Thursday, January 26, 2012

.MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE EZECORRUPTION

MAZILUNGISWE NGAPHAKATHI KWAKHONGOLOSE IZINKINGA EZECORRUPTION

UKHONGOLOSE makalungise izinkinga zangaphakathi njengoKhongolose njengenkunzi eseyimidwayidwa ngokuphokopholela ubulungiswa kulelizwe.

Bekunganjani ukuba leliqembu elibusayo kulelizwe kelisebenzise lengqungquthela yengqubo-mgomo maphakathi nalonyaka ophezulu (June-July 2012 National General Council) ukuba kekudingidwe kabanzi zonke izinkinga eziyizinseleloeqembini njengeqembu “qwaba sisodwa”; ngaphandle kokugxambukela kakhulu kwezinhlaka zikahulumeni na?

Ngingakagxili kakhulu kulesiphakamiso, mangikuqhakambise ukuthi noma kade ngingakakuphakamisi esebeni engingaphansi kwalo (Branch Meeting) kaKhongolose loludaba, kepha sesike saludingida lwavuthwa sikanye nozakwethu asebemnkantshubomvu futhi abangamaqabane kuMbimbi OlunguNxantathu (Tripartite Alliance).
Lapha ngibala amadelakufa anjengo Khaye Nkwanyana wamaKhomanisi, Ntobeko Castro Ngobese wenyunyana yabasebenzi bensimbi (Numsa) kanye nesigayigayi senhlangano yabafundi uVusimuzi Martin Bhengu, kanye namanye amashosgozela.

Nakube lesikhalo sethu singasesisha kangako, ngoba phela sabe sikade siphakanyisiwe futhi sadingidwa kabanzi kwingqungquthela yasePolokwane ngonyaka ka 2007.

Kodwa-ke, iqembu likaKhongolose selibonakala lihlalelwe ngumthwalo onzima kulezinsuku, okungukwahlukanisa ukwengamela izindaba izindaba zangaphakathi eqembini, kanye nalezo ekufanele mazenganyelwe ngokwasemazingeni kahulumeni, phecelezi, party politics and governance issues.

Yingakho-ke ngiphonsa lombuzo-ngqangi ngiwubhekise kuzozonke izinhlaka zeqembu?

Kungabe umhlahlandlela wokukhulisa abaholi abasha ngokwenkambiso yokuzinzisa konke okwakhelwa, nokwakulwelwa kanye nokufeza injongo-ngqangi eyasungulelwa ukukufeza inhlangano kaKhongolose eminyakeni eyevile ekhulwini leminyaka, isakhuliswa ngokuyikho na kuleliqembu eselingababusi eNingizimu Afrika na?

Izingwevu zikaKhongolose (Veterans) ziyibiza lenkambiso engikhalaza ngayo ngokuthi; “ukuthungathwa bese sithumela kwizinhlaka zokubusa lelizwe labo asebephekiwe, baphekisiswa futhi baphasiswa ngokulandela imigomo ephokophelelwe ukufezwa ilenhlangano esadela konke ngayo ebusheni bethu” phecelezi; Political deployment.

Kungabe lezicwicwicwi zezifundiswa zamasudi amithende zarhabuliswa nje ngesiko-mpilo kanye nokusebenzela ukuthuthukisa izimpilo zoquqaba olwakhele lelizwe, noma bake babuthwa base bekhuliswa ngokwakaKhongolose na?

Njengoba inkohlakalo, ukuxhaphaza izimali zabakhokhi-ntela kudla lubi kanje kulolonke izwe ezinhlakeni zokubusa eNingizimu Afrika, kungabe labaholi abakhethwa yithi balandeli bakaKhongolose ukuhola izifundazwe, omasipala neminyango thizeni kohulumeni, bake-nje langa limbe bawufunda uMthethosisekelo kaKhongolose, bawuthinta nje Umrabulo, Shop Steward, ANC Today, noma-ke noma ngeyiliphi ibhukwana elichazayo ngokubhekeke ekuziphatheni kongumholi wakwaKhongolose na?

Bazongivumela abaningi ukuthi isono esaba simbi ngokwedlulele, futhi nesagcina simenze waba liqaqa elinuka phu esezweni sonke lowo owayengumongameli walelizwe ngemuva kokuhoxa kukaTata Madiba, kwaba yikho kanye ukulibala noma ukulaxaza ukuthi uma kusabusa uKhongolose kulelizwe, ‘IZWI ELINGUMNQAMULA JUQU LOKUBUSA’ liyadingidwa ezinhlakeni zikaKhongolose, kuvunyelwane bese lithunyelwa ukuyophasiswa ePhalamende, ngoba eLuthuli House selithathwe ngo “ELETHU.”
Pho-ke sekonakelephi kulelizwe, kungabe sesiphindela kwelasemaJuteni lapho sabe sigqishwa khona ukwamukela ingqubo-mgomo,phecelezi, GEAR, njengoba kwenziwa ngonyaka ka1996 NA?
Sekungathi bekuyizolo kade siludingida leliphuzu kwingqungquthela ePolokwane saze savumelana ngokuthi akuseyukuphinde kugxambukele ezokubusa ngokukahulumeni kwizindaba ezingalungiseka ngaphakathi kwaKhongolose.

