Wednesday, August 1, 2012

AKAGXOSHWA NGANI LO'MATHALE WASELIMPOPO NA?

IZAKHAMUZI zaseNingizimu neAfrika kazikholwanga ngonyaka ka1997 lapho owayengumongameli  wezwe, uNelson Rolihlahla Mandela, elitheza phezulu ngokugxosha uzakwabo kwezomzabalazo (futhi abekade bendonse naye udilika-jele eRobben Island) owabe enguNdunankule waseMpumalanga Kapa, uBba Raymond Mhlaba.

Nakuba isimo sezepolitiki ngaphakathi eqenjini elibusayo kulelizwe, uKhongolose, kanye nokuhlumelisa inkambiso yokubusa ngokwentando yeningi (constitutional democracy) kuleminyaka esesikuyo namuhla,  sengeyukuyifanisa ncamashi nokwakungunyaka wesithathu lelizwe lifumane uhulumeni wentando yeningi, kodwa-ke, uTta Madiba wakwazi ukuhola ngobuqotho nesibindi kwezepolitiki, phecelezi, "political will".

Njengomongameli wezwe okhethwe ngokwentando yeningi, ajkazange alokhu ebhala ecisha futhi ebukela abantu bakhe bebhubha ububha bamabomu eMpumalanga Kapa ngenxa yokwehluleka ukuhola ngokuyikho kukaNdunankule wesifundazwe.
Umongameli Mandela wavele wamkhomba indlela loyandunankulu kwangabi ndaba zalutho, futhi nokusebenza kwesifundazwe kwabuyela kuzinzo lokuphucula izimpilo zezakhamuzi ngokwamukelekiyo.\

Ngaphandle kokuvikela (engingenalungelo lokikwenza) uNgqogqoshe weMfundo yamazinga aphansi kuzwelonke, Nkosikazi Angie Motshekga, okunguye okufanele abhekane ngqo nalensumansumane yempicabadala yokungalethwa kwezincwadi zabafundi kwisifundazwe saseLimpopo, kufanele ibhekiswe ngqo emnyango kaNdunankulu Cassel Mathale.

Asikho nesincane isizathu sokulokhu siya ngapha nangapha -sifunisela ngabantu abanezinjongo ezimbi- kwezokuhola ngokwezinkambiso zikaKhongolose futhi okuyibo abadicilelele phansi imfundo yezingane zaseLimpopo.

UNdunankule wesifundazwe saseLimpopo, uMhlopniswa Cassel Mathale, wehlulekile, uyisahluleki futhi uyehluleka.

IInjumbane ngiyikhomba kuMathale nje, ngiyakuqonda kabanzi ukudunguzela kwesimo sezepolitiki kulesiyasifundazwe, kodwa-ke, siyizakhamuzi zakuleNingizimu neAfrika ekhululekile singekwazi ukubukela osopolitiki behudulela phansi ukusebenza ngokuzimisela kobuholi obuphezulu bukaKhongolose ngoba benezinhloso zabo ngalobuholi umasekubhekwe okhethweni lweqembu ngenyanga kaZibandlela kophezulu.

Sekuyabonakala manje ukuthi ngesikhathi uhulumeni kazwelonke uthatha isinqumo sokwengamela iminyango emihlanu kulesiyasifundazwe ngenyanga kaZibandlela 2011, kwakufanele ngesikhathi esebenzisa ngokweSigaba seKhulu -Section 100- soMthetho-Sisekelo wakulelizwe, ukuba uMongameli Zuma wavele wamkhomba indlela uNdunankulu Mathale, ukuzwe ukubuswa kwesifundazwe kubuyele kuzinzo olwamukelekiyo.

Ngokophenyo engilwenzile kuvela isithombe sokuthi ukuthengwa kwezincwadi ezizosebenza ekuqaleni konyaka olandelayo (January 2012) kwakufanele ukuba sekwenziwe kwaqedwa ngesikhathi uhulumeni kazwelonke ungenelela ekusingathweni kwenqwaba yeminyango (administration) kulesiyasifundazwe.

Ngezizathu ezaziwa nguye uMathale neKhabinethi yakhe -zingasabalwa-ke izinhlamba athukwa ngazo uMongameli wezwe kulesiyasifundazwe- lohulumeni oholwa nguMathale awukwazanga ukuhlinzekela izingane zakulesiyasifundazwe ngezinsiza zokuthula "Impilo engcono kuwonke wonke.
Esikuzwayo nje ngukuthi kulesiyasifundazwe kukwampunzi edla emini kwizikhulu ezisondelene noMathale uma sekuziwa ekuhlomuleni ngama"Tender kaHulumeni" kubobonke labo abaziwa ngokusonselanda naye.

