Saturday, October 8, 2011

KZN--MALUSHE UCHATHO LWASEMANGAUNG!

Add ImageKULINDWENI wezakhamuzi zakulesifundazwe sikaMthaniya njengoba koLimpopo kanye naseGauteng seluvuthiwe loludaba.

Masiluqale manje, malushe-ke uchatho lwangempela, masiwuvukuze umphakathi wethu kulesifundazwe ukuze sithi siwugojela lonyaka ophezulu kube sekucace okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi lesifundazwe sisazophinda simthwale ngeqoma uMsholozi kwinkongolo kaZibandlela wonyaka ozayo (December 2012 ANC Elective Conference).

Noma lesiphakamiso singeyukuzwakala kahle kumaphixi-phixi thizeni akhele lesifundazwe soBabu Albert Luthuli, kodwa-ke, iqiniso elingephikwe ngelithi noma sitshelwa ngabaholi ukuthi loludaba alukavulelelwa ukuxoxwa esidlangalaleni, ngingowaseMaqadini, ngingekuvumele ukukhohlisa unembeza ngiwuhlabe inhlali zibe izinto zishuba la emnyango.

Nguyena muphi owakhele lesifundazwe ongasaboni manje ukuthi imvunge yokuhola lesikhondlakhondla seqembu ngonyaka ozayo, isivele igcwele emasontweni, emafemini, ezikoleni, ezibhedlela, ngisho nasemarenki amatekisi seliyashumayezwa lelivangeli lokugudluza osesihlalweni.

Sikhuluma nje eGoli-ke likansondo (kwisifundazwe saseGauteng) sebeze baqhembukelana bamaqembu-qembu ngakho belu ukuqhakambisa umkhankaso wokuthi ngubani asebemkhankasela ukuhola uKhongolose ngemuva kwaseMangaung.
KwesaseLimpopo isifundazwe, uNxamalala usephenduke iqaqa kulezingane ezingezwa.

NjengoMzulu phaqa, futhi oziqhenyayo ngokuthi lesikhondlakhondla esimasondo-sondo seqembu likaKhongolose sakhelwa, sasungulwa lapha phezu komfula uMzinyathi, esigodini sikaMafukuzela onjengeZulu, eNanda Mission, ngiyazibuza ngiyaziphendula.


Ngiyazi lokhu kungezwakala njengempicabadala yoqobo okwamanje, ngoba nakhu phela kuthi kuzanywa ukunqanda lezizingane zethu eziziphahlukelayo futhi zigcwaneka nje esidlangalaleni, kube futhi ngapha kukhalinywa lemidodovu yamakhehla esabisa ngokuthandazela ukushabalala nokufa kweqembu elazabalazela lonke uquqaba lakulelizwe ukuze liphume emaketangweni obandlululo.

Kodwa-ke ubuhle besiZulu abungathekiswa, futhi zonke lezivunguvungu zizoshabalala kungekudala. Yingakho nje ngingathanda ukucaphuma izinhlamvu ezabe zihaywa iNdlovukazi yoMculo esikobandayo uMrriam Makeba lapho ethi;"Nathula nje Magwala ndini, nazi izinkomo zobaba zizomuka nabafokazana? "

Zolo lokhu, oyisazi ngokwakha amaqhinga-ngqangi okudla umhlanganiso (Political Campaigns: Getting Started, Strategy & Planning) umnumzane Benjamini A. Katz, uphakamisa ukuthi noma ngabe izimo sezizimbi futhi zikuphendukele kangakanani njengomholi, akusafanele ushaywe luvalo.
"Kufanele ngesikhathi izimbangi zakho zisashaya umkhulungwane, ziphaphame lapho abakwesekayo sebekuthwele emahlombe njengomholi wabo-- kungabe sekuqaliwe nama akukaqalwa ukukhankasa- inqobo nje uma besakholelwa ebuholini bakho" uyichaza kanje lenselelo.
IYAPHELA
------------------------------
-----------------------------------------8888888888----------------------------------------------
{NB: Ngokwencazelo ekhishwe ngabakwaWikipedia "UKUKHANKASA NGOKWEZEPOLITIKI" kusho ukufuqa umkhankaso ohleliwe, wahlelisiswa lapho niphokophelele ukuthi makuthathwe isinqumo esizovuma uhlangothi oluthile enikholelwa kulo eqembini elithilwe ngalesosikhathi}

