Wednesday, July 13, 2011

KUNGABE SINGABASEBENZI IZOSITHINTA KANJANI I "NATIONALISATION" ?


KUNGABE singabasebenzi kulelizwe laseNingizimu neAfrika sesikwazile yini ukuba sizinike isikhathi sizicubungulele ngokwethu ukuthi kungabe kuzosithinta kanjani thina uma sekuthathwa zonke izinkampani zongxiwankulu bese zifakwa ngaphansi kukahulumeni oholwa ngokwentanto yeningi.

Kungabe uquqaba oluyizakhamuzi ezakhele lelizwe, iningi lazo okungabampofu, luzosizakala kulenqubo-mgoma ehlongozwayo, ebizwa phecelezi, "nationalisation" na?.

Kungabe yena lomfokazi osha amashushu ngokudla "ngaphandle kwenkokhelo umhlaba wobabo'mkhulu owebiwa ngamasela angabelungu, kanye nezimayini zonke kulelizwe kufanele siyothatha isinqumo ngakho kwiNgqunquthela yaseMangaung"; yena njengomholi osemusha uyakuvumela yini ukuba zonke izakhamuzi zakulelizwe kanye nezingcitha-buchopho zikwazi ukuba yingxenye yokuludingida loludaba ngokukhululeka na?

NgiliKhomanisi laseMaqadini futhi elikujabulelayo ukuxukuza ubuchopho ngokujulile ngenxa yokuthi kuyongijabhisa ukubona izithukuthuku zabalwela lelizwe seziphelela emoyeni kuhle kwamazolo.

Ingqikithi yokubhekisisa lempikiswano ngelibanzi kubangelwe ukuhlaziya ukuthi yona lermvuthwana yotiki esiyiholelwa ngongxiwankule, thina njengabasebenzi siyilondoloza kanjani, ukuze phela izizukulwane ezizayo ziyokwazi ukuphila kangconywana ngalokho esokushiya njengefa labo.

Engizokuveza kuleliphepha, kuyisexwayiso-nje ngengozi engase ishiye umsizilo wesilonda kuzo zonke indlela nohlelo lokulondoloza abasebenzi abalisebenzisayo kulelizwe.

Kuyangijabulisa ukuzwa ukuthi kwawona umfelandawonye wezinyunyana oholwa isikhondlakhondla esingu COSATU wehlukene ngemibono ngegxathu ozoluthatha ngenxa yongabazane onalo ngezimpesheni zabasebenzi, iningi lazo eziqongelelwa kwisikhwama esenganyelwe nguhulumeni, esibizwa phecelezi, Government Employees Pension Fund.

Cishe okubili kokuthathu (2/3) wemali engena nyanyazonke kwiGEPF, akugcinwa kuyona kepha kuyabolekiswa ezinkampanini ezinkulu ukuze kwenze inzuzo ephindaphindiwe kuzona kanye lezikhondlakhondla zongxiwankulu ekukhankaselwa ukuba mazenganyelwe nguhulumeni.

Masifunda umbiko wokuphela kokusebenza konyaka (GEPF 2010 Annual Report) sibikelwa ukuthi 56% wezizumbulu onazo ezibalelwa ku "R 801 billion" uhulumeni vele sewabolekisa ngawo ezinkampanini zabo ongxiwankulu ezisebenza noma ezihweba khona lapha eMzansi neNingizimu.

Kulezinkampani ezinkulu eziboleke izimali zabasebenzi, futhi lendoda ebhongoza ukuba zenganyelwe nguhulumeni wethu singabala o' Anglo American, Anglo Platinum, BHP Billiton, kuye kenabele nakumabhange amakhulu anjengo' First National Bank (FirstRand) kanye ne' Standard Bank.

Ngokuhlanganyela lezinkampani eziphethwe ngongxiwankulu, kubikwa ukuthi zigodle ngemali- mboleko yezimpesheni zabasebenzi eyevile kwizigidigidi ezibalelwa ku R150 billion.

Umbuzo-nqangi olokhu uqhamuka kepha ongakakwazi ukuphenduleka ngothi uma lezinkampani zikhetha ukuphuma zibalekele i "nationalisation" kulelizwe, kuyokuba lula kangakanani ukuzilandelela uhulumeni eseyolanda lezizumbulu osekwebolekwene zana na?

Nakuba ngingakhulumeli iqembu elibusayo kulelizwe, kodwa-ke kuzwakala kuyizwi lapho kuhumushwa ngelithi impela siyakudinga ukubusa ngokubambisana nezamabhizinisi, kepha loludaba lwe "nationalisation" malusingathwe njengezikhali zamaNtungwa.

Makungabe nje uhulumeni ufuna ukuzithenga lezinkampani, izoqhamukaphi imali yokwenza lokho na?
Bheka-nje ukuthi iSabelo ZiMali uhulumeni asebenzela kuso luminyaka singakanani?
(Government's 2011/12 Budget = R 890 billion)

Okunye okufaka ingebhe noma usawoti esilondeni iqiniso elimsulwa lokuthi cishe zonke lezinkampani kaziwona umsinsi wokuzimilela kulelizwe, futhi-ke kunokuba zilahlekelwe amathuba okwenza inzuzo ngokukhululeka kulelizwe zingavele zishaye zichithe ziyohweba kwamanye amazwe asathuthuka.

Isibonelo-nje, kuwana womane amabhange amakhulu kulelizwe (Absa, NedBank, Standard Bank kanye ne First National Bank) kakukho nelilodwa ubunikazi balo obakhelwe bazimelela kwelaseNingizimu neAfrika.

Ngiphakamisa ukuba singayithathi ngesidlozana lenkulumo ye"Nationalisation" kepha siyibuke ngokuqaphelisisa ukuthi cishe zonke lezinkampani esihlose ukuzengamela, zisanomsebenzi omkhulu futhi omuhle wokuhlomulisa izizisebenzi ngomhlomulo omkhulu ezimpalini zenzalo yezimpesheni zethu kwa GEPF ngenxa yokuthi ukwabolekisana kwezimali zabasebenzi kusinika imihlomulo ephindaphindiwe.

Ngiyayivula inkundla kesiqophisana ngomoya owakhayo nge'NATIONALISATION" nakuba mina ngizolindela umbiko weqembu likaKhongolose elathunywa ngemuva kwe NGC 2010 ukuba liyothekela okungalindeleka ngalempicabadala eqhuqhuzelwa ngulusha lweqembu.

Kubhale: Nkonzwenhle Mqadi
{UMbhali ozinze eThekwini}
Cell: 0795010296 / 0731973999

https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif


https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif