga, siyazi kunesakhiwo esaziwa ngeINVEST NORTH WEST, okuwuhlaka olwakhelwe ukuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho kulesiyasifundazwe.
Nakube kuyisifundazwe qabasibiza njengesimpofu ngokwedlulele kulelizwe, kodwa uhulumeni wasihlinzeka ngeEastern Cape Development Corporation, ukuze sihlinzekele izakhamuzi ngamathuba okuzifukula ngakwezomnotho kwisifundazwe sabo.
Naso kanye lesifundazwe esincela izithupha kwezomnotho kulelizwe, uhulumeni wentando yeningi akasikhohlwanga ngoba wabakhela iFree State Development Corporation, ukuze bonke osomabhizinisi abakhele lesiuyasifundazwe basizakale ngokuzifukula kwazamabhizinisi.
Nakulo iKapa lodumo, uhulumeni wentando yeningi sewalakha uhlaka olubizwa nge WESGRO 9Western Cape Investment and Trade Promotion Agency) ukuze zonke izakhamuzi ezakhele lesiyasifundazwe zibhekelelwe ngokulinganayo kumathuba okuzithuthukisa kwezamabhizinisi.
Ezimtoti emadlebeni ezakhamuzi zaseNtshonalanga Kapa ngezithi, ngisho umnyango obhekele ezokuhweba namabhizinisi kulelizwe (Dept of Trade and Industries) sewuphinde wengeza ngo R2,25 billion ukuze kuthuthukiswe okwaziwa ngama Special Economic Zones kulesiyasifundazwe.
Kodwa-ke, usiba lwegwalagwala kozofanele silichome isifundazwe esingongqo-shishilizi ngakwezomnotho kulelizwe, iGauteng.
Njengoba lesifundazwe sizihambela sodwa ngobunyoninco kwezomnotho kulelizwe, singelikhohlwe igalelo elidlalwa ngabakwa Gauteng Economic Development Agency (GEDA) okuyisakhiwo sikahulumeni esibhekele ezokuthuthukiswa kwezomnotho kubobonke abakhele lesiyasifundazwe.
Ngakho-ke ngiphetha ngokuhlaba ikhwelo lokuthi ukuze leNingizimu Afrika ibalwe njengamanye amazwe asathuthuka futhi anekusasa eliqhakazile, siyizakhamuzi zakulelizwe, masisebenzisane nazozonke izinhlaka ezakhiwe nguhulumeni ukuze - UMKHANKASO WOKUTHI MAZIDLE'KHAYA UBE IMPUMELELO!
Kubhale NKONZWENHLE mQADI
(OnguMbhali ozimele waseThekwini)
Cell: 0825816323