Engiliphakamisato bozakwethu, ikhambi esingagqamuka nalo ukulungisa lamahlazo obudedengu ngokusebenzisa izimali zabakhokhi-ntela ngalendlela kuzozonke izinhlaka zikahulumeni kulelizwe.
UMqoqi-Ntela Omkhulu umnumzane Terrence Nobembe, umkhonyovu omkhulu uwukhomba ngaphakathi ekhaya elikhulu likaKhongolose.
Umkhonyovu obikwa ngokuguqa ngedolo kukahulumeni waseLimpopo oholwa nguNdunankulu Cassel Mathale, impicabadala yaseMpumalanga-Koloni kuNdunankulu Kievit, kuyokwenamela kwisifundazwe okwazalelwa kuso uKhongolose ngaphansi kukaNdunankulu Magashule, kuveza isithombe esingamukeleki lapho kuhola khona elibuswa ngabakwaKhongolose.

Naseduze kwelikaBhanana konakele, nesifundazwe kwelikaMthaniya izigqapheli zihosha amakhala.Nemibiko yokusebenzisa ngaphezu kwesabelo zimali kungalandelwanga imigudu ngokusemthethweni kwesamba esingaphezu kuka R 43 million kuMasipala weTheku akwemukelekile neze Maqabane.
Nakube ngingeve ngiqonde ukutshela abaholi engibahloniphayo ngokungenziwa ukubuyisa isithunzi sikaKhongolose kwizimbangi nezimfamona, bengithanda ukuphakamisa ukuthi ngaphambi kokuba abaholi abamnyama (iningi labo) babonakale njengezehluleki kwezokubusa, ukuba make siphindele ezinhlakeni zenhlangano siyohabulisana ngokwemigomo oKhongolose ayakhelwe kuyo ngonyaka ka1912.

UKhongolose noKkhongolose bakaxoxisane, sisikhuze sife nya lesihlava esidlangile ngaphakathi eqenjini lapho abaholi sebezibhekelela bona bodwa ngokukhohlakala.
Isiko-mpilo elabe libizwa ngomrhabulo ezinhlakeni zikaKholongose malibuyiswe Maqabane!

Saturday, December 17, 2011

BAPHUCWELANI ISINKWA ABASHAYELI BAMATRUCK NA? [NgoToyota SA benoTransnet Freight Rail]

ISIKO-NGQANGI futhi elihlale lingumkhombandlela kuzozonke izinselelo ibhizinisi nebhizinisi elihlangabezana nazo kulowomkhakha elihweba kuwo-phecelezi; competitive advantage- lihle kakhulu ngoba likwenza kubelula ukubhekana ngokuzethemba nalaba osuke uncintisana nabo, futhi ikwenza kubeluls kakhulu ukubaqwaqwada emakhanda uma sekubalwa inzuzo eyakhiwa ibhizinisi lelo olengamele.

Phela, abazi kangcono ngakwezomnotho bathi okuyikho kusemqoka ekwengameleni ibhizinisi yilokhu okulandaelayo: Uhwebela kuphi; Uhweba ngani; Uhweba nobani, lezomphahla ohweba ngazo zifika ngesivinini esingakanani kubathengi, kanye nokuthi uma sewuqhathanisa intengo yezimpahla zakho kozakwenu kulomkhakha enikuwo ingakanani.

Lesisendlalelo ngisinekela izwe ngemuva kwezindaba ezingezwakala zimtoti kosomabhizinisi abasemkhakheni wokuhweba ngezimoto.

Kodwa-ke; uma sewuhlaziya umthelela esizokuba nawo kubobonke abasebenzi-iningi labo- okungabamnyama futhi akade sebekuthole kungumbele wensengwakazi ukuthola amatoho okuphilisa imindeni yabo, ngizithola nginokuwazwela amakhulku-khulu abashayeli bamaloli amakhulu kulesifundazwe sikaMthaniya.

Lesiphakamiso sokusebenza ngokuhlanganyela kwenkampani yakwaToyota, eSiphingo kanye nenkampani yakwa"Loliwe" iTransnet Freight, sizoshiya kulilwa kwizindimane zemindeni ebeyiphiliswa ngabashayeli bamaloli amakhulu eThekwini.

