Monday, October 21, 2013

ABAMAZIYO BATHI, "UNGEKWAZI UKUMZIBA U'BHEKI CELE NGESIPHIWO SAKHE."



BEKUNGESIKHATHI esingakanani nje, lapho iningi lezakhamuzi zakulelizwe bese zimhleba zithi sekuphelile ngobuholi balowo owayekade enguMkhuzi wamaPhoyisa kwelaseNingizimu Afrika.e

Kepha-ke, labo akhula kanye nabo endaweni yaseNgcotsheni, Fairview Mission, eMzumbe, ngaphansi koMkhandlu kaMasipala woGu, bavele bathi soze' "kuphele kalula kangaka ngo'S'bheka, uNoNkemba, siphethe iSiqwayi noBhoko" besho bemhaya ngezobusha esaliBhungu endaweni yangakubo.

Nakube mina ngize ngaqala ukumazi nokusondelana naye, esevele etohoza ekuqaleni kweminyaka yangawo'1980, esebenzela esibhedlela saseASSISI Mission Hospital, nokho nami wangihlaba umxhwele ngokukhalipha, nakube wayesethe ukuba mdala ngeminyaka kunami.

Kodwa-ke,ingqikithi yokubhala kwami namuhla kungukubuka amagalelo uNdosi asebe nawo ekukhuliseni intando yeningi kulelizwe, kuhlanganisa nokuzinikela ngokungachezuki emigomweni yeqembu ayilunga nakholelwa kwinkambiso nezinjongo zalo.

Esanda kukhonjwa indlela nguMongameli weZwe, njengoKhomishana wamaPhoyisa kulelizwe, ngiyamkhumbula uCele eziphendulela kwimithombo yabezindaba ngokuthi; "Selokhu ngawujoyina lombutho kaKhongolose, angikaze nangelilodwa ilanga kengifake isicelo somsebenzi kulona. Bekuhlale kuba nguwo uANC obuzibonela indlela enguwusebenzela ngayo, bese kuba nguwo ongithumelayo lapho ubona ukuthi ngikufanele ukuyowusebenzela khona. Kuliqiniso ukuthi ngisazihlalele ekhaya ngingenamsebenzi, kodwa-ke, ngisazoqhubeka nokuwusebenzela umbutho engisakholelwa kuwona," ngimcaphuna njengoba awaphimisa lamagama uS'bheka.

Nakube kwayiwa engqungqutheleni yamaShumi amaHlanu naNtathu (53rd conference) tyeQembu likaKhongolose, kusekusha ukukhonjwa indlela kwakhe ekuholeni lomnyango kaHulumeni, kepha izithunywa ezazihambele leNkomfa zakhombisa ukumethemba njengomholi ezingeni likaZwelonke.
Imiphumela yokhetho lwezikhundla eziphezulu zeqembu zamvuna ngoba wathola imiphumela ehlabahlosile futhi wangena egijima ngokuba ilungu lesigungu esiphezulu seqembu (Natetional Executive Committeee/ NEC).

Sizokhumbula futhi sonke, ukuthi kungekudala kulesifundazwe, ngesikhathi ezingeni likaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal kwenziwa izinguquko, igama likamnumzane Bheki Cele liphinde lasabala kwimithombo yabezindaba njengelinye ebekungathekiswa nobengathola ithuba lokuphinde aqokelwe ukuba nguMphathiswa. Nokho-ke sekungumlando ukuthi akusakwenzekanga njengezifiso zeningi lezakhamuzi.

Ngiqhakambisa lendathane yothando ngoBheki Cele esibonakala ngokwethenjwa yizakhamuzi kuye cishe okuhlanganisa zonke izakhamuzi zakulesifundazwe.
Lapha ngingabala ukusebenza ngokuzikhandla kwakhe ekunqandeni ubugebengu njengelungu leDurban North Community Policing Forum, abalandeli namalungu eANC Youth League eNyevesi yaKwaZulu-Natal (Westville Campus), indlela amukelwa ngayo emngcwabeni walowo owabe eyisikhulu samaTekisi, eNanda muva-nje, kanye nezindimbane zabalandeli beqembu likaKhongolose ebezihambele i"SIYANQOBA ANC RALLY" KwaNongoma ngeledlule.

Kade ngizama ukuhosha umoya kwabahola uKhongolose kulesifundazwe ngalo"Zamlandela onguNdosi' kamuva nje kuzozonke izigaba namazinga emiphazkathi esiyakhele, akubanga khona ozimisele ngokuphuma nezwi eliyikho nelibambekayo ngekusasa likaMfaka'Magaye.

Kepha, ingxoxo engake ngaba nayo eminyakeni edlule nalabo ayeqale naye esikoleni emazingeni aphansi (kwafestiye kuze kube kuStd 2) eMagog Primary School, okungulowo owake waba liSekela-Ngqogqoshe wezokuVikela (Deputy Minister of Defence) kulelizwe, uNkosikazi Nozizwe Madlala-Routledge, bekanye nalowo oyiSikhulu eMnyangweni wezeNhlakahle neziMpesheni kulesiFundazwe (Dept of Social Development & Welfare) uDokotela Langalibalele Mqadi, bakubeka ngokusobala ukuthi, "UNonkemba uyindoda ekhule yaziwa ukuthi iyaphikelela futhi ayisona nje isahluleki. Futhi uma ephinda enikezwa amathuba okuhola usazozibonalisa ngokwedlulele. Buza noma ngubani kulesifundazwe ukuthi izinga lobugengu obuhleliwe baba kuliphi izinga ngesikhathi esazibambele yena mathupha kulomnyango."

Kungalokho ngikusho kugcwale umlomo ukuthi lesifundaze sakwelika'Mthaniya, kanye nalolonke izwe laseMzansi, lisazoyihuba kabusha ingomaz ethi, "loMagaye waseMzumbe ufana ncamshi neDangabane."
END.