Friday, May 4, 2012

UHULUMENI NOMKHANKASO OTHI 'MAZIDLE KHAYA'

UHulumeni nomkhankaso othi 'Mazidle ekhaya'
Inbox
x

 
 

KUNGEKUDALA kuqopheke umlando eThekwini lapho bekusayinwa isivumelwano sokubambisana kuthuthukiswa ezamabhizinisi phakathi kukahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal kanye nabakwa Proudly South Africa.

Bobabili uMphathiswa obhekele ezokugqugquzela nokuthuthukiswa kwezomnotho kwelikaMthaniya, umnumzane Michael Mabuyakhulu kanye noyisikhulu esiphezulu esengamele iProudly South Africa, ummeli Lesley Sedibe, bakusho kwagcwala umlomo ukuthi sesifikile isikhathi lapho izakhamuzi zakulelizwe sekufanele zihwebe futhi zisebenzisane negalelo likahulumeni omkhulu ngokuzithuthukisa besebenzisa wonke amathuba asebewahlinzekelwe nguhulumeni wentando yeningi kulelizwe.

Kungabe wona lomkhankaso wokuthi mazidle ekhaya unaso yini isisekelo, kanti futhi yena uhulumeni omkhulu kulelizwe uyawuqhakambisa yini na?

Ngemuva kokwenza ucwaningo olujulile ngalohulumeni oholwa nguBaba Msholozi, kanye nakuzo zonke (eziyisishiyagalolunye) izifundazwe ezakhele elaseAfrika eseNingizimu, ngithole ukuthi izakhamuzi zakulelizwe zinomthwalo osemahlombe azo ukuthi masibhukule sizifukule ngokwethu sibambisene nezinhlaka esizakhelwe nguhulumeni ukuze sibone lelizwe lithuthuka ngakwezomnotho. Phela, cishe kuzozonke izifundazwe kulelizwe kunesakhiwo esibhekele ukuhlinzeka ngezimali kanye nokuthuthukisa izakhamizi kwezamabhizinisi.

Ngesikhathi ethula iSabelo-Mali obhekele okunguMgodla wezimali kulelizwe ekuqaleni konyaka, umnumzane Pravin Gordham, wabela izigidi ezibalelwa kuR9,5 billion kuleminyaka emithathu ezayo ukunakekela nokucathulisa ezamabhizinisi akhele lelizwe.
Ngalesabelo wabe ebhekelela ukuthi mawaqongelele ukuzikhulisa ngokuhweba nokuhwebelana ngaphakathi kulelizwe, phecelezi, 'private sector investment'.

Inhloso-ngqangi yesabelo-mali kwabe kwenzelwe, ikakhulukazi abanamabhizinisi asafufusa (small medium enterprises-SME's) ukuba mabazisondeze kwizinhlaka zikahulumeni ezakhelweukuthuthukisa nokubhekela ezomnotho kwisifundazwe nesifundazwe kulelizwe.

EKwaZulu-Natal nje, okuyisifundazwe esinechweba elisebenza imini nobusuku kufukulwa ezomnotho kulelizwe, lagixabezwa ngezizumbulu zemali ukusiza ngokuhlomulisa izakhamuzi zakulelizwe kumabhizinisi eziwengamele.

Izinhlangano ezaziwa njengeTrade and Investment KZN kanye ne Investment KwaZulu-Natal, ziyivulile iminyango ukuthi kusizakale osomabhizinisi bakulesifundazwe ukuze basizakale kumathuba okuthuthukisa amabhizinisi abawengamele.

Kwisifundazwe saseLimpopo ngonyaka ka 1996, kwakhiwa isakhiwo esaziwa ngeTrade and Investment Limpopo (TIL) esisebenzisana nohulumeni wesifundazwe njengesango lokuthuthukisa bonke osomabhizinisi bendawo ukuzithuthukisa kwezomnotho.

Kunane Mpumalanga Economic Growth Agency, eyisakhiwo sokugqugquzela ukufukulwa kwezomnotho kubantu bonke abakhele lesiyasifundazwe uma bezithuthukisa kwezamabhizinisi asebenzela nabhekele ezomnotho lkwelaseMpumalanga.

Nakube isifundazwe saseNhla neKapa saziwa ngokukhiqiza idayimane kakhulukazi, kodwa nakhona zikhona izakhiwo zikahulumeni zikuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho, njengokudoba kanye nezokuvakasha.

