Friday, July 5, 2013

KUSOBALA UKUTHI SONKE SIKE "SIDIKHEYE" NJE KUNGONAKELE LUTHO


KANGIKHOLWANGA kulelisonto lapho ngithola umyalezo kumakhalekhukhwini wami uphuma kwelethembekile futhi elizisebenzela kahle ngokwemfundo yalo iJongosi.

"Kungabe kuliqiniso yini ukuthi nangalonyaka iDurban July Handicap izokubanjelwa lapha eThekwini na?
Uma kunjalo, ngicela ungizamele amathikithi okuhlala etendeni elibizayo ngoba ukuqhetha nomtakabani." kufundeka umyalezo.

Nakube kwiningi labafundi lokhu kungezwakala kuyinkulumo engatheni phakathi kwabangani, kepha uma usuyihlayizisisa uyabona ukuthi kwesinye isikhathi uma ukhuluma noma wenza izinto kungase kuqhamuke incazelo.M
Mhlampe esingeyikona neze lokho obukuhlosile phambi kwamehlo omphakathi noma sikuveze ngokwehlukile kulokho oyikho noma okholelwa kukho.

Engiqonde ukukuveza lapha ngukuthi kuneningi labantu abasezikhundleni ezibalulekile futhi nabayizibonelo, kodwa abavele bakhulume nje noma benze izinto ngokukhulu unganaki. bese ziba nomthelela ongaseyukuba muhle emehlweni eningi lezakhamuzi.

Okubuhlungu ezinye zalezizinto zibaphendula iziduphunga zangoqobo emehlweni omphakathi ngakho belu ukungaqikeleli.

Kwesinye isikhathi baphenduka izilima ngendlela yokuthi uvele ungazi nokuthi ungazichazela uthini izingane uma zifuna incazelo ngezisuke zikubona kumabonwakude okanye zikufunda kumaphephandaba.

Nokho-ke, abezempilo bayakwazi ukuthi kunohlobo lwabantu okuvele nje esithubeni kungenzeke lutho olutheni bavele benze nje izinto thizeni, okuvele kuhlwe emini ukuthi ungachaza uthi yintoni kabani makutheni futhi eyake yenziwa ngubani kutheni phambilini?

Okuseyindida nanamuhla koSompilo ngukuthi umuntu nomuntu osuke esegila leziga usuke emehlweni omphakathi eziphilela kahle ngokomqondo, kodwa-ke, gwiqiqi avele enze okuyimpicabadala.

Isichazamazwa, i"Oxford Dictionary" ikuchaza lokhu ngokuthi, phecelezi, "schizophrenia".

Kuthiwa abavame ukuphathwa ilesisifo babonakala emehlweni omphakathi beziphilela nje, futhi bengakhombisi zimpawu zokubuye babe nobuzim-zim.

Isibonakaliso nje, singayichaza  siyithini indaba kalothisha ("educator") okwabikwa ukuthi ulilunga lenhlangano yami iSADTU?

Imithombo yabezindaba yamkhombisa lapho ozakwethu bemasha behambisa izimfuno zabasebenzi ezabe zizwakala ngempela ngodaba lokusingathwa kwemihlomulo yabothisha ababuye baqashelwe ukumaka amaphepha okuhlolwa abafundi akade besuke sebebhale kaMatekuletsheni.
Ilo´Mdikheyi' engiwuqhakambisayo, lapho umabonwakude wasinekela isithombe sesifundiswa sika   "Thisha" endaweni evulelekile yomphakathi esechome othini isikhindi sangaphansi sabantu besifazane.

Nakube sesike sababona nosayizi abehlukene  bamaBlomasi ehlukene, kepha esakukhonjiswa ngaleliyalanga kuyadumaza.

Phela sakhonjiswa indalakaxa yeDilozi, engangingakaze ngilibone ngisho kwelasemaJuteni, eselibhalile ukuthi noma engathekisa ngokuthi ngelika "Min Angie Motshekga".

Bafundi, angisho ukuthi ngithini, kepha sengishilo ukuthi cishe sonke siyavumelana ukuthi leliya thishela kukhon umzuzwana wesifo thizeni owabe usihlasele ngaleya mini.
Ukuthi kwabe kuyisifo sini, angeke ngibe nolwazi olugcwele, kodwa-ke lakhombisa okukhulu ukusangana.

Futhi-ke, nginenkolelo yokuthi (mangizwakale kahle angithathi sinqumo ukuba wabe enza kahle noma cha) ischezophrenia ingaba nakho ukukwenzisa izinto ezinjeya ngokunganaki.

Mfundi nomfundi waleliphepha, nawe ngakini noma lapho usebenzela khona, mangingaphonsisi sewuke wahlangana nesimo or izimo lapho uke ubone umuntu ngakho belu ukunganaki evele enze okuyimpicabadala.

Sengiphetha nje, kungabe usekhona yini osengakwazi ukusinika incazelo egcwele noma ephikisanayo nokuthi lowo owayenguMkhuzi wamaPhoyisa, umnumzane Bheki Cele, akakaze futhi akukho nelilodwa iJaji eselake lamthola enamachaphazelo obugebengu ngokwenkohlakalo.

Kepha-ke, kubuhlungu ukuthi lomholi owabe ezinikele kangaka ekulwisaneni kanye nokuqeda ubugebengu kulelizwe namuhla usehlezi ekhaya, ngoba kukholakala ukuthi wenza izinto ngobudedengu.

Phela sitshelwa ukuthi uma sewubekwe njengoMphathiswa wezimali zabaKhokhi-Ntela kaHulumeni, ngaso sonke isikhathi uma uzosayina izizumbulu zeziZumbulu zemali kaHulumeni kufanele ucophelele ngokuphindiwe.

Kodwa-ke, nakube lingasavelanga lonke iqiniso njengoba linjalo ngalendaba yeziKhulu zamaPhoyisa ngamaBhilidi lawo ekwakuzoqashiselwana ngawo, kepha kuyavela ukuthi umnumzane Hamilton Hlela wambambisa uMfoka'Ndosi iqanda leNjelwane.
Wake wakuzwaphi nje ukusayina noma emphuthuma emsayinisa izigidigidi zezizumbulu ebhuthini yemoto.
Naye uNdosi ngakho belu ukunganaki wavele wenza izinto ngokungacopheleli.
Yiyo belu ischizophrenia.