Tuesday, August 11, 2015

NGOWANI LOMDONSISWANO NGEHOVISI LOMVIKELI WOMPHAKATHI--PUBLIC PROTECTOR?

NGEMPELA, ngempela lomdonsiswano ngehovisi elinganyelwe ngunkosazane Thulisile Madonsela ngowani, uyophelelwaphi, noma-ke, ubangwa yini kangaka na?

Ukuphathwa nje kwaleligama, phecelezi, Public Protector, kulelizwe laseMzansi, kuvusa enkulu imvungamo ngokwehlukana kwezinhlaka zezakhamuzi ezakhele lelilizwe lethu lase Ningizimu Afrika.

Njengomunye oyisakhamuzi kulelizwe elibuswa ngentando-yeningi, futhi onokubheka izinto ngelokuzihlaziya, kuyakhathaza lokhu ngokuba lelihovisi lakhiwe ngokusemthethweni futhi luwuhlakaolakhelwe ngaphansi koMthetho-Sisekelo wakuleliZwe, okubizwa phecelezi, Chapter 9 institution.

Lesisisakhiwo ngokwesigaba soMthetho-Sisekelo weZwe sikubeka kube sobala ukuthi; "Loyo ophathiswe ukwengamela leliHovisi loMvikeli woMphakathi kubhekeke ukuba asebenze futhi awenze umsebenzi wakhe ngaphandle kokwesaba, ukungabaza, ukwenzelela noma ukusatshiswa kunanoma ngeyuliphi icalo nophenyo oselethulwe phambi kwehovisi lakhe. Ekupheleni kophenyo kufanele ukuba makenze izincomo ngakutholile."

Umbuzo-ngqangi, ngothi njengoba leliHovisi phambilini belisebenza ngokuthula ngesikhathi lisanganyelwe ngu Adv Selby Baqwa kanye noAdv Lawrence Mushwana, kungabe lomsindo osudlange kangaka ngalelihovisi ubangelwa ngukuthi seliphethwe ngowesifazane na, noma-ke, sekuyindlela thizeni olengamele asebenza ngayo?
Makungenjalo, ngiphakamisa ukuba kwabanganolwazi basikhanyisele njengabefundi baleliphephandaba, ngoba impela sikhungathekile ilendaba ngokusebenza kwalelihovisi. Nalabo abasafisa ukuyokwethula izikhalo ezizophenywa yileHovisi loMvikeli woMphakathi sebenongabazane ngokwethembeka kokusebenza kwalo, futhi sekwakheke nongabazane ngokusebenza kwalo ngokungachemile.

Kungabe leNtokazi esiphathiswe leliHovisi isebenza ngandlela-thizeni entsha noma ehlukile kuleyo ebekukade kusebenza ngayo oZakwabo ebebengamele ngaphambi kokuqashwa nokufika kwakhe na?

Kungenzeka yini na ukuthi uAdv Thuli Madonsela usevele wakushintsha konke ukusebenza kwaleliHovisi loMphakathi, wavele walenza laba nguye siqu sakhe qobo, hayi isakhiwo sikaHulumeni sokukhulisa ukusebenza kwentando yeningi ngokungachemile emehlweni azo zonke izakhamuzi ezakhele leli liZwe na?

Nakhu okulandelayo okuyikho kungiphoqe ukuba ngizijube ngizibuze ngokusebenza kwaleli Hovisi loMvikeli woMphakathi ngaphansi kobuholi buka Adv Thuli Madonsela.

Mawukhuluma ngaleliHovisi loMvikeli woMphakathi -imibono iyehlukana kakhulu- ngohlaka nohlaka lomphakathi osuke ukhulumisana nalo ngaleHovisi.

Njengalokhu nje, abamaQembu aphikisayo ePhalamende bamthanda bayazula ngalo Adv Thuli Madonsela, ngokuba bambona njengohlaka olubalwela izimpi zabo ngakwezepolitiki ebhekiswe kwabahola iqembu elibusayo kuleliZwe.
Isibonakaliso nje, usebonakala njengoshaya ephindelela koyiNhloko yeqembu likaKhongolose ngalenzuka-zikeyi yodaba lokwakhuwa kwezinsiza zokuphephisa umuzi kaMongameli weZwe kwelase Nkandla,.

Ngakolunye uhlangothi, abezindaba -kuyo yonke imikhakha- babika bephindelela ngalo Adv Thuli Madonsela, bethi uyatinyela, futhi ungowesifazane ongazwile -ozimele- ongesabi muntu ngokusebenza kwakhe.
Qwiqiqi, uAdv Thuli Madonsela, usevele wakhiwa isithombe ngabezindaba njengalowo oshaya amangwevu ewabhekise kumuntu oyedwa, okunguMnunzane Jacob Gedleyihlekisa Zuma, futhi abezindaba abasanakile noma bashicilele eminye imisebenzi nophenyo lwamalungelo omphakathi ekungabe lwenziwa yileliHovisi kuleliZwe.