Umbuzo-ngqangi ovelayo ngothi kungabe labaphathi abakhulu kulezinkampani eziyizikhondla-khondlka bakwazile yini ukubhekelela izindimbane zabashayeli bamaloli amakhulu asebezolahlekelwa imisebenzi yabo na?

Kungabe lababhemu,okuyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaToyota, umnumzane Johan van Zyl kanye noyisikhulu esiphezulu (CEO) sakwaTransnet Freight Rail, umnumzane Siyabonga Gama, bake bakucabanga yini ukuthi lamakhulu-khulu abashayeli bamaloli abathutha izimoto zakwaToyota zisabalale nezwe lonke laseNingizimu Afrika, amazwe angomakhelwane, ngisho nalawo angaphesheya kwezilwandle, banezinkulungwane zemindeni abayondlayo ngakho belu ukuthutha ngamaloli ingqwaba-ngqwaba yezimoto ezikhiqizwa iningi labafowethu nodade abadabuka laphaya ngaphesheya ezigodini zaseMbumbulu na?

Mangicaphuna umnumzane Gama ngemuva kokwethulwa kwalolubumbano lokuthutha zonke izimoto ebezikhiqizwa eProspecton, esezizothuthwa ngamaguzu esitimela esikhundleni samaloli amakhulu makuqala unyaka lonyaka esingena kuwo ubeke kanje; "Namuhla besethula usuka"sihambe wesivumelwano sokusebenzisana nabakwaToyota. Zonke izimoto ebezikhiqizwa embonini eyakhelwe eSiphingo sezizolayishwa emaguzwini ezitimela zakwaTransnet Freight Rail size siyozibeka cababa esikhungweni esakhelwe ukwamukela izimoto ezintsha esisendaweni yaseKaalkfontein, esifundazweni saseGauteng ukuze kwenzeke ngokushesha ukuzidayisa"; ngimcaphuna njengoba ayechaza ekuqaleni kwamaholidi kaKhisimusi.

Mangikugcizelele ukuthi okunye okwabe kuqhakambiswa lapho kwethulwa lolubambiswano nalaboNgxiwankulu, kwavela ukuthi ngaphandle kwalengqwaba yabashayeli bamaloli amakhulu (abalelwa emashumini amabili nanhlanu amaloli athutha izimoto phakathi kweGoli neTheku ngesonto) abazophelelwa yimisebenzi, kubesekuqhakambiswa ukuthi amaloli amakhulu awasadingeki emigwaqqweni yaseNingizimu Afrika ngoba "ubukhulu besisindo sawo sinomthelela omubi ekugugiseni ngokushesha isakhiwo semigwago engodedangendlale (N3 Freeway) ophakathi kwelikaBhanana noMoba nendawo yaseMjibha.

Kungabe sisho ukuthini lesivumelwano sokuhweba phakathi kwalaboNgxiwaNkulu ngekusasa labasebenzi abangabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe na?

"Iguzu lethu elilodwa lesitimela elizosuka eSiphingo nezimoto eziqeda kukhiqizwa, lizosisiza ngokuthi cisho amaloli amakhulu abalelwa kwangu25 akasezukuba khona emigwaqweni kulelizwe. Lokho nje kukodwa, kuzozinciphisa kakhulu isiminya-minya (congestion) kanye nokulwa neziphakamiso zokulwisana nomoya ongalungile (pollution & carbon emissions) njengoba kade zidingidwa kwiCOP 17 kungekudala." kucacisa umnumzane Gama.

Ngokwemigomo yokuhweba ngokukhululeka ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu, lesivumelwano ngoNgxiwaNkulu besingenazinkinga, KODWA-KE, eningini lezakhamuzi kulesifundazwe saKwaZulu-Natal sesiphinde sathunuka izilonda ebeseziphola-zangeminyaka engaphezu kwamashumi amabili edlule-- lapho yena belu lo "Loliwe ndini" ungegqiwa ntwala inkemenkeme yengozi kubalimi bakamoba abakhele lesifundazwe.

Lapha ngibala abalimi abamnyama bakamoba kusukela ezansi nesifundazwe koSezela, UMzinto, UMbumbulu, KwaDukuza, Mpangeni kuze kwenabele koManguzi abashaywa ngemfe iphindiwe nguye belu lo "Loliwe."

Kungonakele lutho bavele bakuvala ukuthutha isivuno somoba ngamaguzu, batshela izalukazi namakhehla ezingabalimi ukuthi sekuzofanele baqashe bese bekhokhela uhlelo olwabe luphethwe ngamaloli ngabakwaUni-Trans. Bangaki abalimi abamnyama bakamoba abasekhona, futhi abakwazi ukbhekana nezindleko zokuthutha umoba ezindaweni zasemakhaya ngokukhokhela amaloli amakhulu abakwaUni-Trans?

