Friday, June 1, 2012

KUSAZOSHUBA NGAMA E-Tolls NABAKHOKHI-NTELA KULELIZWE


SEYIPHINDE yaqala phansi lenzukazikeyi kubasebenzi bakahulumeni (kuwowonke amazinga) ezweni laseNingizimu neAfrika, lapho minyaka yonke kufanele babhekane ngeziqu zamehlo ngezinkinga eziqhamukayo uma sekukhulunywa ngokukhushulwa kwamaholo ngokwamukelekile, phecelezi "living wages."




Ngiphakamisa loludaba nje, konakele kulezinsuku phakathi kwabamele uhulumeni omkhulu, abaxazululi abazimele kanye nabaholi abamele izinyunyana.



Phela sekuze kwaphela golokoqo inyanga yesithathu, kusukela kuMashi, kukhulunyiswana ngokunyuswa kwamaholo kulonyaka wokusebenza esikuwo (2012/13 Financial Year) kodwa zisayime emthumeni ngesivumelwano esizomukeleka kuzo zonke lezinhlaka.



Okubacasula du labo abamele abasebenzi, ilokufathuza nokuhlwathiza bobumpumputhe obenziwa ngabaholi abaphezulu kulohulumeni wentando yeningi.



Ungangitshela nje ukuthi lempi eliwa nguhulumeni omkhulu lapho uNgqongqoshe wezeziMali kulelizwe, umnumzane Pravin Gordham, efake isicelo ngeNkantolo Enkulu yaseGoli (North Gauteng High Court) ngodaba lwesinqumo seJaji Bill Prinsloo, sihlanganaphi nje nokwenyuswa kwamaholo abasebenzi bakahulumeni kulelizwe?



Nakuba isikhalo sami sanamuhla singaqondene nobugovu benhlangano yakwa South African National Roads Agency (SANRAL),kodwa ngasemaphethelweni ngizophoqeleka ukucacisa ngalokhu kusebenzisana nangokuzinothisa kukahulumeni nalabobhululu bakhe.



Ngikhuluma nje kubophene inja nogodo kwisiphakamiso sabasebenzi bakahulumeni ukuthi mabangezelwe okungenani ngamaphesenti angu 8.7 ngaphezu kwalemiholo yabo,evele engatheni kuyimanje.



Kodwa lohulumeni owabekwa ngabo labasebenzi ezikhundleni zokubusa awuzwa mshini kulesicelo sabasebenzi, uma usiqhathanisa nalokwenyuka kwansuku zonke kwezidingo zokuphila kulelizwe.



Manginikhumbuze ukuthi eminyakeni emibili eyedlule (2010) yena kanye lohulumeni waze waphoqeleleka ukwenyusa imiholo yabasebenzi bakhe ngamaphesenti angu 7.8, kanye nomxhaso wokukhokhela izindlu ngamakhulu ayisishiyalombili(R800) ngoba bona kanye labasebenzi sebeze bagcwala imigwaqo betoyiza, sebembiza nangaphansi kweziketi lowo owabe enguNgqongqoshe obhekele ezabasebenzi ngalesosikhathi.



Gwiqiqi, kulonyaka ophelile (2011) yena kanye lohulumeni waphinde wawashovela phansi amaholo abasebenzi bakhe, ngoba banikezwa imvushwana engu 6.8% makwenyuswa imiholo yabo.

Ngapha,amanani ezidingo zokuphila ayenyuka nsukuzonke kodwa yena uyakwehlisa ukukhuphula amaholo abasebenzi.



Isithombe esiliqiniso siveza ukuthi izinyunyana zabasebenzi beziqale ngokuphakamisa ukukhushulelwa amaholo ngo 10%, kodwa ngokuzwela na lohulumeni wazo oholwa nguBaba uMsholozi, kodwa zaphinda zehlela ngezansi njengoba sezimi ku 8.7% qwaba.



Okudabukisayo nokho, kungukuthi ngasohlangothini lukahulumeni babekade bephakamise ukunyusa imihlomulo yabasebenzi ngo 4.5%. Kodwa-ke, ngemuva komdonsiswano wezinyanga ezintathu, lohulumeni usabhdazela nje uyaziphuphela emini kabha ngoba uthi yena usemile ku 5.9o/o futhi angeke esagudluka.



Lokudonsa izinyawo kukahulumeni omkhulu kuyacasula ngoba ugwema ukunyusela abasebenzi bakhe izimali zomholo, kungenxa yakhe kanye nokuba nezimfunda-makhwela kwaboNgqongqoshe abaphathise iminyango ebalulekile kulelizwe.



Zolo lokhu, ongungqongqoshe wezezimali kulelizwe, kade ekhuluma kwiSidlo saseBusuku eThekwini, ubeke kwacaca futhi ngiyamcaphuna ngolukaMageba njengoba wayebeka.



"Isinqumo esithathwe yiNkantolo Enkulu yaseNhla nesifundazwe saseGauteng ukumisa ukusebenza kwemigwaqo ekhokhelwayo kulesiyasifundazwe isibulele kakhulu singuhulumeni omkhulu kumgodla wethu wokuqongelela nokusebenzisa izimali zabakhokhi-ntela.

Njengoba bekubheke ukwakha inzuzo ebalelwa ku R270 million ngenyanga kulemigwaqo ekhokhelwayo, akusezukwenzeka.

Kunalokho, sekuzoba nguhulumeni omkhulu osuzobhekana nesikweletu sezigidigidi ezibalelwa ku R 20 billion ezabe zibolekwe abakwaSANRAL ukulungisa nokuphucula lemigwaqo enguthela-wayeka kulesifundazwe saseGauteng.

Njengohulumeni wakulelizwe sizokuthola kunzima kakhulu ukuthi singakwazi ukwenyusa imiholo yabasebenzi ngokwevile,simpitshekile ekusebenzeni kwezimali kulelizwe, phecelezi "inflation rate."



Umbuzo-ke engiwuphonsela abasebenzi bakahulumeni, iningi labo okungamanyama kulelizwe, ngothi kubafanele yini ukuba mababulawe ingcindezi yobubha bengabasebenzi ngoba nje lohulumeni wabo kade ethathe izinqumo emakhosombeni bebodwa, kepha bafike abayizazi zomthetho babachitha, ngoba nakhu belu abaxhumananga (consultation) ngokuyikho nezakhamuzi zakulelizwe.