Kanti kwiningi labalandeli beqembu elibusayo kuleliZwe- uKhongolose- kanye nabobonke abangalandeli bamaqembu awuMbimbi waNxantathu (Tripartite Alliance), sewaphenduka iqaqa loMphathi weHovisi loMvikeli woMphakathi kuleliZwe.
Abanye ubezwa bemgxibha khona emisakazweni nakumaphephandaba bethi, usezibona emkhulu ngokwedlulele kunamandla anikezelwe ihovisi lakhe nguMthetho-Sisekelo wakuleliZwe.

Kungekudala, uAdv Thuli Madonsela kade ebize isiThangami nabeziNdaba ePitoli, lapho efike washiya angalazi esola ukusebenza kanye nezinqumo ezithathwa yiHovisi likaSomlomo ePhalamende, uNkosikazi Baleka Mbete,
OnguNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleliZwe, umnumzane Nathi Nhleko, uvele nje wamchaya wamveza njengomuntu ongeke athenjwe ngoba izethulo nezincomo azethulela izwe ngemuva kokuthunywa isakhiwo esibizwa , phecelezi, Parliamentary ad hoc committe on Nkandla security upgrade, akayifuni noma ayibone.

Kungakho-ke, siyizakhamuzi sizibuza siziphendula ukuthi kungabe uMthetho-Sisekelo wakuleliZwe sewatshinsthwa yini singaziswanga, njengoba sekubonakala izinhlaka ezimiselwe ukusebenzisana ngenhlonipho sezivele zigxibane nje esidlangalaleni.

Kungabe kusinikeza siphi isithombe siyizakhamuzi ukubona amaqembu aphikisayo ePhalamende esemsebenzisa noma esekuthatha ukusebenza kwaleliHovisi loMvikeli woMphakathi, njengesakhiwo esiyingxenye yawo ukulwisana nenkambiso nokuhola kweqembu elibusayo na?

Kuyinto engephikwe ukuthi labo abangabalandeli beqembu elibusayo sebemthatha uAdv Thuli Madonsela njengesakhiwo esesisebenzela ukufadalalisa ithemba kubavoti abasakholelwa kwingqumo-mgomo kaKhongolose uma sekuyiwa okhethweni olulandelayoi kulelizwe.

Sengiphetha, okuyikho kusididisa kakhulu ngokusebenza kuka Adv Thuli Madonsela, ilokho esike sikubone ngokusebenza kwezinhlaka zasezinkantolo kulelizwe.
Uma imantshi noma ijaji selisithathile isinqumo ngodaba ekade luhlezi phambi kwalo, kulapho lishenxa bese libhekana futhi liqhubeka namacala alandelayo.
Makungabe obenecala akanelisekanga ngesinqumo wase udaba eludlulisela phambili (phecelezi, on appeal or review) leyomantshi noma ijaji ayisabuye isagaxela iphikisane noma izwakale esithangamini nabezindaba isalokhu ikhuluma ngalolo daba,

Kodwa-ke, ngalentokazi, Adv Thuli Madonsela, useziveze noma uphokophele ukusivezela enye indlela eyehlukile nengaziwa ngokusebenza kwezomthetho kuhulumeni wentando yeningi.Kungabe uqondephi na?

KUBHALE: Nkonzwenhle "Nkonzo" Mqadi
                 OnguMBHALI no'MHLAZIYI WEZEPOLITIKI OZIMELE
                Cell: 0825816323 / 0792847731
Utholakala: Facebook, Twitter, Instagram & Blog
ETHEKWINI

Monday, June 15, 2015

REST IN PEACE, 'MY EMBASSY'

Jongosi lami Ngiyabezwa nje bonke abangani bethu benginxusa ukuba
mangangalili kodwa ngikukhumbule ngazozonke izikhathi zobumnandi nentokozo sindawonye kulolu thando lwethu. 

However, I regret deeply that I  had failed to lend you an ear, ngikulalele kahle ngosuku lwakho lokugcina usakwa ukuzikhulumela, ngoba kwakukhona umyalezo owabe uhlose ukuwudlulisa kumina.

Ngalowomzuzu ama’Nurse ayesekuhlalise esihlalweni esinamasondo (Wheel Chair) ngoba ngangiyo kusayinela ukuba bakuphindise eTheatre for one more scan.

Lapho wavele wabamba isandla sami wasiqinisa (uweak unjalo) imizuzwana ungibheke emehlweni wase uphimisa lamazwi;
“Nkonzo uyazi kodwaukuthi ngiyakuthanda? Ngiyabonga kakhulu okwenze kimi ngiphila kanye nalokhu osukwenze zonke lezinyanga ngilaliswe esibhedlela, ngibulawa izinhlungu kodwa ngiya… “

I was shoked and terrified, ngakumisa ungasashongo lutho. Ngacela o’Nurse bakuphuthumise eTheatre.

Sengizokubona  ngosuku olulandelayo ngihambisana noMamawakho, sakufica sewusesimweni esibucayi kakhulu ungasakwazi nokukhuluma.

Sthabile, ngiyaxolisa kakhulu Lovey ukukuvimba ukuba ukusho okwabe kungaphakathi kuwe.