Nxamalala, Msholozi, Mongameli owakhethwa ngokwentando yeningi yizakhamuzi zakulelizwe ekubuseni ngokungachemi nobuqoptho, sesifikile isikhathi sokuwudedela umpetshisi kulabo sopolitiki abahola ngokugigiyela ngaphansi kobuholi bukaKhongolose.


Friday, June 1, 2012

KUSAZOSHUBA NGAMA E-Tolls NABAKHOKHI-NTELA KULELIZWE


SEYIPHINDE yaqala phansi lenzukazikeyi kubasebenzi bakahulumeni (kuwowonke amazinga) ezweni laseNingizimu neAfrika, lapho minyaka yonke kufanele babhekane ngeziqu zamehlo ngezinkinga eziqhamukayo uma sekukhulunywa ngokukhushulwa kwamaholo ngokwamukelekile, phecelezi "living wages."




Ngiphakamisa loludaba nje, konakele kulezinsuku phakathi kwabamele uhulumeni omkhulu, abaxazululi abazimele kanye nabaholi abamele izinyunyana.



Phela sekuze kwaphela golokoqo inyanga yesithathu, kusukela kuMashi, kukhulunyiswana ngokunyuswa kwamaholo kulonyaka wokusebenza esikuwo (2012/13 Financial Year) kodwa zisayime emthumeni ngesivumelwano esizomukeleka kuzo zonke lezinhlaka.



Okubacasula du labo abamele abasebenzi, ilokufathuza nokuhlwathiza bobumpumputhe obenziwa ngabaholi abaphezulu kulohulumeni wentando yeningi.



Ungangitshela nje ukuthi lempi eliwa nguhulumeni omkhulu lapho uNgqongqoshe wezeziMali kulelizwe, umnumzane Pravin Gordham, efake isicelo ngeNkantolo Enkulu yaseGoli (North Gauteng High Court) ngodaba lwesinqumo seJaji Bill Prinsloo, sihlanganaphi nje nokwenyuswa kwamaholo abasebenzi bakahulumeni kulelizwe?



Nakuba isikhalo sami sanamuhla singaqondene nobugovu benhlangano yakwa South African National Roads Agency (SANRAL),kodwa ngasemaphethelweni ngizophoqeleka ukucacisa ngalokhu kusebenzisana nangokuzinothisa kukahulumeni nalabobhululu bakhe.



Ngikhuluma nje kubophene inja nogodo kwisiphakamiso sabasebenzi bakahulumeni ukuthi mabangezelwe okungenani ngamaphesenti angu 8.7 ngaphezu kwalemiholo yabo,evele engatheni kuyimanje.



Kodwa lohulumeni owabekwa ngabo labasebenzi ezikhundleni zokubusa awuzwa mshini kulesicelo sabasebenzi, uma usiqhathanisa nalokwenyuka kwansuku zonke kwezidingo zokuphila kulelizwe.



Manginikhumbuze ukuthi eminyakeni emibili eyedlule (2010) yena kanye lohulumeni waze waphoqeleleka ukwenyusa imiholo yabasebenzi bakhe ngamaphesenti angu 7.8, kanye nomxhaso wokukhokhela izindlu ngamakhulu ayisishiyalombili(R800) ngoba bona kanye labasebenzi sebeze bagcwala imigwaqo betoyiza, sebembiza nangaphansi kweziketi lowo owabe enguNgqongqoshe obhekele ezabasebenzi ngalesosikhathi.



Gwiqiqi, kulonyaka ophelile (2011) yena kanye lohulumeni waphinde wawashovela phansi amaholo abasebenzi bakhe, ngoba banikezwa imvushwana engu 6.8% makwenyuswa imiholo yabo.

Ngapha,amanani ezidingo zokuphila ayenyuka nsukuzonke kodwa yena uyakwehlisa ukukhuphula amaholo abasebenzi.



Isithombe esiliqiniso siveza ukuthi izinyunyana zabasebenzi beziqale ngokuphakamisa ukukhushulelwa amaholo ngo 10%, kodwa ngokuzwela na lohulumeni wazo oholwa nguBaba uMsholozi, kodwa zaphinda zehlela ngezansi njengoba sezimi ku 8.7% qwaba.



