IZAKHAMUZI zaseNingizimu neAfrika kazikholwanga ngonyaka ka1997 lapho owayengumongameli wezwe, uNelson Rolihlahla Mandela, elitheza phezulu ngokugxosha uzakwabo kwezomzabalazo (futhi abekade bendonse naye udilika-jele eRobben Island) owabe enguNdunankule waseMpumalanga Kapa, uBba Raymond Mhlaba.
Nakuba isimo sezepolitiki ngaphakathi eqenjini elibusayo kulelizwe, uKhongolose, kanye nokuhlumelisa inkambiso yokubusa ngokwentando yeningi (constitutional democracy) kuleminyaka esesikuyo namuhla, sengeyukuyifanisa ncamashi nokwakungunyaka wesithathu lelizwe lifumane uhulumeni wentando yeningi, kodwa-ke, uTta Madiba wakwazi ukuhola ngobuqotho nesibindi kwezepolitiki, phecelezi, "political will".
Njengomongameli wezwe okhethwe ngokwentando yeningi, ajkazange alokhu ebhala ecisha futhi ebukela abantu bakhe bebhubha ububha bamabomu eMpumalanga Kapa ngenxa yokwehluleka ukuhola ngokuyikho kukaNdunankule wesifundazwe.
Umongameli Mandela wavele wamkhomba indlela loyandunankulu kwangabi ndaba zalutho, futhi nokusebenza kwesifundazwe kwabuyela kuzinzo lokuphucula izimpilo zezakhamuzi ngokwamukelekiyo.\
Ngaphandle kokuvikela (engingenalungelo lokikwenza) uNgqogqoshe weMfundo yamazinga aphansi kuzwelonke, Nkosikazi Angie Motshekga, okunguye okufanele abhekane ngqo nalensumansumane yempicabadala yokungalethwa kwezincwadi zabafundi kwisifundazwe saseLimpopo, kufanele ibhekiswe ngqo emnyango kaNdunankulu Cassel Mathale.
Asikho nesincane isizathu sokulokhu siya ngapha nangapha -sifunisela ngabantu abanezinjongo ezimbi- kwezokuhola ngokwezinkambiso zikaKhongolose futhi okuyibo abadicilelele phansi imfundo yezingane zaseLimpopo.
UNdunankule wesifundazwe saseLimpopo, uMhlopniswa Cassel Mathale, wehlulekile, uyisahluleki futhi uyehluleka.
IInjumbane ngiyikhomba kuMathale nje, ngiyakuqonda kabanzi ukudunguzela kwesimo sezepolitiki kulesiyasifundazwe, kodwa-ke, siyizakhamuzi zakuleNingizimu neAfrika ekhululekile singekwazi ukubukela osopolitiki behudulela phansi ukusebenza ngokuzimisela kobuholi obuphezulu bukaKhongolose ngoba benezinhloso zabo ngalobuholi umasekubhekwe okhethweni lweqembu ngenyanga kaZibandlela kophezulu.
Sekuyabonakala manje ukuthi ngesikhathi uhulumeni kazwelonke uthatha isinqumo sokwengamela iminyango emihlanu kulesiyasifundazwe ngenyanga kaZibandlela 2011, kwakufanele ngesikhathi esebenzisa ngokweSigaba seKhulu -Section 100- soMthetho-Sisekelo wakulelizwe, ukuba uMongameli Zuma wavele wamkhomba indlela uNdunankulu Mathale, ukuzwe ukubuswa kwesifundazwe kubuyele kuzinzo olwamukelekiyo.
Ngokophenyo engilwenzile kuvela isithombe sokuthi ukuthengwa kwezincwadi ezizosebenza ekuqaleni konyaka olandelayo (January 2012) kwakufanele ukuba sekwenziwe kwaqedwa ngesikhathi uhulumeni kazwelonke ungenelela ekusingathweni kwenqwaba yeminyango (administration) kulesiyasifundazwe.
Ngezizathu ezaziwa nguye uMathale neKhabinethi yakhe -zingasabalwa-ke izinhlamba athukwa ngazo uMongameli wezwe kulesiyasifundazwe- lohulumeni oholwa nguMathale awukwazanga ukuhlinzekela izingane zakulesiyasifundazwe ngezinsiza zokuthula "Impilo engcono kuwonke wonke.
Esikuzwayo nje ngukuthi kulesiyasifundazwe kukwampunzi edla emini kwizikhulu ezisondelene noMathale uma sekuziwa ekuhlomuleni ngama"Tender kaHulumeni" kubobonke labo abaziwa ngokusonselanda naye.
Nxamalala, Msholozi, Mongameli owakhethwa ngokwentando yeningi yizakhamuzi zakulelizwe ekubuseni ngokungachemi nobuqoptho, sesifikile isikhathi sokuwudedela umpetshisi kulabo sopolitiki abahola ngokugigiyela ngaphansi kobuholi bukaKhongolose.
Wednesday, August 1, 2012
Subscribe to:
Comments (Atom)