Kubhale: Nkonzwenhle "Qadi Maqadini" Mqadi
UMbhali ozimele waseThekwini
Cell: 0795010296 / 0825816323

Thursday, August 4, 2011

eTHEKWINI TO DRIVE THE CONTINENTAL AGENDA

eThekwini Mayor, Clr James Nxumalo, has urged the delegates attending the 2011 African Renaissance (KZN Chapter) in Durban that they should use the platform to brainstorm and develop new new ideas that will move the African continent towards a positive direction in the twentieth century.

Delivering the opening address at the two-day symposium held at the Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre this morning, Nxumalo implored the participants to engage unto a wide discussion that will create a wide spectrum of possibilities for the peoples of Africa.

"It is no secret that our continent is still faced with huge challenges such as the deteriorating health infrastructure, a failing economy, lack of a sound infrastructure development, poverty and a shortage of technical skills base, Therefore, I implore every delegate that we use this Durban's critical platform to become the primary drivers of our own continental agenda.

Accordingly, emphasisd Nxumalo, the city of eThekwini has positioned itself as the home of all African Renaissance festivities because the annual symposium harbours an economic and social developmental agenda for the continent.

"Comrades, the African Renaissance is a comprehensive and global plan of action to fight the poverty of ideas and, also, aims to ensure the economic and industrial growth of th mother continent.
This gathering should develop an action plan that aims to provide sustainable solutions to the African and the Diaspora challenges going forward" explained Nxumalo.

These sentiments were further echoed by the KwaZulu-Natal Premier Dr Zweli Mkhize and the South Africa's Minister of Public Enterprises Malusi Gigaba.
Both eminent political leaders cajoled the delegates that it was imperative that they take ownership of the African destiny as the 21st century was meant for the revival of the continent.

Using the Durban event, they called on the delegates to engage themselves robustly as the continent moves towards a vibrant vision as an re-emerging giant and a significant player in the New World Order.
ENDS

Wednesday, July 13, 2011

KUNGABE SINGABASEBENZI IZOSITHINTA KANJANI I "NATIONALISATION" ?


KUNGABE singabasebenzi kulelizwe laseNingizimu neAfrika sesikwazile yini ukuba sizinike isikhathi sizicubungulele ngokwethu ukuthi kungabe kuzosithinta kanjani thina uma sekuthathwa zonke izinkampani zongxiwankulu bese zifakwa ngaphansi kukahulumeni oholwa ngokwentanto yeningi.

Kungabe uquqaba oluyizakhamuzi ezakhele lelizwe, iningi lazo okungabampofu, luzosizakala kulenqubo-mgoma ehlongozwayo, ebizwa phecelezi, "nationalisation" na?.

Kungabe yena lomfokazi osha amashushu ngokudla "ngaphandle kwenkokhelo umhlaba wobabo'mkhulu owebiwa ngamasela angabelungu, kanye nezimayini zonke kulelizwe kufanele siyothatha isinqumo ngakho kwiNgqunquthela yaseMangaung"; yena njengomholi osemusha uyakuvumela yini ukuba zonke izakhamuzi zakulelizwe kanye nezingcitha-buchopho zikwazi ukuba yingxenye yokuludingida loludaba ngokukhululeka na?

NgiliKhomanisi laseMaqadini futhi elikujabulelayo ukuxukuza ubuchopho ngokujulile ngenxa yokuthi kuyongijabhisa ukubona izithukuthuku zabalwela lelizwe seziphelela emoyeni kuhle kwamazolo.