Kwisifundazwe saseNhla neNtshonalanga, siyazi kunesakhiwo esaziwa ngeINVEST NORTH WEST, okuwuhlaka olwakhelwe ukuthuthukisa izakhamuzi kwezomnotho kulesiyasifundazwe.

Nakube kuyisifundazwe qabasibiza njengesimpofu ngokwedlulele kulelizwe, kodwa uhulumeni wasihlinzeka ngeEastern Cape Development Corporation, ukuze sihlinzekele izakhamuzi ngamathuba okuzifukula ngakwezomnotho kwisifundazwe sabo.

Naso kanye lesifundazwe esincela izithupha kwezomnotho kulelizwe, uhulumeni wentando yeningi akasikhohlwanga ngoba wabakhela iFree State Development Corporation, ukuze bonke osomabhizinisi abakhele lesiuyasifundazwe basizakale ngokuzifukula kwazamabhizinisi.

Nakulo iKapa lodumo, uhulumeni wentando yeningi sewalakha uhlaka olubizwa nge WESGRO 9Western Cape Investment and Trade Promotion Agency) ukuze zonke izakhamuzi ezakhele lesiyasifundazwe zibhekelelwe ngokulinganayo kumathuba okuzithuthukisa kwezamabhizinisi.

Ezimtoti emadlebeni ezakhamuzi zaseNtshonalanga Kapa ngezithi, ngisho umnyango obhekele ezokuhweba namabhizinisi kulelizwe (Dept of Trade and Industries) sewuphinde wengeza ngo R2,25 billion ukuze kuthuthukiswe okwaziwa ngama Special Economic Zones kulesiyasifundazwe.

Kodwa-ke, usiba lwegwalagwala kozofanele silichome isifundazwe esingongqo-shishilizi ngakwezomnotho kulelizwe, iGauteng.
Njengoba lesifundazwe sizihambela sodwa ngobunyoninco kwezomnotho kulelizwe, singelikhohlwe igalelo elidlalwa ngabakwa Gauteng Economic Development Agency (GEDA)  okuyisakhiwo sikahulumeni esibhekele ezokuthuthukiswa kwezomnotho kubobonke abakhele lesiyasifundazwe.

Ngakho-ke ngiphetha ngokuhlaba ikhwelo lokuthi ukuze leNingizimu Afrika ibalwe njengamanye amazwe asathuthuka futhi anekusasa eliqhakazile, siyizakhamuzi zakulelizwe, masisebenzisane nazozonke izinhlaka ezakhiwe nguhulumeni ukuze - UMKHANKASO WOKUTHI MAZIDLE'KHAYA UBE IMPUMELELO!

Kubhale NKONZWENHLE mQADI
            (OnguMbhali ozimele waseThekwini)
    Cell: 0825816323

Saturday, April 21, 2012

eMakhehleni ClubHouse - Mangificwa Umzuzu Wokugcina!

"Miss Me, Folks - But Let Me Go!"

When I come to the end of the road
And the sun has set for me
I want not rites in a gloom-filled room
Why cry for me,Nkonzwenhle HH Mqadi,
A soul set free?

Miss me a little,Folks -But not too long
And not with your head/s bowed low
I am/was a strong-willed personality
Remember the love (+jokes) that we once shared
Miss me,Yes,- But let me go!

For this is a journey that we must take
And each must go it alone
It's all a step in the Master's Plan
A step on the road HOME.

When you are lonely,and sick of heart
Go to the family we know
And bury your sorrows in
doing good deeds
Miss me,'Old Timers'-But,now,let me go!

Crafted By: Nkonzwenhle HH Mqadi
Dated: 21 April 2012
Place: eMakhehleni Clubhouse,Reunion, Durban,KZN, RSA

Thursday, January 26, 2012

.MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE EZECORRUPTION

MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE IZINKINGA EZECORRUPTION

UKHONGOLOSE makalungise izinkinga zangaphakathi njengoKhongolose njengenkunzi eseyimidwayidwa ngokuphokopholela ubulungiswa kulelizwe.

Bekunganjani ukuba leliqembu elibusayo kulelizwe kelisebenzise lengqungquthela yengqubo-mgomo maphakathi nalonyaka ophezulu (June-July 2012 National General Council) ukuba kekudingidwe kabanzi zonke izinkinga eziyizinseleloeqembini njengeqembu “qwaba sisodwa”; ngaphandle kokugxambukela kakhulu kwezinhlaka zikahulumeni na?

