NGEMPELA, ngempela lomdonsiswano ngehovisi elinganyelwe ngunkosazane Thulisile
Madonsela ngowani, uyophelelwaphi, noma-ke, ubangwa yini kangaka
na?
Ukuphathwa nje kwaleligama, phecelezi, Public Protector, kulelizwe
laseMzansi, kuvusa enkulu imvungamo ngokwehlukana kwezinhlaka zezakhamuzi
ezakhele lelilizwe lethu lase Ningizimu Afrika.
Njengomunye oyisakhamuzi kulelizwe elibuswa
ngentando-yeningi, futhi onokubheka izinto ngelokuzihlaziya, kuyakhathaza lokhu
ngokuba lelihovisi lakhiwe ngokusemthethweni futhi luwuhlakaolakhelwe ngaphansi
koMthetho-Sisekelo wakuleliZwe, okubizwa phecelezi, Chapter 9
institution.
Lesisisakhiwo ngokwesigaba soMthetho-Sisekelo weZwe sikubeka kube sobala
ukuthi; "Loyo ophathiswe ukwengamela leliHovisi loMvikeli woMphakathi kubhekeke ukuba
asebenze futhi awenze umsebenzi wakhe ngaphandle kokwesaba, ukungabaza,
ukwenzelela noma ukusatshiswa kunanoma ngeyuliphi icalo nophenyo oselethulwe phambi
kwehovisi lakhe. Ekupheleni kophenyo kufanele ukuba makenze izincomo ngakutholile."
Umbuzo-ngqangi, ngothi njengoba leliHovisi phambilini
belisebenza ngokuthula ngesikhathi lisanganyelwe ngu Adv Selby Baqwa kanye noAdv Lawrence Mushwana, kungabe lomsindo osudlange kangaka ngalelihovisi
ubangelwa ngukuthi seliphethwe ngowesifazane na, noma-ke, sekuyindlela thizeni olengamele asebenza ngayo?
Makungenjalo, ngiphakamisa
ukuba kwabanganolwazi basikhanyisele njengabefundi baleliphephandaba, ngoba
impela sikhungathekile ilendaba ngokusebenza kwalelihovisi. Nalabo abasafisa ukuyokwethula izikhalo ezizophenywa yileHovisi loMvikeli woMphakathi sebenongabazane ngokwethembeka kokusebenza kwalo, futhi sekwakheke nongabazane ngokusebenza kwalo ngokungachemile.
Kungabe
leNtokazi esiphathiswe leliHovisi isebenza ngandlela-thizeni entsha noma
ehlukile kuleyo ebekukade kusebenza ngayo oZakwabo ebebengamele ngaphambi kokuqashwa nokufika kwakhe na?
Kungenzeka yini na ukuthi uAdv Thuli Madonsela
usevele wakushintsha konke ukusebenza kwaleliHovisi loMphakathi, wavele walenza
laba nguye siqu sakhe qobo, hayi isakhiwo sikaHulumeni sokukhulisa ukusebenza
kwentando yeningi ngokungachemile emehlweni azo zonke izakhamuzi ezakhele leli liZwe
na?
Nakhu okulandelayo okuyikho kungiphoqe ukuba ngizijube ngizibuze
ngokusebenza kwaleli Hovisi loMvikeli woMphakathi ngaphansi kobuholi buka Adv
Thuli Madonsela.
Mawukhuluma ngaleliHovisi loMvikeli woMphakathi -imibono
iyehlukana kakhulu- ngohlaka nohlaka lomphakathi osuke ukhulumisana nalo
ngaleHovisi.
Njengalokhu nje, abamaQembu aphikisayo ePhalamende
bamthanda bayazula ngalo Adv Thuli Madonsela, ngokuba bambona njengohlaka
olubalwela izimpi zabo ngakwezepolitiki ebhekiswe kwabahola iqembu elibusayo
kuleliZwe.
Isibonakaliso nje, usebonakala njengoshaya ephindelela koyiNhloko
yeqembu likaKhongolose ngalenzuka-zikeyi yodaba lokwakhuwa kwezinsiza
zokuphephisa umuzi kaMongameli weZwe kwelase Nkandla,.
