OSOPOLITIKI bawuhlobo lwabantu olungamagovu, angogimbela kwesabo futhi abangakukhathalele ukwenabisa amandla okubusa kuzozonke izinhlaka zemiphakathi abayiholayo kodwa abalobizela ukuthi wonke amandla okubusa abesezandleni zabo kuphela, phecelezi, 'centralisation of power'.
Lamazwi anohlonze kangaka asanda kuphimiswa ngumbhali ovelele, oyisifundiswa futhi esake saba nguMqondisi-Jikelele wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uSolwazi Otty Nxumalo, ngesikhathi sixoxisana ngezinselelo ezizobakhona njengoba sekubhekwe kukhetho lomasipala kulonyaka ka2011.
"Inselelo ebhekene noquqaba olwakhele lelizwe laseNingizimu neAfrika njengabavoti kulohulumeni wentanto yeningi ukuthi mabahlale bezibhekile futh beyilandela imithetho eshaywa noma igqubo-mgomo yokubusa lelizwe.
Mabakuqaphele futhi bakuqhakambise ukuthi imithetho ephasiswayo iqembu elibusayo ngenhlose ukusabalalisa amandla okubusa ngokuthi andlaleleke futhi asabalalele kuzozonke izinhlaka ezisondelene nemiphakathi eyakhele.
Kunokuba kunqindwe noma kubulawe isakhiwo sohulumeni bezifundazwe, bekungakuhle kuthekelwe kuhlobo lokubusa olusetshenziswa eMelika, phecelezi, federalism, kunokuqeda lobohulumeni berzifundazwe." kucacisa okaZwide.`
Phela ngemuva komzukuzuku wezingxoxo zokwakhiwa kabusha kwalelizwe (CODESA) esikhathini esicela emashumini amabili eminyaka eseyadlula, zonke izinhlangano nabaholi bezepolitiki bavumelana ngesakhiwo sezwe elinomholi oyedwa wezwe (State President), bese kuphinde kwakhiwe uhlaka lohulumeni bezifundazwe oluholwa ngoNdunankulu (Premiers).
Nokuthe makhathaleni ngonyaka ka2000 kwaphasiswa uhlaka lohulumeni bomasipala (local government) okuyilo esibuswa ngalo emazingeni esakhamuzi nesakhamuzi.
Masikuqhakambise ukuthi iningi lezakhamuzi kulelizwe zisakubona kuwuhlelo olwakheke futhi olusasebenza nokumelwa ngokuyikho ukuba nalezinhlaka ezintantu zikahulumeni.
Kodwa-ke, njengoba isisho esidala sisho ngosopolitiki,sekuqale imvunge ngokuthi make kuphindwe kubhekisiswe ukuhleleka kanye nokusebenzisana kwalezinhlaka zokubusa.
Ngokwezibalo zezimali ezibekelwa labohulumeni ababalelwa kwisishiyagalolunye ezweni lonke, ohulumeni bezifundazwe babekelwe imali yabakhokhi-ntela (2009/10 Annual Budget) isamba sika R1.650 billion ebesihlinzekelwe ukuletha noma ukusondeza intuthuko kwizakhamuzi nokuholela amalungu asimele kwiShayamthetho.
Phezu kwalezindodla zezizumbulu ezihlinzekelwe ngokuphindiwe ohulumeni bezifundazwe, iningi labaholi seliqala ukushaya amakhala ngalabohulumeni bezifundazwe kanye namaqxathi abawadlalayo ukusiza imiphakathi nezakhamuzi ezibakhele.
OnguMongameli womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, noyiyo enkulukazi kulelizwe iCOSATU, umnumzane Sidumo Dlamini uwuvezile owakhe umuzwa ngalenxanxhathela yohulumeni abamosa izimali zabakhokhi-ntela futhi ezihlale zihlabe uhide kulandelwana ngezibizayo izimoto kuthiwa "siyohlaba isoyi, siletha intuthuko ebantwini".
"Kuzodingakala sizame ukuqhamuka nesu elisha lokuletha izidingo kanye nentuthuko kwimiphakathi yethu. Lide kakhule lelipayipi lokubusa kusuka ePitoli, kwifundazwe kuyima intuthuko isabalalela kwimiphakathi yethu ngokukahulumeni kaMasipala" ukubeka kanje uSibalikhulu.
Kungekudala neqembu elibusayo kade libambe ingqungquthela yalo yengqubo-mgomo (National General Council) lapho loludaba luke lwahlaziywa, kwase kuphinda iANC National Working Committe yenza isiphakamiso sokusungula ithimba (CVommission to review the three-tier system of government).
Abaholi bamaqembu aphikisayo sebevele bakukhahlela ngazo zombile ukuqedwa noma ukwehlisa isibal sezifundazwe kulelizwe.
Umholi weqembu leInkatha Freedom Party kulesifundazwe (akathandanga igama lakhe lishicilelwe) ukhale ngokuthi lokhu "kulicebo lokukhohlakala elenziwa iqembi likaKhongolose ukuze aqonele amanye amaqembu asenamandla okubusa ezifundazweni azinzile kuzo".
Kanti umnumzane James Lorimer, ongumholi nesikhulumi sakwaLocal Governance kwiqembu leDemocratic Alliance ukubekwe kwasabalala ukungahambisani kwabo naloluhlelo.
"Iqembu likaKhongolose livusa izingxoxo ngohulumeni bezifundazwe ngoba selehlulekile lancama ukuhlwitha uhulumeni kanye nokubusa kwisifundazwe sethe eWestern Cape.
Umhlaba wonke uyazibonela ukuthi isifundazwe saseNtshonalanga neKapa sibuswa kahle futhi izidingo-nqangi ziyafinyelela kwimiphathi esakhele lesifundazwe, ngeke sivume kuncishiswe noma kuqedwe ohulumeni bezifundazwe" kuphetha umnumzane Lorimer.
Kanti onguNdunankulu wasesiFundazwe saseFree State, futhi esiholwa nguye uKhongolose usezwakalise ukungabi nanxa uma izifundazwe ezincane futhi ezingenawo umnotho omuhle ukuthi kungakuhle zihlanganiswe nalezo zifundazwe ezinamandla angconyana kwezomnotho.
Bafundi nami nginiphonsela inselelo yokuthi masiludingide loludaba mhlasimbe siyoqhamuka nesisombululo esikwamukeleka kuzozonke izakhamuzi zaseAfrika eseNingizimu.
Kubhale: NKONZWENHLE MQADI
[OnguMbhali ozimele futhi nothandayo ukuhlaziya ezepolitiki, kanti unguMsunguli we'EMAQADINI MEDIA blog]
Usebenza ngokugcwele njengothisha ngaphansi kweSADTU Vela Makhanya Branch}
Cell: 0825816323 / 0741352326
Thursday, December 30, 2010
Subscribe to:
Comments (Atom)