Ngingakagxili kakhulu kulesiphakamiso, mangikuqhakambise ukuthi noma kade ngingakakuphakamisi esebeni engingaphansi kwalo (Branch Meeting) kaKhongolose loludaba, kepha sesike saludingida lwavuthwa sikanye nozakwethu asebemnkantshubomvu futhi abangamaqabane kuMbimbi OlunguNxantathu (Tripartite Alliance).
Lapha ngibala amadelakufa anjengo Khaye Nkwanyana wamaKhomanisi, Ntobeko Castro Ngobese wenyunyana yabasebenzi bensimbi (Numsa) kanye nesigayigayi senhlangano yabafundi uVusimuzi Martin Bhengu, kanye namanye amashosgozela.

Nakube lesikhalo sethu singasesisha kangako, ngoba phela sabe sikade siphakanyisiwe futhi sadingidwa kabanzi kwingqungquthela yasePolokwane ngonyaka ka 2007.

Kodwa-ke, iqembu likaKhongolose selibonakala lihlalelwe ngumthwalo onzima kulezinsuku, okungukwahlukanisa ukwengamela izindaba izindaba zangaphakathi eqembini, kanye nalezo ekufanele mazenganyelwe ngokwasemazingeni kahulumeni, phecelezi, party politics and governance issues.

Yingakho-ke ngiphonsa lombuzo-ngqangi ngiwubhekise kuzozonke izinhlaka zeqembu?

Kungabe umhlahlandlela wokukhulisa abaholi abasha ngokwenkambiso yokuzinzisa konke okwakhelwa, nokwakulwelwa kanye nokufeza injongo-ngqangi eyasungulelwa ukukufeza inhlangano kaKhongolose eminyakeni eyevile ekhulwini leminyaka, isakhuliswa ngokuyikho na kuleliqembu eselingababusi eNingizimu Afrika na?

Izingwevu zikaKhongolose (Veterans) ziyibiza lenkambiso engikhalaza ngayo ngokuthi; “ukuthungathwa bese sithumela kwizinhlaka zokubusa lelizwe labo asebephekiwe, baphekisiswa futhi baphasiswa ngokulandela imigomo ephokophelelwe ukufezwa ilenhlangano esadela konke ngayo ebusheni bethu” phecelezi; Political deployment.

Kungabe lezicwicwicwi zezifundiswa zamasudi amithende zarhabuliswa nje ngesiko-mpilo kanye nokusebenzela ukuthuthukisa izimpilo zoquqaba olwakhele lelizwe, noma bake babuthwa base bekhuliswa ngokwakaKhongolose na?

Njengoba inkohlakalo, ukuxhaphaza izimali zabakhokhi-ntela kudla lubi kanje kulolonke izwe ezinhlakeni zokubusa eNingizimu Afrika, kungabe labaholi abakhethwa yithi balandeli bakaKhongolose ukuhola izifundazwe, omasipala neminyango thizeni kohulumeni, bake-nje langa limbe bawufunda uMthethosisekelo kaKhongolose, bawuthinta nje Umrabulo, Shop Steward, ANC Today, noma-ke noma ngeyiliphi ibhukwana elichazayo ngokubhekeke ekuziphatheni kongumholi wakwaKhongolose na?

Bazongivumela abaningi ukuthi isono esaba simbi ngokwedlulele, futhi nesagcina simenze waba liqaqa elinuka phu esezweni sonke lowo owayengumongameli walelizwe ngemuva kokuhoxa kukaTata Madiba, kwaba yikho kanye ukulibala noma ukulaxaza ukuthi uma kusabusa uKhongolose kulelizwe, ‘IZWI ELINGUMNQAMULA JUQU LOKUBUSA’ liyadingidwa ezinhlakeni zikaKhongolose, kuvunyelwane bese lithunyelwa ukuyophasiswa ePhalamende, ngoba eLuthuli House selithathwe ngo “ELETHU.”
Pho-ke sekonakelephi kulelizwe, kungabe sesiphindela kwelasemaJuteni lapho sabe sigqishwa khona ukwamukela ingqubo-mgomo,phecelezi, GEAR, njengoba kwenziwa ngonyaka ka1996 NA?
Sekungathi bekuyizolo kade siludingida leliphuzu kwingqungquthela ePolokwane saze savumelana ngokuthi akuseyukuphinde kugxambukele ezokubusa ngokukahulumeni kwizindaba ezingalungiseka ngaphakathi kwaKhongolose.