Okudabukisayo nokho, kungukuthi ngasohlangothini lukahulumeni babekade bephakamise ukunyusa imihlomulo yabasebenzi ngo 4.5%. Kodwa-ke, ngemuva komdonsiswano wezinyanga ezintathu, lohulumeni usabhdazela nje uyaziphuphela emini kabha ngoba uthi yena usemile ku 5.9o/o futhi angeke esagudluka.



Lokudonsa izinyawo kukahulumeni omkhulu kuyacasula ngoba ugwema ukunyusela abasebenzi bakhe izimali zomholo, kungenxa yakhe kanye nokuba nezimfunda-makhwela kwaboNgqongqoshe abaphathise iminyango ebalulekile kulelizwe.



Zolo lokhu, ongungqongqoshe wezezimali kulelizwe, kade ekhuluma kwiSidlo saseBusuku eThekwini, ubeke kwacaca futhi ngiyamcaphuna ngolukaMageba njengoba wayebeka.



"Isinqumo esithathwe yiNkantolo Enkulu yaseNhla nesifundazwe saseGauteng ukumisa ukusebenza kwemigwaqo ekhokhelwayo kulesiyasifundazwe isibulele kakhulu singuhulumeni omkhulu kumgodla wethu wokuqongelela nokusebenzisa izimali zabakhokhi-ntela.

Njengoba bekubheke ukwakha inzuzo ebalelwa ku R270 million ngenyanga kulemigwaqo ekhokhelwayo, akusezukwenzeka.

Kunalokho, sekuzoba nguhulumeni omkhulu osuzobhekana nesikweletu sezigidigidi ezibalelwa ku R 20 billion ezabe zibolekwe abakwaSANRAL ukulungisa nokuphucula lemigwaqo enguthela-wayeka kulesifundazwe saseGauteng.

Njengohulumeni wakulelizwe sizokuthola kunzima kakhulu ukuthi singakwazi ukwenyusa imiholo yabasebenzi ngokwevile,simpitshekile ekusebenzeni kwezimali kulelizwe, phecelezi "inflation rate."



Umbuzo-ke engiwuphonsela abasebenzi bakahulumeni, iningi labo okungamanyama kulelizwe, ngothi kubafanele yini ukuba mababulawe ingcindezi yobubha bengabasebenzi ngoba nje lohulumeni wabo kade ethathe izinqumo emakhosombeni bebodwa, kepha bafike abayizazi zomthetho babachitha, ngoba nakhu belu abaxhumananga (consultation) ngokuyikho nezakhamuzi zakulelizwe.

Friday, May 4, 2012

UHULUMENI NOMKHANKASO OTHI 'MAZIDLE KHAYA'

UHulumeni nomkhankaso othi 'Mazidle ekhaya'
Inbox
x

 
 

KUNGEKUDALA kuqopheke umlando eThekwini lapho bekusayinwa isivumelwano sokubambisana kuthuthukiswa ezamabhizinisi phakathi kukahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal kanye nabakwa Proudly South Africa.

Bobabili uMphathiswa obhekele ezokugqugquzela nokuthuthukiswa kwezomnotho kwelikaMthaniya, umnumzane Michael Mabuyakhulu kanye noyisikhulu esiphezulu esengamele iProudly South Africa, ummeli Lesley Sedibe, bakusho kwagcwala umlomo ukuthi sesifikile isikhathi lapho izakhamuzi zakulelizwe sekufanele zihwebe futhi zisebenzisane negalelo likahulumeni omkhulu ngokuzithuthukisa besebenzisa wonke amathuba asebewahlinzekelwe nguhulumeni wentando yeningi kulelizwe.

Kungabe wona lomkhankaso wokuthi mazidle ekhaya unaso yini isisekelo, kanti futhi yena uhulumeni omkhulu kulelizwe uyawuqhakambisa yini na?

Ngemuva kokwenza ucwaningo olujulile ngalohulumeni oholwa nguBaba Msholozi, kanye nakuzo zonke (eziyisishiyagalolunye) izifundazwe ezakhele elaseAfrika eseNingizimu, ngithole ukuthi izakhamuzi zakulelizwe zinomthwalo osemahlombe azo ukuthi masibhukule sizifukule ngokwethu sibambisene nezinhlaka esizakhelwe nguhulumeni ukuze sibone lelizwe lithuthuka ngakwezomnotho. Phela, cishe kuzozonke izifundazwe kulelizwe kunesakhiwo esibhekele ukuhlinzeka ngezimali kanye nokuthuthukisa izakhamizi kwezamabhizinisi.