Mhlawumbeke, ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye ngoba phela ngesikhathi kudilizwa abashayeli bamaloli amakhulu kusho ukuthi iningi labafowethu abaphelelwa imisebenzi ngesikhathi u"Loliwe" efadalala, kuvalwa imizila yezitimela eminingi kulesifundazwe sebezophinde batholelwe imisebenzi emisha.

Uke uzibuze nje ukuthi baphelelaphi o"Mashendela"? Cishe-ke. sebezophinde babonakale kabusha emizileni ezobe kuthuthwa kuwo zonke lezimoto ezikhiqizwa kwaToyota eProspecton endleleni ephikelele eKaalkfontein ngonyaka ozayo.

Esesonga umnumzane Van Zyl wakuqhakambisa ukuthi vele kwakudala amaguzu abe vele akhelwe ukuthutha zonke izimpahla ezinesisindo esevile.

"Siyakujabulela ukuphinde sisebenzisane nabakwaTransnet Freight Rail ngoba sebephinde bazibophezela ekutshaleni izizumbulu ukuze u"Loliwe" uphinde ubaqwaqwade oncintisana nabo kwezokuthutha, phecelezi,"increase competitiness against road users".

Ngoba kubonakala kusekukhulu okuzayo embonini yabashayeli bamaloli amakhulu kulelizwe, imizamo yokuthola uNobhala wenyunyana yabasebenzi (Cosatu) umnumzane Zet Luzipho kulesifundazwe aziphawulele ayiphumelelanga.

Wednesday, October 26, 2011

MAZIKHOKHELWE IZIDINGO-NGQANGI KUHULUMENI WENTANDO YABANTU

"ASINAMALI, ASIMELWE, AZIKHWELWA"-- zonke lezizaga zabe zihaywa kushubile emalokishini ayehlala abantu abamnyama kulelizwe ngeminyaka lapho ubandlululo lwabe ludla lubi kulelizwe laseNingizimu Afrika.

Kodwa-ke isithombe esisanda kudwetshwa nguNgqongqoshe obhekele ezeziMali, nokuqoqwa kweNtela kulelizwe, umnumzane Pravin Gordhan, ngokuphatha ngokungeyikho ngabaphathi bakaMasipala izimali zabakhokhi-ntela kufaka ungabazane ngobuholi bohulumeni basemakhaya.

Ngesikhathi enekela izwe ePhalamende eKapa kulelisonto, ngendima eseyikhathuliwe ngokusebenzisa iSabelo-ziMali (medium Term Budget) zonyaka ka 2011/12, uMphathiswa uzwakalise ukuthi sekuzodingakala kusetshenziswane ngokukhulu ukubhekisisa ekuphathweni kanye nasekuqoqweni izimali zentela kohulumeni abasemazingeni aphansi.

Nakube kunjalo, usahamba kahle umgqigqo kahulumeni wokuhlinzeka ngamathuba okwakha imisebenzi (Expanded Public Works Programme) kuwowonke amazinga kahulumeni, kugcizelela umnumzane Gordhan.

Ngezikhathi usasha umzabalazo wokugqugquzela ukungazikhokheli izidingo-ngqangi zikahulumeni wobandlululo emalokishini, anjengoLamontville, Sobantu, Khayelitsha, Alexander, Soweto, Hambanathi, namanye amaningi, kwabe kulikhwelo elalizwakakala ngoba babengekho abaholi bomphakathi ababekhethwe izakhamuzi.
Kepha abaholi-mbumbulu bangalesosikhathi kwabe kuyizichuse-nje ezazinhlanhlatha zimpampiswa inkambiso yamaBhunu ukuqhubezela ukugcindezelwa kwamanyama kulelizwe.

Kungaleliphuzu lapho kungethusile ukuvela nokudwetshwa kwesithombe sokuthi loMnyango oqoqa izintela kulelizwe ukweletwa izizumbulu ezibalelwa ngaphezulu kwezigidigidi zika R62.3 billion ngohulumeni boMasipala.

Uma ebabala uNgqongqoshe Gordhan, sebebonke abaphathi ababudedengu ngezimali zabakhokhi-ntela batholakala komasipala abangamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nantathu (283 municipalities in serious debt) futhi basabalele nezwe lonke.

Ngeminyaka yobandlululo kwakunesisho esithi,phecelezi;"Without representation, No taxation"-
Sikhokhiselwani, Sikhokhelani, Sizokhokhelani ngoba simelwe ngahaholi abangonopopi bamaBhunu, abasitshela ukuthi bayenziwe kanjani intuthuko ezindaweni esihlala kuzo, kodwa abangafuni ukulalela uvo lwethu na.