Ingqikithi yokubhekisisa lempikiswano ngelibanzi kubangelwe ukuhlaziya ukuthi yona lermvuthwana yotiki esiyiholelwa ngongxiwankule, thina njengabasebenzi siyilondoloza kanjani, ukuze phela izizukulwane ezizayo ziyokwazi ukuphila kangconywana ngalokho esokushiya njengefa labo.

Engizokuveza kuleliphepha, kuyisexwayiso-nje ngengozi engase ishiye umsizilo wesilonda kuzo zonke indlela nohlelo lokulondoloza abasebenzi abalisebenzisayo kulelizwe.

Kuyangijabulisa ukuzwa ukuthi kwawona umfelandawonye wezinyunyana oholwa isikhondlakhondla esingu COSATU wehlukene ngemibono ngegxathu ozoluthatha ngenxa yongabazane onalo ngezimpesheni zabasebenzi, iningi lazo eziqongelelwa kwisikhwama esenganyelwe nguhulumeni, esibizwa phecelezi, Government Employees Pension Fund.

Cishe okubili kokuthathu (2/3) wemali engena nyanyazonke kwiGEPF, akugcinwa kuyona kepha kuyabolekiswa ezinkampanini ezinkulu ukuze kwenze inzuzo ephindaphindiwe kuzona kanye lezikhondlakhondla zongxiwankulu ekukhankaselwa ukuba mazenganyelwe nguhulumeni.

Masifunda umbiko wokuphela kokusebenza konyaka (GEPF 2010 Annual Report) sibikelwa ukuthi 56% wezizumbulu onazo ezibalelwa ku "R 801 billion" uhulumeni vele sewabolekisa ngawo ezinkampanini zabo ongxiwankulu ezisebenza noma ezihweba khona lapha eMzansi neNingizimu.

Kulezinkampani ezinkulu eziboleke izimali zabasebenzi, futhi lendoda ebhongoza ukuba zenganyelwe nguhulumeni wethu singabala o' Anglo American, Anglo Platinum, BHP Billiton, kuye kenabele nakumabhange amakhulu anjengo' First National Bank (FirstRand) kanye ne' Standard Bank.

Ngokuhlanganyela lezinkampani eziphethwe ngongxiwankulu, kubikwa ukuthi zigodle ngemali- mboleko yezimpesheni zabasebenzi eyevile kwizigidigidi ezibalelwa ku R150 billion.

Umbuzo-nqangi olokhu uqhamuka kepha ongakakwazi ukuphenduleka ngothi uma lezinkampani zikhetha ukuphuma zibalekele i "nationalisation" kulelizwe, kuyokuba lula kangakanani ukuzilandelela uhulumeni eseyolanda lezizumbulu osekwebolekwene zana na?

Nakuba ngingakhulumeli iqembu elibusayo kulelizwe, kodwa-ke kuzwakala kuyizwi lapho kuhumushwa ngelithi impela siyakudinga ukubusa ngokubambisana nezamabhizinisi, kepha loludaba lwe "nationalisation" malusingathwe njengezikhali zamaNtungwa.

Makungabe nje uhulumeni ufuna ukuzithenga lezinkampani, izoqhamukaphi imali yokwenza lokho na?
Bheka-nje ukuthi iSabelo ZiMali uhulumeni asebenzela kuso luminyaka singakanani?
(Government's 2011/12 Budget = R 890 billion)

Okunye okufaka ingebhe noma usawoti esilondeni iqiniso elimsulwa lokuthi cishe zonke lezinkampani kaziwona umsinsi wokuzimilela kulelizwe, futhi-ke kunokuba zilahlekelwe amathuba okwenza inzuzo ngokukhululeka kulelizwe zingavele zishaye zichithe ziyohweba kwamanye amazwe asathuthuka.

Isibonelo-nje, kuwana womane amabhange amakhulu kulelizwe (Absa, NedBank, Standard Bank kanye ne First National Bank) kakukho nelilodwa ubunikazi balo obakhelwe bazimelela kwelaseNingizimu neAfrika.