Ngakolunye uhlangothi, abezindaba -kuyo
yonke imikhakha- babika bephindelela ngalo Adv Thuli Madonsela, bethi
uyatinyela, futhi ungowesifazane ongazwile -ozimele- ongesabi muntu ngokusebenza
kwakhe.
Qwiqiqi, uAdv Thuli Madonsela, usevele wakhiwa isithombe ngabezindaba njengalowo oshaya amangwevu ewabhekise kumuntu oyedwa, okunguMnunzane Jacob Gedleyihlekisa Zuma, futhi abezindaba abasanakile noma bashicilele eminye imisebenzi nophenyo lwamalungelo omphakathi ekungabe lwenziwa yileliHovisi kuleliZwe.
Kanti kwiningi labalandeli beqembu elibusayo kuleliZwe-
uKhongolose- kanye nabobonke abangalandeli bamaqembu awuMbimbi waNxantathu
(Tripartite Alliance), sewaphenduka iqaqa loMphathi weHovisi loMvikeli
woMphakathi kuleliZwe.
Abanye ubezwa bemgxibha khona emisakazweni
nakumaphephandaba bethi, usezibona emkhulu ngokwedlulele kunamandla anikezelwe
ihovisi lakhe nguMthetho-Sisekelo wakuleliZwe.
Kungekudala, uAdv Thuli
Madonsela kade ebize isiThangami nabeziNdaba ePitoli, lapho efike washiya
angalazi esola ukusebenza kanye nezinqumo ezithathwa yiHovisi likaSomlomo
ePhalamende, uNkosikazi Baleka Mbete,
OnguNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleliZwe, umnumzane Nathi Nhleko, uvele nje wamchaya wamveza njengomuntu ongeke athenjwe ngoba izethulo nezincomo azethulela izwe ngemuva kokuthunywa isakhiwo esibizwa , phecelezi, Parliamentary ad hoc committe on Nkandla security upgrade, akayifuni noma ayibone.
Kungakho-ke, siyizakhamuzi sizibuza
siziphendula ukuthi kungabe uMthetho-Sisekelo wakuleliZwe sewatshinsthwa yini
singaziswanga, njengoba sekubonakala izinhlaka ezimiselwe ukusebenzisana
ngenhlonipho sezivele zigxibane nje esidlangalaleni.
Kungabe kusinikeza
siphi isithombe siyizakhamuzi ukubona amaqembu aphikisayo ePhalamende
esemsebenzisa noma esekuthatha ukusebenza kwaleliHovisi loMvikeli woMphakathi,
njengesakhiwo esiyingxenye yawo ukulwisana nenkambiso nokuhola kweqembu
elibusayo na?
Kuyinto engephikwe ukuthi labo abangabalandeli beqembu
elibusayo sebemthatha uAdv Thuli Madonsela njengesakhiwo esesisebenzela
ukufadalalisa ithemba kubavoti abasakholelwa kwingqumo-mgomo kaKhongolose uma
sekuyiwa okhethweni olulandelayoi kulelizwe.
Sengiphetha, okuyikho
kusididisa kakhulu ngokusebenza kuka Adv Thuli Madonsela, ilokho esike sikubone
ngokusebenza kwezinhlaka zasezinkantolo kulelizwe.
Uma imantshi noma ijaji
selisithathile isinqumo ngodaba ekade luhlezi phambi kwalo, kulapho lishenxa bese libhekana futhi liqhubeka namacala alandelayo.
Makungabe obenecala akanelisekanga ngesinqumo
wase udaba eludlulisela phambili (phecelezi, on appeal or review) leyomantshi noma
ijaji ayisabuye isagaxela iphikisane noma izwakale esithangamini nabezindaba
isalokhu ikhuluma ngalolo daba,
Kodwa-ke, ngalentokazi, Adv Thuli Madonsela, useziveze noma uphokophele ukusivezela enye indlela eyehlukile nengaziwa ngokusebenza kwezomthetho
kuhulumeni wentando yeningi.Kungabe uqondephi na?
KUBHALE: Nkonzwenhle "Nkonzo" Mqadi
OnguMBHALI no'MHLAZIYI WEZEPOLITIKI OZIMELE
Cell:
0825816323 / 0792847731
Utholakala: Facebook, Twitter, Instagram & Blog
ETHEKWINI
Tuesday, August 11, 2015
Subscribe to:
Comments (Atom)