"Mphakathi, Zakhamuzi ezakhele lelizwe laseNingizimu Afrika, kufanele nizikhokhele zonke izidingo-ngqangi enizisebenzisayo lapho nihlala khona (municipal services).
Akwamukelekile neze ngezikhathi zikahulumeni wentando yabantu ukungazikhokheli izidingo zempilo enizilethelwa nguhulumeni owakhethwa yinina.
Singumnyango obhekele ukuqoqa iFa likaHulumeni (National Treasury) sizimisele ukusebenzisana nabaholi beSouth African Local Government Association (SALGA) kanye ne South African National Civics Organization (SANCO) ukukhuthaza isiko lokuqoqa nokuzimisela kwethu sonke siyizakhamuzi ukukhokhela izidingo-ngqangi (rates) ezindaweni esihlala kuzo" kugcizelela uGordhan.

NgingowaseMaqadini, nami ngihlaba ikhwelo lokuthi abaholi bethu emazingeni asondelene nathi (emakhaya) mababe isiphefu esizokhanyisa ngokuyikho ngokusebenza kukahulumeni owakhethwa ngabantu kulelizwe.

Ongumholi oqavile wezinyunyana zabasebenzi bakaMasipala, umnunzane Ntokozo Nzuza, uvele wakhomba ngenjumbane izikhulu thizeni kuhulumeni womasipala ngokuzibhekelela bona bodwa ngezimali zabakhokhi-ntela.
"Ekungabe kuhlinzekelwa izidingo-ngqangi zezakhamuzi, imiholo yabasebenzi eyamukelekayo nephilisayo, kanye nokugqugquzela ukuba omasipala baholwe ngendlela ehlelekile, uthola abaphathi beziholela izizumbulu zezimali kanye nokuzenzelela kwimisebenzi ekhishwayo yokulungisa ingqala-sizinda kulabohulumeni" wabeka kanje.

Mangiphetha lesiphakamiso sokusebenzisana ngokuyikho emazingeni kahulumeni womasipala, ngithanda ukuyigqobha ngamazwi ashubile aphinyiswa kungekudala nguMphathi-Jikelele (Director-General) woMnyango wokuqoqa iziNtela zikaHulumeni, umnumzane Lungisa Fuzile.

"Kulihlazo, futhi kuyenyanyisa ukuthi kuseneminyango kahulumeni eseyehluleke yancama ukukhokhela intela kahulumeni.
Okusixakayo ngukuthi lezizumbulu ziphelelaphi noma zisebenzaphi ngoba sisuke sesibabele abazoyisebenzisa ngokukhokhela lamabhilidi abasebenzela kuwo.
Futhi sisuke sihlephule kuyona kanye lemali yabakhokhi-ntela kusale esesizohlinzekela ngayo ukuhambisa izidingo-ngqangi kwimiphakathi yethu" kubalisa umnumzane Fuzile.

Nokho okunika ithemba isibophezela sakhe sokuthi baphezu kokwakha uhlelo oluzolwisana nokungcola, ukweba kanye nobugebengu (corruption0 obudlangile kubaphathi beminyango emikhulu kohulumeni basemakhaya, ngoba, ngokusho kwakhe, lokuhluleka ukukhokhela intela kahulumeni kunomthelela ekuhlinzekeleni ngezidingo-ngqangi kwimiphakathi eyakhele lezozindawo.

Saturday, October 8, 2011

KZN--MALUSHE UCHATHO LWASEMANGAUNG!

Add ImageKULINDWENI wezakhamuzi zakulesifundazwe sikaMthaniya njengoba koLimpopo kanye naseGauteng seluvuthiwe loludaba.

Masiluqale manje, malushe-ke uchatho lwangempela, masiwuvukuze umphakathi wethu kulesifundazwe ukuze sithi siwugojela lonyaka ophezulu kube sekucace okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi lesifundazwe sisazophinda simthwale ngeqoma uMsholozi kwinkongolo kaZibandlela wonyaka ozayo (December 2012 ANC Elective Conference).

Noma lesiphakamiso singeyukuzwakala kahle kumaphixi-phixi thizeni akhele lesifundazwe soBabu Albert Luthuli, kodwa-ke, iqiniso elingephikwe ngelithi noma sitshelwa ngabaholi ukuthi loludaba alukavulelelwa ukuxoxwa esidlangalaleni, ngingowaseMaqadini, ngingekuvumele ukukhohlisa unembeza ngiwuhlabe inhlali zibe izinto zishuba la emnyango.

Nguyena muphi owakhele lesifundazwe ongasaboni manje ukuthi imvunge yokuhola lesikhondlakhondla seqembu ngonyaka ozayo, isivele igcwele emasontweni, emafemini, ezikoleni, ezibhedlela, ngisho nasemarenki amatekisi seliyashumayezwa lelivangeli lokugudluza osesihlalweni.