Ngiphakamisa ukuba singayithathi ngesidlozana lenkulumo ye"Nationalisation" kepha siyibuke ngokuqaphelisisa ukuthi cishe zonke lezinkampani esihlose ukuzengamela, zisanomsebenzi omkhulu futhi omuhle wokuhlomulisa izizisebenzi ngomhlomulo omkhulu ezimpalini zenzalo yezimpesheni zethu kwa GEPF ngenxa yokuthi ukwabolekisana kwezimali zabasebenzi kusinika imihlomulo ephindaphindiwe.

Ngiyayivula inkundla kesiqophisana ngomoya owakhayo nge'NATIONALISATION" nakuba mina ngizolindela umbiko weqembu likaKhongolose elathunywa ngemuva kwe NGC 2010 ukuba liyothekela okungalindeleka ngalempicabadala eqhuqhuzelwa ngulusha lweqembu.

Kubhale: Nkonzwenhle Mqadi
{UMbhali ozinze eThekwini}
Cell: 0795010296 / 0731973999

https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif


https://mail.google.com/mail/images/cleardot.gif




Tuesday, June 7, 2011

eTHEKWINI MAYOR VOWS TO FIGHT CORRUPTION

AMID fanfare as the new eThekwini mayor, councillor James Nxumalo, delivered his acceptance speech in front of thousands of Durban resisents on Monday (06 June 2011) , he vowed to uproot and eradicate fraud, corruption and maladministration that was alleged to characterise the City Hall chambers.

"I am not a person who belives in making promises for promises' sake. I want to declare war against fraud, corruption and maladministration in all its manifestations.
Strict measures will be taken against councillors and officials who were found to be doing business with the municipality they serve.
We will ensure that departments adhere to the supply chain management processes and officials will not be allowed to flout tender procedures" warned Nxumalo.

His Worship, Clr Nxumalo outlined approximately ten major priorities that, he conceded, would drive forward the numerous unmatched achievements that were scored over the past 17-years of democracy under the stewardship of the outgoing mayor Obed Mlaba.

He noted the great strides made to create an integrated city in line with the municipaslity's 20/20 vision, andemphasised that together with his 10-man executive committe they aim to enhance service delivery backlogs with the huge budget of R 68 million they inherit from the previous council.

The new exco saw councillor Nomvuzo Shabalala becoming the Deputy Mayor, councillor Logie Naidoo becoming the Speaker, and councillor Stanley Xulu assuming the vital role of being the Chief Whip.

As councillors of this municipality, we have to ensure that we show leadership and each councillor must make themselves available for public scrutiny. All councillors must declare all the business interests they have with our municipality programmes, cautioned Nxumalo.

"Collegues, in everything we do we must strive to find the right balance between economic, social and environmental responsibilities.
Our major and critical priority is to eliminated the backlogs in basic service delivery. We must recognise the great strides made by the previous council, we must ensure that we maintain our existing assets and ensure that we continue to provide our residents with the highest services possible" he said.

The incumbent eThekwini mayor stressed an emphasis that the new executive committe will have to improve their oversight to ensure that all the resources of the city (be the human resource, technical or financial resources) were utilized economically, effectivelly and efficiently.

Nxumalo also announced that working in partnership with organised business and the trade union leadership, they will as the new exco hold an Indaba to deliberate and brainstorm on strategic plans that aim to increase employment opportunities of the city residents and how they the put in place mechanisms to grow the municipality's economy.

"Fellow colleagues, we are servants of our residents and visitors. Councillors must be seen to be working together with all our people and we must ensure that our communities are always part of development as we create better lives for all" concluded Nxumalo.

Even the opposition partyleadership sang praises of the Mayor's maiden speech, with Minority Front leader Amichand Rajbansi and the National Freedom Party's Wiseman Mcoyi both saying the mayor promise is good for the eThekwini Municipality's future goals.
ENDS

Monday, May 9, 2011

NEW MARKETS & NEW FLIGHTS FOR SA's TOURISM INDUSTRY

THE Indaba Tourism 2011 Global Media Face-Off tackled pertinent issues that will translate the South African tourism industry into a powerful emerging market that rightfully conforms to the critical objectives as outlined in the global trends and the country's National Tourism Sector Strategy frameworks.