Engiliphakamisato bozakwethu, ikhambi esingagqamuka nalo ukulungisa lamahlazo obudedengu ngokusebenzisa izimali zabakhokhi-ntela ngalendlela kuzozonke izinhlaka zikahulumeni kulelizwe.
UMqoqi-Ntela Omkhulu umnumzane Terrence Nobembe, umkhonyovu omkhulu uwukhomba ngaphakathi ekhaya elikhulu likaKhongolose.
Umkhonyovu obikwa ngokuguqa ngedolo kukahulumeni waseLimpopo oholwa nguNdunankulu Cassel Mathale, impicabadala yaseMpumalanga-Koloni kuNdunankulu Kievit, kuyokwenamela kwisifundazwe okwazalelwa kuso uKhongolose ngaphansi kukaNdunankulu Magashule, kuveza isithombe esingamukeleki lapho kuhola khona elibuswa ngabakwaKhongolose.

Naseduze kwelikaBhanana konakele, nesifundazwe kwelikaMthaniya izigqapheli zihosha amakhala.Nemibiko yokusebenzisa ngaphezu kwesabelo zimali kungalandelwanga imigudu ngokusemthethweni kwesamba esingaphezu kuka R 43 million kuMasipala weTheku akwemukelekile neze Maqabane.
Nakube ngingeve ngiqonde ukutshela abaholi engibahloniphayo ngokungenziwa ukubuyisa isithunzi sikaKhongolose kwizimbangi nezimfamona, bengithanda ukuphakamisa ukuthi ngaphambi kokuba abaholi abamnyama (iningi labo) babonakale njengezehluleki kwezokubusa, ukuba make siphindele ezinhlakeni zenhlangano siyohabulisana ngokwemigomo oKhongolose ayakhelwe kuyo ngonyaka ka1912.

UKhongolose noKkhongolose bakaxoxisane, sisikhuze sife nya lesihlava esidlangile ngaphakathi eqenjini lapho abaholi sebezibhekelela bona bodwa ngokukhohlakala.
Isiko-mpilo elabe libizwa ngomrhabulo ezinhlakeni zikaKholongose malibuyiswe Maqabane!

Saturday, December 17, 2011

BAPHUCWELANI ISINKWA ABASHAYELI BAMATRUCK NA? [NgoToyota SA benoTransnet Freight Rail]

ISIKO-NGQANGI futhi elihlale lingumkhombandlela kuzozonke izinselelo ibhizinisi nebhizinisi elihlangabezana nazo kulowomkhakha elihweba kuwo-phecelezi; competitive advantage- lihle kakhulu ngoba likwenza kubelula ukubhekana ngokuzethemba nalaba osuke uncintisana nabo, futhi ikwenza kubeluls kakhulu ukubaqwaqwada emakhanda uma sekubalwa inzuzo eyakhiwa ibhizinisi lelo olengamele.

Phela, abazi kangcono ngakwezomnotho bathi okuyikho kusemqoka ekwengameleni ibhizinisi yilokhu okulandaelayo: Uhwebela kuphi; Uhweba ngani; Uhweba nobani, lezomphahla ohweba ngazo zifika ngesivinini esingakanani kubathengi, kanye nokuthi uma sewuqhathanisa intengo yezimpahla zakho kozakwenu kulomkhakha enikuwo ingakanani.

Lesisendlalelo ngisinekela izwe ngemuva kwezindaba ezingezwakala zimtoti kosomabhizinisi abasemkhakheni wokuhweba ngezimoto.

Kodwa-ke; uma sewuhlaziya umthelela esizokuba nawo kubobonke abasebenzi-iningi labo- okungabamnyama futhi akade sebekuthole kungumbele wensengwakazi ukuthola amatoho okuphilisa imindeni yabo, ngizithola nginokuwazwela amakhulku-khulu abashayeli bamaloli amakhulu kulesifundazwe sikaMthaniya.