Sikhuluma nje eGoli-ke likansondo (kwisifundazwe saseGauteng) sebeze baqhembukelana bamaqembu-qembu ngakho belu ukuqhakambisa umkhankaso wokuthi ngubani asebemkhankasela ukuhola uKhongolose ngemuva kwaseMangaung.
KwesaseLimpopo isifundazwe, uNxamalala usephenduke iqaqa kulezingane ezingezwa.

NjengoMzulu phaqa, futhi oziqhenyayo ngokuthi lesikhondlakhondla esimasondo-sondo seqembu likaKhongolose sakhelwa, sasungulwa lapha phezu komfula uMzinyathi, esigodini sikaMafukuzela onjengeZulu, eNanda Mission, ngiyazibuza ngiyaziphendula.


Ngiyazi lokhu kungezwakala njengempicabadala yoqobo okwamanje, ngoba nakhu phela kuthi kuzanywa ukunqanda lezizingane zethu eziziphahlukelayo futhi zigcwaneka nje esidlangalaleni, kube futhi ngapha kukhalinywa lemidodovu yamakhehla esabisa ngokuthandazela ukushabalala nokufa kweqembu elazabalazela lonke uquqaba lakulelizwe ukuze liphume emaketangweni obandlululo.

Kodwa-ke ubuhle besiZulu abungathekiswa, futhi zonke lezivunguvungu zizoshabalala kungekudala. Yingakho nje ngingathanda ukucaphuma izinhlamvu ezabe zihaywa iNdlovukazi yoMculo esikobandayo uMrriam Makeba lapho ethi;"Nathula nje Magwala ndini, nazi izinkomo zobaba zizomuka nabafokazana? "

Zolo lokhu, oyisazi ngokwakha amaqhinga-ngqangi okudla umhlanganiso (Political Campaigns: Getting Started, Strategy & Planning) umnumzane Benjamini A. Katz, uphakamisa ukuthi noma ngabe izimo sezizimbi futhi zikuphendukele kangakanani njengomholi, akusafanele ushaywe luvalo.
"Kufanele ngesikhathi izimbangi zakho zisashaya umkhulungwane, ziphaphame lapho abakwesekayo sebekuthwele emahlombe njengomholi wabo-- kungabe sekuqaliwe nama akukaqalwa ukukhankasa- inqobo nje uma besakholelwa ebuholini bakho" uyichaza kanje lenselelo.
IYAPHELA
------------------------------
-----------------------------------------8888888888----------------------------------------------
{NB: Ngokwencazelo ekhishwe ngabakwaWikipedia "UKUKHANKASA NGOKWEZEPOLITIKI" kusho ukufuqa umkhankaso ohleliwe, wahlelisiswa lapho niphokophelele ukuthi makuthathwe isinqumo esizovuma uhlangothi oluthile enikholelwa kulo eqembini elithilwe ngalesosikhathi}

Kubhale: Nkonzwenhle "Qadi Maqadini" Mqadi
UMbhali ozimele waseThekwini
Cell: 0795010296 / 0825816323

Thursday, August 4, 2011

eTHEKWINI TO DRIVE THE CONTINENTAL AGENDA

eThekwini Mayor, Clr James Nxumalo, has urged the delegates attending the 2011 African Renaissance (KZN Chapter) in Durban that they should use the platform to brainstorm and develop new new ideas that will move the African continent towards a positive direction in the twentieth century.

Delivering the opening address at the two-day symposium held at the Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre this morning, Nxumalo implored the participants to engage unto a wide discussion that will create a wide spectrum of possibilities for the peoples of Africa.

"It is no secret that our continent is still faced with huge challenges such as the deteriorating health infrastructure, a failing economy, lack of a sound infrastructure development, poverty and a shortage of technical skills base, Therefore, I implore every delegate that we use this Durban's critical platform to become the primary drivers of our own continental agenda.

Accordingly, emphasisd Nxumalo, the city of eThekwini has positioned itself as the home of all African Renaissance festivities because the annual symposium harbours an economic and social developmental agenda for the continent.

"Comrades, the African Renaissance is a comprehensive and global plan of action to fight the poverty of ideas and, also, aims to ensure the economic and industrial growth of th mother continent.
This gathering should develop an action plan that aims to provide sustainable solutions to the African and the Diaspora challenges going forward" explained Nxumalo.

These sentiments were further echoed by the KwaZulu-Natal Premier Dr Zweli Mkhize and the South Africa's Minister of Public Enterprises Malusi Gigaba.
Both eminent political leaders cajoled the delegates that it was imperative that they take ownership of the African destiny as the 21st century was meant for the revival of the continent.