These exciting news were deliberated upon at the Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre during the Indaba Tourism 2011 Global Media Face-Off that was moderated by the internationally-renowned CNN's Richard Quest, and was attended by approximately 500 domestic and foreign journalists.

South African Tourism CEO Thandiwe January-McClean emphasised the importance of the Soth African people, their culture, heritage and their lifestyle offerings and dubbed it as a critical key towards enhancing athe country's vibrant tourism industry and how they aimed to maximise the international visitor gains.

She noted that South Africa's further success in the tourism industry lies in the diversification of the country's target market base, coupled with the offerings it presented to the wider international tourist.

" The objectives of the National Tourism Sector Strategy is a new focus supported by South African Tourism's marketing strategies and campaigns for the subsequent years, and of particular importance to us are the new markets that showed exponential growth last year" said January-McClean.

Despite reservations from the panellists over the critical challenges encountered through the swift air travel inside and outside the country, Allan Moore from the Board of Airline Representatives of South Africa, re-assurred 2011 Indaba Tourism delegates that 'if there were air routes that were proving to be competitive and cost effective,' they will not hesitate in adding more flights.

"The projected growth in air travel to the Republic would create further motivation for additional flights. We shall address the call to reign in costs as this reduce attractiveness for airlines usage. This was a concerning challenge that needs to be addressed to reach out to our arrival targets from identified tourism markets" explained Moore.

Speaker after speaker noted that they needed to collaborate holisticly and it agreed that the key to success lies in communication between various tourism sector bodies.

The past immediate Head of the Durban's ICC, who is now the International Marketing Council CEO, Miller Matola said the emerging market threshold could not have come at a better time as it presented huge opportunities for the country's local leisure and business tourism bodies.

Accordingly, Matola paraphrased the discussion into four words; "New markets, same challenges", and he cajoled the tourism industry stakeholders to maximise new opportunities now that they were members of the rapidly-trade developing 'Brazil, Russia,India, China, South Africa' axis.

"Given South Africa's prominence in the emerging global economy, following our recent intergation into BRICS, the rise of the developing world's share of global economic power is particularly relevant to future growth of the tourism industry" emphasized Matola.
ENDS


Moore's re-assurance concided with the weekend announcement that KwaZulu-Nata's King Shaka International Airport is to get direct flights to London and air route across Africa, to Kenya.
The announcement was signed off, among others by KZN Economic Development and Tourism MEC Mike Mabuyakhulu, Dube TradePort CEO Rohan Persad and the CEO of country's largest privatelyy owned Comair Airlines, Gidon Novick.

Wednesday, April 20, 2011

DURBAN HOSTS THE HICA SYMPOSIUM

LEADING KwaZulu-Natal trade and hospitality industry stakeholders have hailed the hosting of the sub-Saharan Hotel Investment Conference Africa (HICA) symposium in Durban's North Coast Fairmont Zimbali Resort on May 5-6, 2011 as the country's biggest hospitality investment Indaba to date.

According to the stakeholders, HICA is the 'Think Tank' that aims to provide insight into global best practise in the hotel sector and promote actual investment projects, and has evolved over the years to have a more specific focus on hotel investment opportunities.

KZN MEC for Economic Development and Tourism spokesperson Bheko Madlala has described HICA 2011 as 'the most influential hotel investment conference'.

"As the provincial government arm tasked to regulate the trade and economic development, we are excited with the hosting of HICA in our province.
This will translate into numerous business opportunities to our citizens, be the well-established hospitality industry operators, emerging hotel industry entrepreneurs, investors and developers in the wider South African hospitality industry sector" said Madlala.

Madlala added, the HICA symposium was organized by the Tourism Business Council of South Africa (TBCSA) and both the Tourism KZN and Trade and Investment KZN were named as the official partners of the HICA 2011 two-day symposium.