Ngesikhathi ethula iSabelo-Mali obhekele okunguMgodla wezimali kulelizwe ekuqaleni konyaka, umnumzane Pravin Gordham, wabela izigidi ezibalelwa kuR9,5 billion kuleminyaka emithathu ezayo ukunakekela nokucathulisa ezamabhizinisi akhele lelizwe.
Ngalesabelo wabe ebhekelela ukuthi mawaqongelele ukuzikhulisa ngokuhweba nokuhwebelana ngaphakathi kulelizwe, phecelezi, 'private sector investment'.

Inhloso-ngqangi yesabelo-mali kwabe kwenzelwe, ikakhulukazi abanamabhizinisi asafufusa (small medium enterprises-SME's) ukuba mabazisondeze kwizinhlaka zikahulumeni ezakhelweukuthuthukisa nokubhekela ezomnotho kwisifundazwe nesifundazwe kulelizwe.

EKwaZulu-Natal nje, okuyisifundazwe esinechweba elisebenza imini nobusuku kufukulwa ezomnotho kulelizwe, lagixabezwa ngezizumbulu zemali ukusiza ngokuhlomulisa izakhamuzi zakulelizwe kumabhizinisi eziwengamele.

Izinhlangano ezaziwa njengeTrade and Investment KZN kanye ne Investment KwaZulu-Natal, ziyivulile iminyango ukuthi kusizakale osomabhizinisi bakulesifundazwe ukuze basizakale kumathuba okuthuthukisa amabhizinisi abawengamele.

Kwisifundazwe saseLimpopo ngonyaka ka 1996, kwakhiwa isakhiwo esaziwa ngeTrade and Investment Limpopo (TIL) esisebenzisana nohulumeni wesifundazwe njengesango lokuthuthukisa bonke osomabhizinisi bendawo ukuzithuthukisa kwezomnotho.

Kunane Mpumalanga Economic Growth Agency, eyisakhiwo sokugqugquzela ukufukulwa kwezomnotho kubantu bonke abakhele lesiyasifundazwe uma bezithuthukisa kwezamabhizinisi asebenzela nabhekele ezomnotho lkwelaseMpumalanga.

Nakube isifundazwe saseNhla neKapa saziwa ngokukhiqiza idayimane kakhulukazi, kodwa nakhona zikhona izakhiwo zikahulumeni zikuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho, njengokudoba kanye nezokuvakasha.

Kwisifundazwe saseNhla neNtshonalanga, siyazi kunesakhiwo esaziwa ngeINVEST NORTH WEST, okuwuhlaka olwakhelwe ukuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho kulesiyasifundazwe.

Nakube kuyisifundazwe qabasibiza njengesimpofu ngokwedlulele kulelizwe, kodwa uhulumeni wasihlinzeka ngeEastern Cape Development Corporation, ukuze sihlinzekele izakhamuzi ngamathuba okuzifukula ngakwezomnotho kwisifundazwe sabo.

Naso kanye lesifundazwe esincela izithupha kwezomnotho kulelizwe, uhulumeni wentando yeningi akasikhohlwanga ngoba wabakhela iFree State Development Corporation, ukuze bonke osomabhizinisi abakhele lesiuyasifundazwe basizakale ngokuzifukula kwazamabhizinisi.

Nakulo iKapa lodumo, uhulumeni wentando yeningi sewalakha uhlaka olubizwa nge WESGRO 9Western Cape Investment and Trade Promotion Agency) ukuze zonke izakhamuzi ezakhele lesiyasifundazwe zibhekelelwe ngokulinganayo kumathuba okuzithuthukisa kwezamabhizinisi.

Ezimtoti emadlebeni ezakhamuzi zaseNtshonalanga Kapa ngezithi, ngisho umnyango obhekele ezokuhweba namabhizinisi kulelizwe (Dept of Trade and Industries) sewuphinde wengeza ngo R2,25 billion ukuze kuthuthukiswe okwaziwa ngama Special Economic Zones kulesiyasifundazwe.

Kodwa-ke, usiba lwegwalagwala kozofanele silichome isifundazwe esingongqo-shishilizi ngakwezomnotho kulelizwe, iGauteng.
Njengoba lesifundazwe sizihambela sodwa ngobunyoninco kwezomnotho kulelizwe, singelikhohlwe igalelo elidlalwa ngabakwa Gauteng Economic Development Agency (GEDA)  okuyisakhiwo sikahulumeni esibhekele ezokuthuthukiswa kwezomnotho kubobonke abakhele lesiyasifundazwe.