Using the Durban event, they called on the delegates to engage themselves robustly as the continent moves towards a vibrant vision as an re-emerging giant and a significant player in the New World Order.
ENDS

Wednesday, July 13, 2011

KUNGABE SINGABASEBENZI IZOSITHINTA KANJANI I "NATIONALISATION" ?


KUNGABE singabasebenzi kulelizwe laseNingizimu neAfrika sesikwazile yini ukuba sizinike isikhathi sizicubungulele ngokwethu ukuthi kungabe kuzosithinta kanjani thina uma sekuthathwa zonke izinkampani zongxiwankulu bese zifakwa ngaphansi kukahulumeni oholwa ngokwentanto yeningi.

Kungabe uquqaba oluyizakhamuzi ezakhele lelizwe, iningi lazo okungabampofu, luzosizakala kulenqubo-mgoma ehlongozwayo, ebizwa phecelezi, "nationalisation" na?.

Kungabe yena lomfokazi osha amashushu ngokudla "ngaphandle kwenkokhelo umhlaba wobabo'mkhulu owebiwa ngamasela angabelungu, kanye nezimayini zonke kulelizwe kufanele siyothatha isinqumo ngakho kwiNgqunquthela yaseMangaung"; yena njengomholi osemusha uyakuvumela yini ukuba zonke izakhamuzi zakulelizwe kanye nezingcitha-buchopho zikwazi ukuba yingxenye yokuludingida loludaba ngokukhululeka na?

NgiliKhomanisi laseMaqadini futhi elikujabulelayo ukuxukuza ubuchopho ngokujulile ngenxa yokuthi kuyongijabhisa ukubona izithukuthuku zabalwela lelizwe seziphelela emoyeni kuhle kwamazolo.

Ingqikithi yokubhekisisa lempikiswano ngelibanzi kubangelwe ukuhlaziya ukuthi yona lermvuthwana yotiki esiyiholelwa ngongxiwankule, thina njengabasebenzi siyilondoloza kanjani, ukuze phela izizukulwane ezizayo ziyokwazi ukuphila kangconywana ngalokho esokushiya njengefa labo.

Engizokuveza kuleliphepha, kuyisexwayiso-nje ngengozi engase ishiye umsizilo wesilonda kuzo zonke indlela nohlelo lokulondoloza abasebenzi abalisebenzisayo kulelizwe.

Kuyangijabulisa ukuzwa ukuthi kwawona umfelandawonye wezinyunyana oholwa isikhondlakhondla esingu COSATU wehlukene ngemibono ngegxathu ozoluthatha ngenxa yongabazane onalo ngezimpesheni zabasebenzi, iningi lazo eziqongelelwa kwisikhwama esenganyelwe nguhulumeni, esibizwa phecelezi, Government Employees Pension Fund.

Cishe okubili kokuthathu (2/3) wemali engena nyanyazonke kwiGEPF, akugcinwa kuyona kepha kuyabolekiswa ezinkampanini ezinkulu ukuze kwenze inzuzo ephindaphindiwe kuzona kanye lezikhondlakhondla zongxiwankulu ekukhankaselwa ukuba mazenganyelwe nguhulumeni.

Masifunda umbiko wokuphela kokusebenza konyaka (GEPF 2010 Annual Report) sibikelwa ukuthi 56% wezizumbulu onazo ezibalelwa ku "R 801 billion" uhulumeni vele sewabolekisa ngawo ezinkampanini zabo ongxiwankulu ezisebenza noma ezihweba khona lapha eMzansi neNingizimu.

Kulezinkampani ezinkulu eziboleke izimali zabasebenzi, futhi lendoda ebhongoza ukuba zenganyelwe nguhulumeni wethu singabala o' Anglo American, Anglo Platinum, BHP Billiton, kuye kenabele nakumabhange amakhulu anjengo' First National Bank (FirstRand) kanye ne' Standard Bank.

Ngokuhlanganyela lezinkampani eziphethwe ngongxiwankulu, kubikwa ukuthi zigodle ngemali- mboleko yezimpesheni zabasebenzi eyevile kwizigidigidi ezibalelwa ku R150 billion.

Umbuzo-nqangi olokhu uqhamuka kepha ongakakwazi ukuphenduleka ngothi uma lezinkampani zikhetha ukuphuma zibalekele i "nationalisation" kulelizwe, kuyokuba lula kangakanani ukuzilandelela uhulumeni eseyolanda lezizumbulu osekwebolekwene zana na?

Nakuba ngingakhulumeli iqembu elibusayo kulelizwe, kodwa-ke kuzwakala kuyizwi lapho kuhumushwa ngelithi impela siyakudinga ukubusa ngokubambisana nezamabhizinisi, kepha loludaba lwe "nationalisation" malusingathwe njengezikhali zamaNtungwa.