And Tourism KZN Chief Executive Officer Ndabo Khoza could not contain himself and said 'it makes good business sense to host HICA because this conglomerate of hospitality industry stakeholders has proved itself as a viable economic platform for both investors and developers to maximise their business opportunities.'

"HICA brings together many trade and tourism stakeholders from all over the world. We are humbled to host and support this event as important business suppliers and vital service providers will converge in Durban to explore new and sustain existing business opportunities." noted Khoza.

According to TBCSA CEO Mmatsatsi Marobe, they were very proud to be hosting HICA in KwaZulu-Natal for the first time.

"We have been pushing for quite a number of years now to bring HICA to the East Coast region.
The HICA 2011 programme will brainstorm and discuss in details the hospitality investment climate post the FIFA 2010 Soccer World Cup finals, how the world moves out of the recent economic meltdown.
Invited experts will give practical advise on intended ventures related to financing, navigating the hotel industry potential as we aim to present Southern Africa as a viable, solid and long-term investment option for the hospitality industry sector." explained Marobe
ENDS

Thursday, December 30, 2010

IMPIKISWANO NGOHULUMENI WEZIFUNDAZWE

OSOPOLITIKI bawuhlobo lwabantu olungamagovu, angogimbela kwesabo futhi abangakukhathalele ukwenabisa amandla okubusa kuzozonke izinhlaka zemiphakathi abayiholayo kodwa abalobizela ukuthi wonke amandla okubusa abesezandleni zabo kuphela, phecelezi, 'centralisation of power'.

Lamazwi anohlonze kangaka asanda kuphimiswa ngumbhali ovelele, oyisifundiswa futhi esake saba nguMqondisi-Jikelele wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uSolwazi Otty Nxumalo, ngesikhathi sixoxisana ngezinselelo ezizobakhona njengoba sekubhekwe kukhetho lomasipala kulonyaka ka2011.
"Inselelo ebhekene noquqaba olwakhele lelizwe laseNingizimu neAfrika njengabavoti kulohulumeni wentanto yeningi ukuthi mabahlale bezibhekile futh beyilandela imithetho eshaywa noma igqubo-mgomo yokubusa lelizwe.
Mabakuqaphele futhi bakuqhakambise ukuthi imithetho ephasiswayo iqembu elibusayo ngenhlose ukusabalalisa amandla okubusa ngokuthi andlaleleke futhi asabalalele kuzozonke izinhlaka ezisondelene nemiphakathi eyakhele.

Kunokuba kunqindwe noma kubulawe isakhiwo sohulumeni bezifundazwe, bekungakuhle kuthekelwe kuhlobo lokubusa olusetshenziswa eMelika, phecelezi, federalism, kunokuqeda lobohulumeni berzifundazwe." kucacisa okaZwide.`


Phela ngemuva komzukuzuku wezingxoxo zokwakhiwa kabusha kwalelizwe (CODESA) esikhathini esicela emashumini amabili eminyaka eseyadlula, zonke izinhlangano nabaholi bezepolitiki bavumelana ngesakhiwo sezwe elinomholi oyedwa wezwe (State President), bese kuphinde kwakhiwe uhlaka lohulumeni bezifundazwe oluholwa ngoNdunankulu (Premiers).

Nokuthe makhathaleni ngonyaka ka2000 kwaphasiswa uhlaka lohulumeni bomasipala (local government) okuyilo esibuswa ngalo emazingeni esakhamuzi nesakhamuzi.


Masikuqhakambise ukuthi iningi lezakhamuzi kulelizwe zisakubona kuwuhlelo olwakheke futhi olusasebenza nokumelwa ngokuyikho ukuba nalezinhlaka ezintantu zikahulumeni.

Kodwa-ke, njengoba isisho esidala sisho ngosopolitiki,sekuqale imvunge ngokuthi make kuphindwe kubhekisiswe ukuhleleka kanye nokusebenzisana kwalezinhlaka zokubusa.