Ngakho-ke ngiphetha ngokuhlaba ikhwelo lokuthi ukuze leNingizimu Afrika ibalwe njengamanye amazwe asathuthuka futhi anekusasa eliqhakazile, siyizakhamuzi zakulelizwe, masisebenzisane nazozonke izinhlaka ezakhiwe nguhulumeni ukuze - UMKHANKASO WOKUTHI MAZIDLE'KHAYA UBE IMPUMELELO!

Kubhale NKONZWENHLE mQADI
            (OnguMbhali ozimele waseThekwini)
    Cell: 0825816323

Saturday, April 21, 2012

eMakhehleni ClubHouse - Mangificwa Umzuzu Wokugcina!

"Miss Me, Folks - But Let Me Go!"

When I come to the end of the road
And the sun has set for me
I want not rites in a gloom-filled room
Why cry for me,Nkonzwenhle HH Mqadi,
A soul set free?

Miss me a little,Folks -But not too long
And not with your head/s bowed low
I am/was a strong-willed personality
Remember the love (+jokes) that we once shared
Miss me,Yes,- But let me go!

For this is a journey that we must take
And each must go it alone
It's all a step in the Master's Plan
A step on the road HOME.

When you are lonely,and sick of heart
Go to the family we know
And bury your sorrows in
doing good deeds
Miss me,'Old Timers'-But,now,let me go!

Crafted By: Nkonzwenhle HH Mqadi
Dated: 21 April 2012
Place: eMakhehleni Clubhouse,Reunion, Durban,KZN, RSA

Thursday, January 26, 2012

.MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE EZECORRUPTION

MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE IZINKINGA EZECORRUPTION

UKHONGOLOSE makalungise izinkinga zangaphakathi njengoKhongolose njengenkunzi eseyimidwayidwa ngokuphokopholela ubulungiswa kulelizwe.

Bekunganjani ukuba leliqembu elibusayo kulelizwe kelisebenzise lengqungquthela yengqubo-mgomo maphakathi nalonyaka ophezulu (June-July 2012 National General Council) ukuba kekudingidwe kabanzi zonke izinkinga eziyizinseleloeqembini njengeqembu “qwaba sisodwa”; ngaphandle kokugxambukela kakhulu kwezinhlaka zikahulumeni na?

Ngingakagxili kakhulu kulesiphakamiso, mangikuqhakambise ukuthi noma kade ngingakakuphakamisi esebeni engingaphansi kwalo (Branch Meeting) kaKhongolose loludaba, kepha sesike saludingida lwavuthwa sikanye nozakwethu asebemnkantshubomvu futhi abangamaqabane kuMbimbi OlunguNxantathu (Tripartite Alliance).
Lapha ngibala amadelakufa anjengo Khaye Nkwanyana wamaKhomanisi, Ntobeko Castro Ngobese wenyunyana yabasebenzi bensimbi (Numsa) kanye nesigayigayi senhlangano yabafundi uVusimuzi Martin Bhengu, kanye namanye amashosgozela.

Nakube lesikhalo sethu singasesisha kangako, ngoba phela sabe sikade siphakanyisiwe futhi sadingidwa kabanzi kwingqungquthela yasePolokwane ngonyaka ka 2007.

Kodwa-ke, iqembu likaKhongolose selibonakala lihlalelwe ngumthwalo onzima kulezinsuku, okungukwahlukanisa ukwengamela izindaba izindaba zangaphakathi eqembini, kanye nalezo ekufanele mazenganyelwe ngokwasemazingeni kahulumeni, phecelezi, party politics and governance issues.

Yingakho-ke ngiphonsa lombuzo-ngqangi ngiwubhekise kuzozonke izinhlaka zeqembu?

Kungabe umhlahlandlela wokukhulisa abaholi abasha ngokwenkambiso yokuzinzisa konke okwakhelwa, nokwakulwelwa kanye nokufeza injongo-ngqangi eyasungulelwa ukukufeza inhlangano kaKhongolose eminyakeni eyevile ekhulwini leminyaka, isakhuliswa ngokuyikho na kuleliqembu eselingababusi eNingizimu Afrika na?

Izingwevu zikaKhongolose (Veterans) ziyibiza lenkambiso engikhalaza ngayo ngokuthi; “ukuthungathwa bese sithumela kwizinhlaka zokubusa lelizwe labo asebephekiwe, baphekisiswa futhi baphasiswa ngokulandela imigomo ephokophelelwe ukufezwa ilenhlangano esadela konke ngayo ebusheni bethu” phecelezi; Political deployment.