Sengiyabonga futhi ngiyajabula ukuthi ungithandile, sathandana, futhi we became a “Model Partnership” kwaningi, Sibanikeze nethemba lokuth lusakhona uTHANDO lapha emnyango umanje nihloniphana.
REST IN PEACE Magaduzela, Rest In Peace Sibalukhulu, Rest In Peace “My Embassy”.

Namuhla sengiyabona ukuthi wabe uqonde ukungibonisa ngesizotha ukuthi Bhungu:


[Mangificwa Umzuzu Wokugcina!
"Miss Me - But Let Me Go!"

When I come to the end of the road
And the sun has set for me
I want not rites in a gloom-filled room
Why cry for me, Lungiswa Sthabile “Lu…” Dlamini
A soul set free?

Miss me a little -But not too long
And not with your head bowed low
I am/was a strong-willed personality
Remember the love (+jokes) that we once shared
Miss me,Yes,- But let me go!

For this is a journey that we must take
And each one must go it alone
It's all a step in the Master's Plan
A step on the road HOME. 

When you are lonely,and sick of heart
Go to the family we know
And bury your sorrows in
doing good deeds
Miss me -But,now,let me go!

HAMBA, FUTHI UPHUMULE NGOKUTHULA JONGOSI LAMI!

Crafted By: Nkonzwenhle ‘Nkonzo’Mqadi
Dated: 13 June 2012

Saturday, May 9, 2015

2015 TOURISM INDABA AGAINST THE XENOPHOBIA ATTACKS

Key tourism and hospitality industry role-players from the KwaZulu-Natal government, Tourism KZN, Durban Tourism to the Federated Hospitality Association of Southern Africa, have all said in unison that the tourism indaba 2015 would be the ideal symposium to project the city of Durban positively to the outside world, and also do away with all the negative perceptions and bad publicity that engulfed the eThekwini municipality recently.

The four-day trade and travel showpiece taking place at the Durban International Convention Centre comes on the backdrop of the xenophobia attacks against foreign nationals that had started as a labour dispute at one Isiphingo retailer on the Durban South Basin, quickly spread across the wider Durban surrounding townships, and later reported to have mushroomed as far as in Pietermaritzburg, the capital city in the province of KwaZulu-Natal.

Despite the swift response by the provincial government and eThekwini municipality leadership to provide safety tents to shelter the many displaced foreign national communities, but the South African Police Services (SAPS) figure of casualities (3 South Africans and 4 foreign nationals) killed in the provinces of KZN and Gauteng has cast asperations on visitor's safety whilst touring the coastal city.

The domino effect of the xenophobia attacks had resulted to certain countries, such as Mozambique, resolving to boycot and cancel their participation to the Indaba 2015 Trade Show.
A Mozambiquan citizen, Emmanuel Josias Sithole, who was attacked, robbed and killed was beamed worldwide through the electronic media as three thugs pounced on him in broad daylight somewhere within the Alexandra Township, Gauteng.

Despite the bad image that was created by the so-called Afrophobia, as some media prefer to call it, Durban Tourism head, Phillip Sithole, sounded positive about the safety and the increased percentage of visitors, exhibitors and the estimated revenue that would accrue to the Durban hospitality industry coffers.
"We expect as many as over 9 000 visitors in Durban attending the Tourism Indaba. The 2015 tradeshow is the ideal, perfect opportunity for the city to restore our image to the international community.
The trade show would create no less than 500 job opportunities to our residents, and the city of Durban stands to gain an estimated R 144 million over the weekend.
Security personnel has been beefed up by the municipality's Metro Police and they are working closely with the SAPS counterparts to eliminate any threat because we dismiss and condone the recent senseless attacks of our fellow foreign brothers and sisters," said Sithole.

Tourism KZN CEO, Ndabo Khoza, pronounced that Durban and the wider Kingdom of the Zulu
(as the provincial landscape was rebranded by the tourist authority agency) would continue to defy all the bad things reported recently and become the gateway of leisure for the international and continent's visitor to our shores as residents of this province were hospitable and are caregivers, too.

Addressing the tourist industry CEO's Breakfast on Saturday, KZN MEC for Economic Development and Tourism, Michael Mabuyakhulu, sounded upbeat about the Tourism Indaba but dismissed the recent spate of attacks to the foreign nationals.

However, he made an observation that the country's, provincial and municipal leadership are working closely with the business, interfaith and civil society formations, had all pledged to do their optimum best to eradicate any manifestations of discrimination against any other citizen living within the borders of South Africa, and Durban, in particular.

Federated Hospitality Association of Southern Africa publicity chief, Charles Preece, concured with the local tourist authority leadership by saying that the 2015 Tourist Indaba could not have at a much more opportune time.
"Despite some of our member countries having cancelled participation at this year's trade and travel show, we strongly believe Indaba 2015 will be a giant step to resore our partnership in Durban.
Let us exhibit to everyone, at home and abroad that we are one big family and nothing will ever truimph in dividing us," he said.
ENDS