Ngokwezibalo zezimali ezibekelwa labohulumeni ababalelwa kwisishiyagalolunye ezweni lonke, ohulumeni bezifundazwe babekelwe imali yabakhokhi-ntela (2009/10 Annual Budget) isamba sika R1.650 billion ebesihlinzekelwe ukuletha noma ukusondeza intuthuko kwizakhamuzi nokuholela amalungu asimele kwiShayamthetho.


Phezu kwalezindodla zezizumbulu ezihlinzekelwe ngokuphindiwe ohulumeni bezifundazwe, iningi labaholi seliqala ukushaya amakhala ngalabohulumeni bezifundazwe kanye namaqxathi abawadlalayo ukusiza imiphakathi nezakhamuzi ezibakhele.


OnguMongameli womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, noyiyo enkulukazi kulelizwe iCOSATU, umnumzane Sidumo Dlamini uwuvezile owakhe umuzwa ngalenxanxhathela yohulumeni abamosa izimali zabakhokhi-ntela futhi ezihlale zihlabe uhide kulandelwana ngezibizayo izimoto kuthiwa "siyohlaba isoyi, siletha intuthuko ebantwini".

"Kuzodingakala sizame ukuqhamuka nesu elisha lokuletha izidingo kanye nentuthuko kwimiphakathi yethu. Lide kakhule lelipayipi lokubusa kusuka ePitoli, kwifundazwe kuyima intuthuko isabalalela kwimiphakathi yethu ngokukahulumeni kaMasipala" ukubeka kanje uSibalikhulu.


Kungekudala neqembu elibusayo kade libambe ingqungquthela yalo yengqubo-mgomo (National General Council) lapho loludaba luke lwahlaziywa, kwase kuphinda iANC National Working Committe yenza isiphakamiso sokusungula ithimba (CVommission to review the three-tier system of government).


Abaholi bamaqembu aphikisayo sebevele bakukhahlela ngazo zombile ukuqedwa noma ukwehlisa isibal sezifundazwe kulelizwe.

Umholi weqembu leInkatha Freedom Party kulesifundazwe (akathandanga igama lakhe lishicilelwe) ukhale ngokuthi lokhu "kulicebo lokukhohlakala elenziwa iqembi likaKhongolose ukuze aqonele amanye amaqembu asenamandla okubusa ezifundazweni azinzile kuzo".


Kanti umnumzane James Lorimer, ongumholi nesikhulumi sakwaLocal Governance kwiqembu leDemocratic Alliance ukubekwe kwasabalala ukungahambisani kwabo naloluhlelo.

"Iqembu likaKhongolose livusa izingxoxo ngohulumeni bezifundazwe ngoba selehlulekile lancama ukuhlwitha uhulumeni kanye nokubusa kwisifundazwe sethe eWestern Cape.
Umhlaba wonke uyazibonela ukuthi isifundazwe saseNtshonalanga neKapa sibuswa kahle futhi izidingo-nqangi ziyafinyelela kwimiphathi esakhele lesifundazwe, ngeke sivume kuncishiswe noma kuqedwe ohulumeni bezifundazwe" kuphetha umnumzane Lorimer.

Kanti onguNdunankulu wasesiFundazwe saseFree State, futhi esiholwa nguye uKhongolose usezwakalise ukungabi nanxa uma izifundazwe ezincane futhi ezingenawo umnotho omuhle ukuthi kungakuhle zihlanganiswe nalezo zifundazwe ezinamandla angconyana kwezomnotho.


Bafundi nami nginiphonsela inselelo yokuthi masiludingide loludaba mhlasimbe siyoqhamuka nesisombululo esikwamukeleka kuzozonke izakhamuzi zaseAfrika eseNingizimu.


Kubhale: NKONZWENHLE MQADI
[OnguMbhali ozimele futhi nothandayo ukuhlaziya ezepolitiki, kanti unguMsunguli we'EMAQADINI MEDIA blog]
Usebenza ngokugcwele njengothisha ngaphansi kweSADTU Vela Makhanya Branch}
Cell: 0825816323 / 0741352326