Kungabe lezicwicwicwi zezifundiswa zamasudi amithende zarhabuliswa nje ngesiko-mpilo kanye nokusebenzela ukuthuthukisa izimpilo zoquqaba olwakhele lelizwe, noma bake babuthwa base bekhuliswa ngokwakaKhongolose na?

Njengoba inkohlakalo, ukuxhaphaza izimali zabakhokhi-ntela kudla lubi kanje kulolonke izwe ezinhlakeni zokubusa eNingizimu Afrika, kungabe labaholi abakhethwa yithi balandeli bakaKhongolose ukuhola izifundazwe, omasipala neminyango thizeni kohulumeni, bake-nje langa limbe bawufunda uMthethosisekelo kaKhongolose, bawuthinta nje Umrabulo, Shop Steward, ANC Today, noma-ke noma ngeyiliphi ibhukwana elichazayo ngokubhekeke ekuziphatheni kongumholi wakwaKhongolose na?

Bazongivumela abaningi ukuthi isono esaba simbi ngokwedlulele, futhi nesagcina simenze waba liqaqa elinuka phu esezweni sonke lowo owayengumongameli walelizwe ngemuva kokuhoxa kukaTata Madiba, kwaba yikho kanye ukulibala noma ukulaxaza ukuthi uma kusabusa uKhongolose kulelizwe, ‘IZWI ELINGUMNQAMULA JUQU LOKUBUSA’ liyadingidwa ezinhlakeni zikaKhongolose, kuvunyelwane bese lithunyelwa ukuyophasiswa ePhalamende, ngoba eLuthuli House selithathwe ngo “ELETHU.”
Pho-ke sekonakelephi kulelizwe, kungabe sesiphindela kwelasemaJuteni lapho sabe sigqishwa khona ukwamukela ingqubo-mgomo,phecelezi, GEAR, njengoba kwenziwa ngonyaka ka1996 NA?
Sekungathi bekuyizolo kade siludingida leliphuzu kwingqungquthela ePolokwane saze savumelana ngokuthi akuseyukuphinde kugxambukele ezokubusa ngokukahulumeni kwizindaba ezingalungiseka ngaphakathi kwaKhongolose.

Engiliphakamisato bozakwethu, ikhambi esingagqamuka nalo ukulungisa lamahlazo obudedengu ngokusebenzisa izimali zabakhokhi-ntela ngalendlela kuzozonke izinhlaka zikahulumeni kulelizwe.
UMqoqi-Ntela Omkhulu umnumzane Terrence Nobembe, umkhonyovu omkhulu uwukhomba ngaphakathi ekhaya elikhulu likaKhongolose.
Umkhonyovu obikwa ngokuguqa ngedolo kukahulumeni waseLimpopo oholwa nguNdunankulu Cassel Mathale, impicabadala yaseMpumalanga-Koloni kuNdunankulu Kievit, kuyokwenamela kwisifundazwe okwazalelwa kuso uKhongolose ngaphansi kukaNdunankulu Magashule, kuveza isithombe esingamukeleki lapho kuhola khona elibuswa ngabakwaKhongolose.

Naseduze kwelikaBhanana konakele, nesifundazwe kwelikaMthaniya izigqapheli zihosha amakhala.Nemibiko yokusebenzisa ngaphezu kwesabelo zimali kungalandelwanga imigudu ngokusemthethweni kwesamba esingaphezu kuka R 43 million kuMasipala weTheku akwemukelekile neze Maqabane.
Nakube ngingeve ngiqonde ukutshela abaholi engibahloniphayo ngokungenziwa ukubuyisa isithunzi sikaKhongolose kwizimbangi nezimfamona, bengithanda ukuphakamisa ukuthi ngaphambi kokuba abaholi abamnyama (iningi labo) babonakale njengezehluleki kwezokubusa, ukuba make siphindele ezinhlakeni zenhlangano siyohabulisana ngokwemigomo oKhongolose ayakhelwe kuyo ngonyaka ka1912.

UKhongolose noKkhongolose bakaxoxisane, sisikhuze sife nya lesihlava esidlangile ngaphakathi eqenjini lapho abaholi sebezibhekelela bona bodwa ngokukhohlakala.
Isiko-mpilo elabe libizwa ngomrhabulo ezinhlakeni zikaKholongose malibuyiswe Maqabane!