Lesiphakamiso sokusebenza ngokuhlanganyela kwenkampani yakwaToyota, eSiphingo kanye nenkampani yakwa"Loliwe" iTransnet Freight, sizoshiya kulilwa kwizindimane zemindeni ebeyiphiliswa ngabashayeli bamaloli amakhulu eThekwini.

Umbuzo-ngqangi ovelayo ngothi kungabe labaphathi abakhulu kulezinkampani eziyizikhondla-khondlka bakwazile yini ukubhekelela izindimbane zabashayeli bamaloli amakhulu asebezolahlekelwa imisebenzi yabo na?

Kungabe lababhemu,okuyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaToyota, umnumzane Johan van Zyl kanye noyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaTransnet Freight Rail, umnumzane Siyabonga Gama, bake bakucabanga yini ukuthi lamakhulu-khulu abashayeli bamaloli abathutha izimoto zakwaToyota zisabalale nezwe lonke laseNingizimu Afrika, amazwe angomakhelwane, ngisho nalawo angaphesheya kwezilwandle, banezinkulungwane zemindeni abayondlayo ngakho belu ukuthutha ngamaloli ingqwaba-ngqwaba yezimoto ezikhiqizwa iningi labafowethu nodade abadabuka laphaya ngaphesheya ezigodini zaseMbumbulu na?

Mangicaphuna umnumzane Gama ngemuva kokwethulwa kwalolubumbano lokuthutha zonke izimoto ebezikhiqizwa eProspecton, esezizothuthwa ngamaguzu esitimela esikhundleni samaloli amakhulu makuqala unyaka lonyaka esingena kuwo ubeke kanje; "Namuhla besethula usuka"sihambe wesivumelwano sokusebenzisana nabakwaToyota. Zonke izimoto ebezikhiqizwa embonini eyakhelwe eSiphingo sezizolayishwa emaguzwini ezitimela zakwaTransnet Freight Rail size siyozibeka cababa esikhungweni esakhelwe ukwamukela izimoto ezintsha esisendaweni yaseKaalkfontein, esifundazweni saseGauteng ukuze kwenzeke ngokushesha ukuzidayisa"; ngimcaphuna njengoba ayechaza ekuqaleni kwamaholidi kaKhisimusi.

Mangikugcizelele ukuthi okunye okwabe kuqhakambiswa lapho kwethulwa lolubambiswano nalaboNgxiwankulu, kwavela ukuthi ngaphandle kwalengqwaba yabashayeli bamaloli amakhulu (abalelwa emashumini amabili nanhlanu amaloli athutha izimoto phakathi kweGoli neTheku ngesonto) abazophelelwa yimisebenzi, kubesekuqhakambiswa ukuthi amaloli amakhulu awasadingeki emigwaqqweni yaseNingizimu Afrika ngoba "ubukhulu besisindo sawo sinomthelela omubi ekugugiseni ngokushesha isakhiwo semigwago engodedangendlale (N3 Freeway) ophakathi kwelikaBhanana noMoba nendawo yaseMjibha.

Kungabe sisho ukuthini lesivumelwano sokuhweba phakathi kwalaboNgxiwaNkulu ngekusasa labasebenzi abangabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe na?

"Iguzu lethu elilodwa lesitimela elizosuka eSiphingo nezimoto eziqeda kukhiqizwa, lizosisiza ngokuthi cisho amaloli amakhulu abalelwa kwangu25 akasezukuba khona emigwaqweni kulelizwe. Lokho nje kukodwa, kuzozinciphisa kakhulu isiminya-minya (congestion) kanye nokulwa neziphakamiso zokulwisana nomoya ongalungile (pollution & carbon emissions) njengoba kade zidingidwa kwiCOP 17 kungekudala." kucacisa umnumzane Gama.

Ngokwemigomo yokuhweba ngokukhululeka ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu, lesivumelwano ngoNgxiwaNkulu besingenazinkinga, KODWA-KE, eningini lezakhamuzi kulesifundazwe saKwaZulu-Natal sesiphinde sathunuka izilonda ebeseziphola-zangeminyaka engaphezu kwamashumi amabili edlule-- lapho yena belu lo "Loliwe ndini" ungegqiwa ntwala inkemenkeme yengozi kubalimi bakamoba abakhele lesifundazwe.

