Lala ngoxolo Mandla Ngcobo Ilanga LaseKhaya May 5, 2008
IZINDABA zokudlula emh-labeni komsakazi woKhozi FM, uMandla Ngcobo, zishaqise abaningi. Le nsizwa idlule emhlabeni ngoLwesine olwedlule ngemuva ko-kuphathwa yikhanda elinga-pheli. Sizwelana nodadewabo uGugu abebeyizintandane naye, sithi nathi sonke in the entertainment circles silahlekelwe ngoba uMandla ubengomunye wethu.
Omunye othi ubemazi kakhulu uMandla usithumelele le lenkondlo engezansi:
Kubuhlungu Mandla, but "It's Alright mfanakithi!"
When I received the news I got angry,
When I received the sad news I went beserk,
When it was confirmed, I really got mad.
Why? Because it is a waste!
Angel of death, why are you so cruel?
Angel of life, why are you so careless?
Africans, why must we always loose our best?
Abemisakazo balahlekelwe, it is a waste.
Pho-ke sesingathini ngoba oPhezulu usezigawulele?
Pho-ke sesingathini ngobayindlela yethu sonke?
Kodwa pho, Mandla sewungaveie usishiye mahlayeni nje?
Sizokwenzenjani? Masiyivume le nduku.
Bangaki kulesi sifundazwe abazi iECC ngoMandla?
Bangaki kuleliya tende abahehwa yizintshumayelo
zikaMandla?
Bangaki abazalwane babaphendulwa nguMandla?
Bangaki abalaleli ababengaphuthelwa ekuseni wuhlelo lukaMandla?
Heavenly Father, we salute your choice and decision.
We pray and love you more, we thank you ngoMandla.
Heavenly Father, why hit us with a such a blow?
Through Mandla. you reached us across the globe.
Having him in Durban & PMB radio stations was a blessing.
Having him at the African Beach Soccer qualifiers was memorable
Having him eThekwini Community Church was a Testament.
Rest in Peace Mapholoba,umkhakha wabezindaba ushayekili, uzwile.
It's Alright, what else, but it's a waste!
Kubhale uNkonzwenhle Mqadi
{Omunye kwabekade ehlekisana nabo}
-------------------------------------************************--------------------------------
Akusekh’okungavimba uMsholozi ILanga LangeSonto Nov' 11, 2007
MHLELIIZINGQAPHELI esezimnkantsh'ubomvu kwezepolitiki ku-leli zwe sezikusho kwagcwala umlomo ukuthi akusekho nolunci oselungathiya uMnuz Gedleyihlekisa Mhlanganyelwa Zuma ukuba aqhoqhobale isikhundia sokuhola iqembu likaKhongolose ngemuva kwengqungquthela ezoba seLimpompo ngoDisemba.
Lezi zimvo zabahlaziyi bezombusazwe zihambisana ncamashi nemiphumela yenhlolovo
eyethulelwe umhlaba wonke ngeledlule ngabakwaTNS Research Surveys, lapho kunekelwa umhlaba wonke ukuthi ubaba uJacob Zuma uqengqeleza yedwa ngokuba yintandokazi kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu ne-Afrika, futhi zikusho kugcwale umlomo ukuthi wonke amathemba azo ngoMengameli waleli zwe olandelayo useyophuma kwaNxamalala.
Kanti-ke lezi zazi kwezepolitiki ziphakamisa amaphuzu anothile ngokwenqubomgomo yeqembu likaKhongolose ukuthi yiyo kanye eyisakhiwo-ngqangi esivumela uMsholozi ukudla umhlanganiso wobuMengameli beqembu le-African National Congress.
Sezifanise le ngqungquthela ezayo kaKhongolose njengeyeminyaka yawo-1960 lapho kwabe kukhethwa ubuholi buka-Khongolose kulesi sifundazwe, futhi babebabili abaholi
ababaziwa njengabavelele kulenhlangano ababegaqele isikhundla sobuhooli.
"Kwakuhlanganelwe e-YMCA ku Beatrice Street lapho uKhongolose wavele waziphonsela phakathi kukaMahlath'amnyama uMnuz George Champion nobaba Inkosi Albert Mvumbi Luthuli.
"Kodwa-ke ngenxa yokwaziwa futhi nokusondelana nawo wonke amazinga abantu abampofu kuleli zwe, okaMadlanduna wawudla urnhlanganiso wokuhola uKhongolose, izimbangi zasala zikhexile" kubeka laba bahlaziyi.
Uphenyo olunzulu luyakuveza ukuthi okuyikona okwabhincisela nxanye uMnuz Champion kwabangukuvela kwezindaba zokuthi ngempela-mpela wabe esethenge 'ubuzemtiti', isibongo sakhe sangempela kwabe kunguMhlongo.
Ngokusho kombhali ovelele futhi osemayikayika yizindondo uma ehlaziya ngokuyikho izindaba zepolitiki, uMnuz Mervin William Gumede, akusekho nokuncane okunokuvimbela uMsholozi ekuholeni iqembu likaKhongolose.
"Sekusho zona kanye izakhamizi zakuleli zwe ukuthi zidinga umholi omusha ozohola iqembu likaKhongolose. Zithi zifuna umholi ozophatha ngendlela entsha, ngezinjongo ezintsha futhi ozoqhamuka nenqubo yokuhola eyakhelwe ekubambisaneni ngokuvelele nezokuthatha izinqumo ngokubambisana nozakwabo ekubuseni.
UMnuz Jacob Zuma uyilolohlobo lomholi" kubhala uGumede {The African Report No' 8 Oct-Dec 2007}.
Kodwa-ke, okunguye ovele wakubeka kwacaca bha kube nguSolwazi Sipho Seepe ophawula ngokuthi kungukudukisa izakhamizi zakulelizwe uma sifundekelwa ngombango wesikhundla sobu-M e n g a meli k w i q e m b u likaKhongolose ngoba selokhu labuya ekudingisweni ngo-1990 bekungakaze kube nomdonsiswano noma umbango ngozothatha esobuMengameli beqembu.
"Usuqhamukaphi manje lo msindo uma sekufike isikhathi sikaMsholozi sokuqhoqhobala izintambo zokuhola iqembu likaKhongolose.
Angithi sonke sazibonela ngo-1991 isekela li-kababa Oliver Tambo lithatha ubuholi ngaphandle kokuphazanyiswa, futhi saphinde sazibonela abaholi abaphezulu bakaKhongolose beyicaba in-dlela eyabe ilungiselela uMongameli Thabo Mbeki ukuba angaphikiswa muntu ngo-1997.
Yiwo kanye lowo mlando wangaphakathi kwiqembu likaKhongolose ongaseyukwazi ukushintsha nokuphazamisa uMsholozi ukuba alihole leli qembu akade ayewa evuka nalo" kwasho uSolwazi Seepe ethula inkulumo eyisimnywa se Democratic Professionals of South Africa eThekwini ngonyaka osewusethala.
Nkonzwenhle Mqadi (UMcwaningi noMhlaziyi wezepolitiki) EMLAZI
Monday, August 3, 2009
Subscribe to:
Post Comments (Atom)



Cha, ngiyamvuma loMbhali waloludaba. Waphenya, wase elwakha kamtoti loludaba (opinion) lwakhe.
ReplyDelete