Makungabe nje uhulumeni ufuna ukuzithenga lezinkampani, izoqhamukaphi imali yokwenza lokho na?
Bheka-nje ukuthi iSabelo ZiMali uhulumeni asebenzela kuso luminyaka singakanani?
(Government's 2011/12 Budget = R 890 billion)

Okunye okufaka ingebhe noma usawoti esilondeni iqiniso elimsulwa lokuthi cishe zonke lezinkampani kaziwona umsinsi wokuzimilela kulelizwe, futhi-ke kunokuba zilahlekelwe amathuba okwenza inzuzo ngokukhululeka kulelizwe zingavele zishaye zichithe ziyohweba kwamanye amazwe asathuthuka.

Isibonelo-nje, kuwana womane amabhange amakhulu kulelizwe (Absa, NedBank, Standard Bank kanye ne First National Bank) kakukho nelilodwa ubunikazi balo obakhelwe bazimelela kwelaseNingizimu neAfrika.

Ngiphakamisa ukuba singayithathi ngesidlozana lenkulumo ye"Nationalisation" kepha siyibuke ngokuqaphelisisa ukuthi cishe zonke lezinkampani esihlose ukuzengamela, zisanomsebenzi omkhulu futhi omuhle wokuhlomulisa izizisebenzi ngomhlomulo omkhulu ezimpalini zenzalo yezimpesheni zethu kwa GEPF ngenxa yokuthi ukwabolekisana kwezimali zabasebenzi kusinika imihlomulo ephindaphindiwe.

Ngiyayivula inkundla kesiqophisana ngomoya owakhayo nge'NATIONALISATION" nakuba mina ngizolindela umbiko weqembu likaKhongolose elathunywa ngemuva kwe NGC 2010 ukuba liyothekela okungalindeleka ngalempicabadala eqhuqhuzelwa ngulusha lweqembu.

Kubhale: Nkonzwenhle Mqadi
{UMbhali ozinze eThekwini}
Cell: 0795010296 / 0731973999

https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif


https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif




Tuesday, June 7, 2011

eTHEKWINI MAYOR VOWS TO FIGHT CORRUPTION

AMID fanfare as the new eThekwini mayor, councillor James Nxumalo, delivered his acceptance speech in front of thousands of Durban resisents on Monday (06 June 2011) , he vowed to uproot and eradicate fraud, corruption and maladministration that was alleged to characterise the City Hall chambers.

"I am not a person who belives in making promises for promises' sake. I want to declare war against fraud, corruption and maladministration in all its manifestations.
Strict measures will be taken against councillors and officials who were found to be doing business with the municipality they serve.
We will ensure that departments adhere to the supply chain management processes and officials will not be allowed to flout tender procedures" warned Nxumalo.

His Worship, Clr Nxumalo outlined approximately ten major priorities that, he conceded, would drive forward the numerous unmatched achievements that were scored over the past 17-years of democracy under the stewardship of the outgoing mayor Obed Mlaba.

He noted the great strides made to create an integrated city in line with the municipaslity's 20/20 vision, andemphasised that together with his 10-man executive committe they aim to enhance service delivery backlogs with the huge budget of R 68 million they inherit from the previous council.

The new exco saw councillor Nomvuzo Shabalala becoming the Deputy Mayor, councillor Logie Naidoo becoming the Speaker, and councillor Stanley Xulu assuming the vital role of being the Chief Whip.

As councillors of this municipality, we have to ensure that we show leadership and each councillor must make themselves available for public scrutiny. All councillors must declare all the business interests they have with our municipality programmes, cautioned Nxumalo.

"Collegues, in everything we do we must strive to find the right balance between economic, social and environmental responsibilities.
Our major and critical priority is to eliminated the backlogs in basic service delivery. We must recognise the great strides made by the previous council, we must ensure that we maintain our existing assets and ensure that we continue to provide our residents with the highest services possible" he said.

The incumbent eThekwini mayor stressed an emphasis that the new executive committe will have to improve their oversight to ensure that all the resources of the city (be the human resource, technical or financial resources) were utilized economically, effectivelly and efficiently.

Nxumalo also announced that working in partnership with organised business and the trade union leadership, they will as the new exco hold an Indaba to deliberate and brainstorm on strategic plans that aim to increase employment opportunities of the city residents and how they the put in place mechanisms to grow the municipality's economy.

"Fellow colleagues, we are servants of our residents and visitors. Councillors must be seen to be working together with all our people and we must ensure that our communities are always part of development as we create better lives for all" concluded Nxumalo.

Even the opposition partyleadership sang praises of the Mayor's maiden speech, with Minority Front leader Amichand Rajbansi and the National Freedom Party's Wiseman Mcoyi both saying the mayor promise is good for the eThekwini Municipality's future goals.
ENDS