Lapha ngibala abalimi abamnyama bakamoba kusukela ezansi nesifundazwe koSezela, UMzinto, UMbumbulu, KwaDukuza, Mpangeni kuze kwenabele koManguzi abashaywa ngemfe iphindiwe nguye belu lo "Loliwe."

Kungonakele lutho bavele bakuvala ukuthutha isivuno somoba ngamaguzu, batshela izalukazi namakhehla ezingabalimi ukuthi sekuzofanele baqashe bese bekhokhela uhlelo olwabe luphethwe ngamaloli ngabakwaUni-Trans. Bangaki abalimi abamnyama bakamoba abasekhona, futhi abakwazi ukbhekana nezindleko zokuthutha umoba ezindaweni zasemakhaya ngokukhokhela amaloli amakhulu abakwaUni-Trans?

Mhlawumbeke, ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye ngoba phela ngesikhathi kudilizwa abashayeli bamaloli amakhulu kusho ukuthi iningi labafowethu abaphelelwa imisebenzi ngesikhathi u"Loliwe" efadalala, kuvalwa imizila yezitimela eminingi kulesifundazwe sebezophinde batholelwe imisebenzi emisha.

Uke uzibuze nje ukuthi baphelelaphi o"Mashendela"? Cishe-ke. sebezophinde babonakale kabusha emizileni ezobe kuthuthwa kuwo zonke lezimoto ezikhiqizwa kwaToyota eProspecton endleleni ephikelele eKaalkfontein ngonyaka ozayo.

Esesonga umnumzane Van Zyl wakuqhakambisa ukuthi vele kwakudala amaguzu abe vele akhelwe ukuthutha zonke izimpahla ezinesisindo esevile.

"Siyakujabulela ukuphinde sisebenzisane nabakwaTransnet Freight Rail ngoba sebephinde bazibophezela ekutshaleni izizumbulu ukuze u"Loliwe" uphinde ubaqwaqwade oncintisana nabo kwezokuthutha, phecelezi,"increase competitiness against road users".

Ngoba kubonakala kusekukhulu okuzayo embonini yabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe, imizamo yokuthola uNobhala wenyunyana yabasebenzi (Cosatu) umnumzane Zet Luzipho kulesifundazwe aziphawulele ayiphumelelanga.

Wednesday, October 26, 2011

MAZIKHOKHELWE IZIDINGO-NGQANGI KUHULUMENI WENTANDO YABANTU

"ASINAMALI, ASIMELWE, AZIKHWELWA"-- zonke lezizaga zabe zihaywa kushubile emalokishini ayehlala abantu abamnyama kulelizwe ngeminyaka lapho ubandlululo lwabe ludla lubi kulelizwe laseNingizimu Afrika.

Kodwa-ke isithombe esisanda kudwetshwa nguNgqongqoshe obhekele ezeziMali, nokuqoqwa kweNtela kulelizwe, umnumzane Pravin Gordhan, ngokuphatha ngokungeyikho ngabaphathi bakaMasipala izimali zabakhokhi-ntela kufaka ungabazane ngobuholi bohulumeni basemakhaya.

Ngesikhathi enekela izwe ePhalamende eKapa kulelisonto, ngendima eseyikhathuliwe ngokusebenzisa iSabelo-ziMali (medium Term Budget) zonyaka ka 2011/12, uMphathiswa uzwakalise ukuthi sekuzodingakala kusetshenziswane ngokukhulu ukubhekisisa ekuphathweni kanye nasekuqoqweni izimali zentela kohulumeni abasemazingeni aphansi.

Nakube kunjalo, usahamba kahle umgqigqo kahulumeni wokuhlinzeka ngamathuba okwakha imisebenzi (Expanded Public Works Programme) kuwowonke amazinga kahulumeni, kugcizelela umnumzane Gordhan.

Ngezikhathi usasha umzabalazo wokugqugquzela ukungazikhokheli izidingo-ngqangi zikahulumeni wobandlululo emalokishini, anjengoLamontville, Sobantu, Khayelitsha, Alexander, Soweto, Hambanathi, namanye amaningi, kwabe kulikhwelo elalizwakakala ngoba babengekho abaholi bomphakathi ababekhethwe izakhamuzi.
Kepha abaholi-mbumbulu bangalesosikhathi kwabe kuyizichuse-nje ezazinhlanhlatha zimpampiswa inkambiso yamaBhunu ukuqhubezela ukugcindezelwa kwamanyama kulelizwe.

Kungaleliphuzu lapho kungethusile ukuvela nokudwetshwa kwesithombe sokuthi loMnyango oqoqa izintela kulelizwe ukweletwa izizumbulu ezibalelwa ngaphezulu kwezigidigidi zika R62.3 billion ngohulumeni boMasipala.

Uma ebabala uNgqongqoshe Gordhan, sebebonke abaphathi ababudedengu ngezimali zabakhokhi-ntela batholakala komasipala abangamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nantathu (283 municipalities in serious debt) futhi basabalele nezwe lonke.

Ngeminyaka yobandlululo kwakunesisho esithi,phecelezi;"Without representation, No taxation"-
Sikhokhiselwani, Sikhokhelani, Sizokhokhelani ngoba simelwe ngahaholi abangonopopi bamaBhunu, abasitshela ukuthi bayenziwe kanjani intuthuko ezindaweni esihlala kuzo, kodwa abangafuni ukulalela uvo lwethu na.

"Mphakathi, Zakhamuzi ezakhele lelizwe laseNingizimu Afrika, kufanele nizikhokhele zonke izidingo-ngqangi enizisebenzisayo lapho nihlala khona (municipal services).
Akwamukelekile neze ngezikhathi zikahulumeni wentando yabantu ukungazikhokheli izidingo zempilo enizilethelwa nguhulumeni owakhethwa yinina.
Singumnyango obhekele ukuqoqa iFa likaHulumeni (National Treasury) sizimisele ukusebenzisana nabaholi beSouth African Local Government Association (SALGA) kanye ne South African National Civics Organization (SANCO) ukukhuthaza isiko lokuqoqa nokuzimisela kwethu sonke siyizakhamuzi ukukhokhela izidingo-ngqangi (rates) ezindaweni esihlala kuzo" kugcizelela uGordhan.

NgingowaseMaqadini, nami ngihlaba ikhwelo lokuthi abaholi bethu emazingeni asondelene nathi (emakhaya) mababe isiphefu esizokhanyisa ngokuyikho ngokusebenza kukahulumeni owakhethwa ngabantu kulelizwe.

Ongumholi oqavile wezinyunyana zabasebenzi bakaMasipala, umnunzane Ntokozo Nzuza, uvele wakhomba ngenjumbane izikhulu thizeni kuhulumeni womasipala ngokuzibhekelela bona bodwa ngezimali zabakhokhi-ntela.
"Ekungabe kuhlinzekelwa izidingo-ngqangi zezakhamuzi, imiholo yabasebenzi eyamukelekayo nephilisayo, kanye nokugqugquzela ukuba omasipala baholwe ngendlela ehlelekile, uthola abaphathi beziholela izizumbulu zezimali kanye nokuzenzelela kwimisebenzi ekhishwayo yokulungisa ingqala-sizinda kulabohulumeni" wabeka kanje.

Mangiphetha lesiphakamiso sokusebenzisana ngokuyikho emazingeni kahulumeni womasipala, ngithanda ukuyigqobha ngamazwi ashubile aphinyiswa kungekudala nguMphathi-Jikelele (Director-General) woMnyango wokuqoqa iziNtela zikaHulumeni, umnumzane Lungisa Fuzile.

"Kulihlazo, futhi kuyenyanyisa ukuthi kuseneminyango kahulumeni eseyehluleke yancama ukukhokhela intela kahulumeni.
Okusixakayo ngukuthi lezizumbulu ziphelelaphi noma zisebenzaphi ngoba sisuke sesibabele abazoyisebenzisa ngokukhokhela lamabhilidi abasebenzela kuwo.
Futhi sisuke sihlephule kuyona kanye lemali yabakhokhi-ntela kusale esesizohlinzekela ngayo ukuhambisa izidingo-ngqangi kwimiphakathi yethu" kubalisa umnumzane Fuzile.

Nokho okunika ithemba isibophezela sakhe sokuthi baphezu kokwakha uhlelo oluzolwisana nokungcola, ukweba kanye nobugebengu (corruption0 obudlangile kubaphathi beminyango emikhulu kohulumeni basemakhaya, ngoba, ngokusho kwakhe, lokuhluleka ukukhokhela intela kahulumeni kunomthelela ekuhlinzekeleni ngezidingo-ngqangi kwimiphakathi eyakhele lezozindawo.